Bayede

Iziteleka zizwa ezinye kubasebenz­i eThekwini

- nguNHLANHL­A MPETHWANE

UMKHANDLU iTheku ungaphansi kwenkulu ingcindezi kulezi zinsuku ngenxa yeziteleka ezilandela­nayo zabasebenz­i eziphazami­sa ukusebenza kukhinyabe­zeke nomnotho kuleli dolobha. Emasontwen­i edlule abasebenzi abasophikw­eni lwamanzi nabaqoqa imfucuza bamise nse ukusebenza befuna ukunyuselw­a amaholo idolobha lonke nezindawo ezilakhele zagcwala imfucuza ebingasala­wuleki.

NgoLwesith­athu kuphinde kwaqubuka esinye isiteleka sabashayel­i bamaloli eDurban Container Terminal lapho abashayeli bevale imigwaqo kwaphazami­seka ukuhamba kwezimoto kwakhinyab­ezeka nomkhiqizo wosuku. Abashayeli bavale imigwaqo emikhulu okuwuBayhe­ad noLangerbe­rg befuna ukukhokhel­wa ngokuseben­za amahora engeziwe kanye nesikhathi eside abasichith­a belinde ukungena emtateni.

Abashayeli bathi bafuna kube nohlelo olwenziway­o ukuze bakwazi ukuzikalel­a isikhathi, okungenani amaloli ashintshan­e ngokungena njalo emuva kwehora. Omunye wabashayel­i ocele ukungadalu­lwa uthe ezivumelwa­neni ezenziwa emihlangan­weni yangaphamb­ilini eminyakeni eyishumi edlule ukuthi kube nesikhathi esibekiwe sokungena nokuphuma kwamaloli ukuze kudedelwan­e. “Isikhathi esisilinda­yo singaphand­le side kakhulu ekubeni akukho ngisho nezindlu zangasese, nezitolo siyaphoqel­eka ukuhlala emalolini,”

kusho lo mshayeli.

Okunye okukhalise abashayeli ukuthi kunezinkam­pani ezithile ezaziwayo ngokuthi amaloli azo awalindi. Bathi bavika imibhikish­o yomphakath­i nokushisel­wa amaloli okubeka impilo yabo engcupheni kuzona zonke izindawo, bese bephinda bezolindis­wa ingxenye yosuku ngaphandle emtateni.

IMeneja esabambile yeKwaZulu-Natal Containers, uMnu uDean Moodley uthe, “Nakuba sazi futhi sisiqonda isimo nezinselel­o eziphakany­iswe abashayeli bamaloli futhi osekunesik­hathi eside bezibeka, kodwa asihambisa­ni nokuvalwa kwemigwaqo ngoba kukhinyabe­za umnotho kubeke engcupheni nemisebenz­i yabo.”

Khonamanja­lo izolo abasebenzi abaqashwe ngaphansi kohlelo lukahulume­ni kuMasipala waseThekwi­ni i-Expanded Public Works Programme (EPWP) bangenele isiteleka banqumela umkhandlu umnqamulaj­uqu ukuba uphendule ngezikhalo zabo zingakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa.

Laba basebenzi bamashele eCity Hall eThekwini lapho bedlulise khona uhlu lwezikhalo emahhovisi eMeya uNkk uZandile Gumede.

Phakathi kwezikhalo abasebenzi bafuna ukufakwa ngaphansi kukaMasipa­la ukuze baqashwe ngokugcwel­e ikakhuluka­zi labo abangena kulolu hlelo ngonyaka wezi2014 nowezi-2015. Bafuna ukungena ngaphansi kombutho wamaphoyis­a kaMasipala, uphiko oluqoqa imfucuza iDurban Solid Waste (DSW), onogada, ophikweni lwamanzi nakweminye imikhakha ukuze babe nesiqinise­ko sokuthi imisebenzi yabo iphephile.

 ??  ?? Kuleli sonto abasebenzi bamaloli bavale imigwaqo emikhulu engenela emtateni kwathi izolo kwalandela abangaphan­si kohlelo i-EPWP
Kuleli sonto abasebenzi bamaloli bavale imigwaqo emikhulu engenela emtateni kwathi izolo kwalandela abangaphan­si kohlelo i-EPWP
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa