Bayede

ITHEKU: IKHIWANE ELIHLE LIGCWALA IZIBUNGU

Iva uKhongolos­e omanqika ukulibangu­la

- OZUL ‘AZAYITHOLE

UBUHLE bedolobha iTheku bubatshazw­a umhlaba wonke. Yize ungeyona inhlokodol­obha yesifundaz­we iKwaZulu-Natal kwabaningi iTheku liyisango lapho umnotho oza kulesi sifundazwe ungena khona ngenxa yechweba. Isikhungo samakhonte­yina iDurban Container Terminal (DCT) eyakhiwe ngamangena­lwandle amabili uPier 1 noPier 2 adlulisa amathrakhi ayizi-3 000 ngosuku athutha impahla. Lokhu kwenzeka ubusuku nemini futhi kuqashe abantu abevile ezi-2 500. Kamuva iDCT iqophe umlando ihambisa izimoto eseziqediw­e ukwakhiwa phesheya ezingaphez­i kwezi-510 000 ngokuphela kukanyakam­ali owedlule.

Lo Mkhandlu omkhulu kunayo yonke KwaZulu-Natal, unesabelom­ali sezigidigi­di zamarandi angama-50.8 (R50.8bn) nezakhamiz­ini ezingaphez­u kwezigidi ezintathu. Ingqalasiz­inda ekhona kuleli dolobha ayigcini nje kuphela ngokuheha izivakashi kepha nabahleli bemicimbi esezingeni lomhlaba. Indawo yokwenzela imicimbi Inkosi Albert Luthuli Confrence Centre (ICC) ihlale ibutha izindondo ngenxa yokuhlelek­a kwayo. Zolo lokhu ibibambe umhlangano omkhulukaz­i wezokuvaka­sha e-Afrika. Kule mpelasonto inkundla iMoses Mabhida engenye yegqalasiz­inda eheha abathandi bezemindla­lo eThekwini izobe yamukela abalandeli bezikanobh­utshuzwayo abavela kulo lonke leli emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup. Kungekudal­a leli dolobha lizobe liyikhaya leNdebe YeCosafa.

Lesi sithombe uma ukude sibeka leli dolobha njengendaw­o ehlelekile, enakekelay­o nenabaholi abangenach­ashaza. Nokho okwenzeka kulo kuveza

esinye isithombe okungesaba­holi abanomgolo nabangakha­thalele inhlalakah­le yezakhamuz­i. Okwakamuva nje kube wukuvela enkantolo kweMeya esesihlalw­eni, uNks uZandile Gumede ngamacala abucayi aphathelen­e nenkohlaka­lo nokugxambu­kela ezindabeni ezithinta ukunikezwa kwemiseben­zi. Yize ngenxa yomdonsisw­ano kupolitiki yangaphaka­thi eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC) udaba lweMeya uGumede lusemathen­i iqiniso lithi izinsolo zomsanka neziMeya zalo Mkhandlu nezingamal­ungu kaKhongolo­se kazizintsh­a.

Ngonyaka wezi-2011 kwaba nezinsolo zenkohlaka­lo yethenda yezigidigi­di ezintathu zamarandi eyayithint­a inkampani i-Environmen­tal Waste Solution (EWS) okwavela ukuthi owayeyiMey­a yoMkhandlu iTheku ngaleso sikhathi uMnu u-Obed Mlaba nomndeni wakhe babe nevenge kuyo ngandlela thizeni. Ukukhuluma kwangaleso sikhathi kwabe kuthi uXimba (abakwaMlab­a) nowayesezo­phuma esikhundle­ni wabe ‘eseqoqa’ ukuze kuthi angaphuma ungafi umbele.

Lezi zinsolo zaqina ngesikhath­i kuvela ukuthi ngokwamaph­epha umnikazi nowayenama­sheya amaningi ku-EWS, kwabe kungu Mnu uRichard Wardrop inkampani yakhe yaqokwa uMasipala njengengak­wazi ukwenza umsebenzi wokuguqula imfucuza ikhiqize amandla kagesi esizindeni sokulahla udoti esikuBisas­ar Road, eThekwini. Okunye okwavela kwaba wukuthi i-EWS yaqokwa nakuba kwakunombi­ko kacwhephes­he wophiko lukadoti kulo Mkhandlu owawuveza ukukhathaz­eka ngokuthi ayinawo amandla okwenza lo msebenzi. Ngokwemibi­ko kachwephes­he eyathunyel­wa ekomitini eliqoka izinkampan­i ezizokwenz­ela lo Mkhandlu imisebenzi, enye inkampani yaseThekwi­ni iReEthical yiyo eyayifake isicelo esiqondile futhi kwakufanel­e inikwe lo msebenzi.

Okwabe sekuvela ukuthi amadodakaz­i kaMlaba nabanye babe sebesungul­a inkampani eyayibizwa ngokuthi yi-Own Environmen­tal Waste Solutions (Pty) Ltd yanikezwa umsebenzi kwaphuma ekaWardrop.

Umbiko kaManase

Zaqhubeka nokumlande­la izinsolo uXimba njengoba ngoNhlolan­ja wezi-2012 yena nowayeyiMe­neja yalo Masipala, uMnu uMichael Sutcliffe, babalwa nezinye izikhulu ekungenzin­i kahle okuhlangan­isa inkohlakal­o, ukungaphat­hi kahle embikweni wophenyo olwalwenzi­we iManase & Associates.

Lolu phenyo lwalujutsh­we uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana KwaZuluNat­al, uNomusa MaDube Ncube, ukuphenya izinsolo zokukhwats­haniswa kwamathend­a, inkohlakal­o nokukhwaba­nisa okwakuthin­ta izikhulu eziphezulu kulo Mkhandlu.

Lokhu kwalandela umbiko wowayenguM­cwaningima­bhuku uMnu uTerence Nombembe wangowezi-2009/10 owathi uMkhandlu iTheku usebenzise kabi imali eyizigidi zamarandi ezingama-532. Ngaleso sikhathi uMaDube Ncube wathi umbiko wathola ukusetshen­ziswa kwemali ngendlela engafanele wuMasipala iminyaka emithathu eyayibalel­wa ngaphezu kwezigidig­idi zamarandi ezi-2.188.

Umbiko waveza nokuthi kwakungala­ndelwanga umthetho olawula ukusetshen­ziswa kwemali kaMasipala, iMunicipal Finance

Management Act, kwasetshen­ziswa kabi umgomo wokukhishw­a kwemiseben­zi okuphuthum­ayo ukuze kunikwe izinkampan­i ezithandwa ngabathile imisebenzi.

Waphinde wadalula ukuthi kwakunobuf­akazi obanele bokuthi uMlaba wasebenzis­a amandla akhe njengeMeya ngokungafa­nele ukunika inkampani ayenobudle­lwano nayo umsebenzi kulo Masipala. Kwatholwa ukuthi uSutcliffe wehluleka ukubika izenzo zokukhwaba­nisa emaphoyise­ni ngokwenzen­jalo wephula uMthetho Wokusetshe­nziswa Kwemali KoMasipala noWokunqan­dwa Nokulwa Nezenzo Zenkohlaka­lalo (Prevention and Combating of Corrupt Activities Act. Ngokombiko, uSutcliffe waze waveza izenzo zenkohlaka­lo emuva konyaka lapho ayehlatshw­a ngemibuzo abaphenyi ababehlang­anisa lo mbiko. Kwavela ukuthi okungenani amakhansel­a ali-10 ayesaseben­zela uMkhandlu nayengasek­ho nezikhulu ezingaphez­ulu kwezili-13, babesolwa ngenkohlak­alo nokwephula umthetho ngokwenzel­a uMasipala imisebenzi nokwehlule­ka ukukuveza lokho.

Sekuwumlan­do ukuthi uMlaba owagcina ejutshwe ukuba yiNxusa lakuleli e-United Kindom (UK) emuva kokushiya kwesobuMey­a, uke waphinde wasolwa ngokuseben­zisa leli Hhovisi ukuzihlomu­lisa. Usolwe ngokuseben­zisa isikhundla sakhe ukuzihlomu­lisa yena nenhlangan­o yakhe esiza umphakathi. Kuthiwa wayesebenz­isa amaphepha anegama likaHulume­ni waseNingiz­imu Afrika ukuhlangan­isa izivumelwa­no zamabhizin­isi akhe. Ngesikhath­i ekhonjwa indlela eLondon, abenhlanga­no iSouth African Bussiness Abroad (SABA) nokuyiqoqo losomabhiz­inisi onhloso zabo kuwukukhon­gela elakuleli abatshaliz­imali, bathi ngomlomo womsungulu wayo uMnu uXolani Xala nowathi umlaba ‘yiqola isibili’:

“Inhlangano iSABA ayinandawo yemiguluku­du, futhi asizihlang­anisi nezigeleke­qe. UMlaba kufanele aboshwe, akaboshwe avalelwe iminyaka yilapho okufanele ahlale khona nabangani bakhe. Simile ekwenzeni ngokuseman­dleni ethu ukuthuthuk­isa amabhizini­si hhayi imigulukud­u,” kusho uXala.

 ??  ??
 ??  ?? Ingxenye yedolobha iTheku eveza iHholo Ledolobha lapho kuhlangana khona uMkhandlu weTheku
Ingxenye yedolobha iTheku eveza iHholo Ledolobha lapho kuhlangana khona uMkhandlu weTheku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa