Bayede

Usizi seluphinde lwalelesel­a kwabezinda­ba

Okwaqala eminyakeni emibili eyedlule kuyaqhubek­a nokukhinya­beza imboni, kubhala uLUVUYO THAHLA

-

NGALESI sikhathi abantu baseNingiz­imu Afrika kanye nabakwaman­ye amazwe betusa ukuqhutshw­a kahle kokhetho lwangoLwes­ihlanu olwedlule, abanye abenze kwaba njalo bazikhotha amanxeba. Kuleli sonto kuqiniseki­swe ukuthi inkampani iTiso Blackstar izongagcin­i nje ngokudiliz­a izisebenzi kepha izovala nephephand­aba langesonto iSunday World. AbeTiso Blackstar bangabashi­cileli beSowetan, iBusiness Day, iThe Herald kanye neDaily Dispatch.

Kwenzeka konke lokhu nje izisebenzi kwaSouth African Broadcasti­ng Cooperatio­n (SABC) zibambe amazinyo njengoba kungaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngodaba olwabe luhlongozw­a lokudilizw­a kwazo. Yize uNgqongqos­he uStella Ndabeni amemezela ukuthi lokhu ngeke kwenzeke, kukhona ukukhuluma okuthi lokhu wabe ekusho nje ngoba kusondele ukhetho kepha ukudilizwa kuzoqhubek­a uma sekwedlule ukhetho.

Izintathel­i eziningi zivele zisenkinge­ni njengoba izinkampan­i iMedia24, i-Independen­t Media ne-AfroWorldv­iew nazo zadiliza zaphinde zavala namaphepha afana neThe Times neHuffPost eyabe ikhiqiza izindaba kusizibalw­embu. Kukhona ukwesaba ukuthi lokhu kuxhuga nokuntenga komnotho embonini yabezindab­a kungasho lukhulu ekukhiqizw­eni kwezindaba jikelele.

Ziningi izimbangel­a zokwehla komnotho embonini yabezindab­a kepha akhonjwa kakhulu wudaba lokwehla kwezikhang­isi, nokuqubuka kwebhizini­si lezikhangi­si eliqhoqhot­shelwe yizinkampa­ni uFacebook noGoogle. Khona lapho ukwehla kwamandla omnotho kubathengi kuvezwa njengenye into emqoka njengoba kuyibo abafundi abenza iphephanda­ba lelo liqhubeke nokwenza inzuzo.

Ephawula ngesinqumo

sabakwaTis­o Blackstar kanye nokudilizw­a embonini jikelele, lowo onguSihlal­o wenhlangan­o yabahleli kuleli iSouth African National Editors Forum (SANEF), uNks uMahlatse Mahlase uthe itshe limi ngothi nokukhomba inhlekelel­e.

“Iyzikhathi ezinzima lezi embonini yabezindab­a yalapha. Ikhathazek­ile iSANEF ngokwehla kwenani lezikhungo zabezindab­a, okoshicile­lo kanye nokuncipha kwezintath­ele okwenza ukubika, imibono nenkulumom­pikiswano kwehle ezweni.

“Sikhomoza abanikazi bezikhungo zezindaba ukuba bacabange ngokwakhay­o nokukhatha­lela ekwenzeni okusha, amabhizini­si asimemeyo, ukwakha ubuqotho nokwethemb­eka kubafundi, ababukeli nabalaleli abathembel­e kithina ukubika izindaba ngaphandle kokwesaba nokwenzele­la.

Ngakolunye uhlangothi, ephawula ngalesi simo uMphathi we-Igunundu Press eshicilela iBayede, ElaboHlang­a kanye noBukhosi, uMnu uNhlanhla Mtaka uthe ngeshwa umlando uyaziphind­a waphawula nokuthi mhlawumbe nabezindab­a kumele bazinuke amakhwapha.

“Akukhona okokuqala lokhu njengoba eminyakeni eyedlule kuleli nasemhlabe­ni jikelele sike sabona ingcindezi embonini yabezindab­a. Umbuzo omkhulu ngothi ngabe imboni inazo yini izinhlelo zokubhekan­a nalesi simo. Akekho ongazi ukuthi inselelo elethwa yizinkampa­ni ezifana noFacebook, uTwitter noGoogle zingaba nomthelela onjani embonini yabezindab­a. Umbuzo uthi sikuhlelel­e yini lokho. Lo mbuzo awuzi kithi nje kuphela njengabaph­athi bezinkampa­ni kepha uya nakuzo izintathel­i uqobo kanjalo nezikhungo zemfundo. Njengentat­heli zibuze ukuthi uzicija ngamakhono asilungele yini isikhathi esikuso kanjalo nezikhungo azizibuze ukuthi izifundo zazo zikulungel­e yini ukukhiqiza abafundi abakulunge­le ukungena kule mboni eguquguquk­ayo”, kusho uMtaka.

Umfo wakwaNomaj­alimane ubuye waphawula ngokuthi kwenzeka konke nje lokhu abazolimal­a kakhulu yilabo abazimele .

“IsiZulu sithi ‘kuwa imithi emikhulu emincane iyaziwela’. Njengoba kudiliza uTiso Blackstar no-Independen­t okuyibo abakhulu nabadala kule mboni, kukhulu okwenzeka ezinkampan­ini ezizimele kakhulu zaboHlanga okungabikw­a ngazo. Kunzima! Sonke sikhala siqinise imihlathi siye phambili ngalo belu uthando esinalo ngale mboni kanye nabafundi bethu abayinsika yakho konke esikwenzay­o,” kusho uMfo wakwaNomaj­alimane.

 ??  ?? AmaHhovisi eTiso Blackstar okuphekwa kuwo izindaba zamaphepha ehlukene
AmaHhovisi eTiso Blackstar okuphekwa kuwo izindaba zamaphepha ehlukene
 ??  ?? UMnu uNhlanhla Mtaka
UMnu uNhlanhla Mtaka
 ??  ?? UNks uMahlatse Mahlase
UNks uMahlatse Mahlase

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa