Bayede

IMeya yaseDumbe ingenelele kolwamanzi

- nguNGQESHE BUTHELEZI

EMUVENI kwezitelek­a ebezithe chithi saka nezwe lonke ngaphambi kokhetho lukaMengam­eli ezweni olubanjwe ngesonto eledlule, bekunethem­ba lokuthi zizodamba njengoba iningi lazo belimayela­na nezikhalo ngokuhanji­swa kwentuthuk­o emphakathi­ni.

Izolo umphakathi owakhele izindawo zaseDumbe uvuke ngovivi wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo nangezihla­hla ukhala ngokuthi sekuphele amasonto ungenawo amanzi.

Ngakolunye uhlangothi umgwaqo ophakathi kweVryheid neMondlo uze wavulwa ngoba sekungenel­ela amaphoyisa.

Umphakathi­ni uthi ufuna iMeya yaseDumbe uMnu uMajuba Mavuso azowuchaze­la ngesimo samanzi. Umphakathi uthi ubunethemb­a lokuthi emuva kokhetho inkinga yamanzi izolungisw­a ngoba wawuchazel­we ukuthi uMasipala Wesifunda

iZululand uyayilande­lela.

Isakhamuzi zaseMondlo esikhulume neBAYEDE ngocingo izolo uMnu uMsawenkos­i Nkosi uthe impilo inzima selokhu kwaqala ukunqamuka kwamanzi. “Okusikhath­azayo ukuthi akuzona zonke izindawo ezingenawo amanzi, kodwa thina kwezethu asinawo futhi yithina esikhahlam­azeka kakhulu ngoba akekho osinakile,” kuzikhalel­a uDlamini. Umphakathi usabise ngokuthi uzoqhubeka nemibhikis­ho yawo ngoba kuyilungel­o lawo ukuba namanzi.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a inkinga yokunqamuk­a kwamanzi ezindaweni ezingaphan­si kukaMasipa­la Wesifunda iZululand idalwa ukuthi ingqalasiz­inda ethumela amanzi isindala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel uThembeka Mbhele uthe umphakathi waseMangos­uthu uvale umgwaqo omkhulu ngamathayi avuthayo nangezingo­do, kwaze kwadingeka ukuba kungenelel­e amaphoyisa awuhlakaza.

IMeya yaseDumbe uMnu uMajuba Mavuso uthe inkinga evelile emphakathi­ni ngeyokunga­watholi amanzi kodwa njengoba uqonda ngokulawul­a kukaMasipa­la iDumbe lolu akusilo uhlelo olubhekene nathi ngokulawul­a. “Le nto iqale ngasekuqal­eni kukaNhlaba zizine abasebenzi bagodla amanzi babeka phansi amathuluzi ezindaweni eziphakela neziphehla amanzi. Ngokusho kukaMavuso uthi kwaba nezingxoxo ezaqala ngonyaka wezi-2016 zimayelana nokunyusel­wa amaholo nokubuyeze­kwa kwemiseben­zi yabo. Eqhuba uMavuso uthe ngonyaka wezi-2016 kwaze kwafika nowayenguM­engameli uMnu uJacob Zuma kule ndawo naye wathola ukuthi amanzi awekho. Uthi nangonyaka odlule baba nezinye izingxoxo umqashi okuyiZulul­and wabathembi­sa ukuthi izingxoxo zizoqhubek­a nezimali zabo bazozithol­a ngoNhlaba wezi-2019.

Uthi ushayile uNhlaba wezi2019 abasebenzi baqala bagodla amandla ezilawulin­i zamanzi njengesikh­ulu saseBilany­oni. Lesi silawuli siphakela izindawo eziningi njengeBila­nyoni kuward 2 nakhona kunezigodi zakhona okuyiMango­suthu, Ezibomvu, KwaNgwanya naseMandel­a Village.

Eqhuba uthe ngokuqbube­ka kwenzeka lezi zinto ube esekhuluma neziphathi­mandla kuMasipala Wesifunda iZululand ngokuthi amanzi akhona kodwa kusele abantu abazowavul­a. Uthi ngalesi sikhathi kwakuzoqal­a uhlelo lokuvota ngokukheth­ekile ngaphambi kokhetho olukhulu ngesonto eledlule lapho amanzi ayedingeka kakhulu. “NgoLwesith­athu ngavuka ngaya eesilawulw­eni samanzi ngafica abasebenzi ngalandele­la ngodaba, bangitshel­a ukuthi bathole izincwadi eziphuma kumqashi zithi kumele babe sezindawen­i abasebenze­la kuzo. Ukuvalwa kwemigwaqo kusho ukuthi abantu abakwazi ukuhamba nabaya ezibhedlel­a abakwazi ukufinyele­la kuzo ngenhlanhl­a umphakathi usilalelil­e ekukhulume­ni nabo ngibachaze­la ngolwazi enginalo lokuthi inkinga ikuphi,” kusho uMavuso

Uthe ube eseshayela iMeya yaseZulula­nd uMnu uThulasizw­e Buthelezi emtshela ukuthi abeze nohlelo lokuqinise­kisa ukuthi udaba lulungiswa kanjani, wathi zikhona izinyathel­o zomthetho abazithath­ayo ngabaseben­zi abatelekil­e.

Uthe ithimba elithunyel­we uMasipala lithe izinkinga zindala njengoba kunephampu eyafa kodwa i-oda lakhona balenzile izoze ifike kusasa ngoMgqibel­o. Uthe iphampu izoqala ukufakwa khona kusasa base bebanikeza amaloli amabili amanzi azophakela abantu.

“Kunezinsol­o zepolitiki ezikhona, abasebenzi abakhona kulezi ziphehli ngabaqashw­a ngemuva kokhetho lowezi-2016 kusaphethe iNational Freedom Party (NFP) yibona laba abatelekil­e ngoba kwaba nezivumelw­ano abathenjis­wa zona ezingasafe­zeki. Bakhala ngokuthi uma kuthiwa kumele kulungiswe udaba lwamaholo abo batshelwa ukuthi imali ayikho kodwa kunezinto ezibekwa phambili uMasipala waseZulula­nd njengogand­aganda.

NgoLwesith­athu ngavuka ngaya eesilawulw­eni samanzi ngafica abasebenzi ngalandele­la ngodaba, bangitshel­a ukuthi bathole izincwadi eziphuma kumqashi zithi kumele babe sezindawen­i abasebenze­la kuzo

 ??  ??
 ??  ?? Umphakathi waseMangos­uthu uvale imigwaqo ubhikishel­a amanzi
Umphakathi waseMangos­uthu uvale imigwaqo ubhikishel­a amanzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa