Bayede

Baphefumul­a ngokuvela enkantolo kweMeya

-

Mhleli

NEMEYA yaseHarry Gwala kwavele kwaphela ngezinsolo ngayo. Namanje uzozwa, kuzovele kuthiwe amacala akhe lomama ayahoxiswa. Bayazi kuthi uma engatholak­ala enecala kuningi okuzovela. Ngakho-ke uhlelo lokubumba umbutho we-ANC yilona lokubavike­la abasezikhu­ndleni ngoba bayazi kuzovela amahlazo bese kuqala ukubulalan­a kubangwa lezi zikhundla ezivulekay­o. - nguSakhile Shelembe

Mhleli

NALESIKHUN­DLA akuso sokuba usihlalo ka-ANC wesifunda saseThekwi­ni kwakuvele kunokuxoko­zela ngokungena kwakhe kuso. Beketula uMnu uJames Nxumalo. Emva kwalokho iTheku laphucwa ukusingath­a amaCommonw­ealth Games ngowezi-2022. Esandleni sakhe sibona kugqoza nokulethwa kwezidingo. - nguChappie­s P Lindo Mabaso

Mhleli

BABA Nkosi yeZulu nomhlaba. Ngiyakucel­a Jehovah Baba wezizwe zonke ukuba aboshwe lomholi ukuze abantu bakho Baba bahlale kahle ezweni lakho. Amen - nguMbuzeni Vezi KaDweba

Mhleli

ABANTU abayeke ukuhlangan­isa okungahlan­gani bathi ingoba uZandile wayehambis­ana noMaDlamin­i Zuma. Ngiyala. Cha, akunjalo. Landelani udaba lwekhansel­a elisanda kushona eMlaza lakwaMaphu­mulo. - nguMthobis­i Mabheleni Ntuli

Mhleli

SONKE siyazi ukuthi siyakhohli­swa nje, kuzoboshwa imali yabakhokhi bentela yena azitamasel­e ngaphandle. Ijele lingelethu thina abadla imbuya ngothi hhayi omtakabani. - ngu-Azania Buthelezi

Mhleli

EYI lezi zindaba zivele ngesikhath­i esibi i-ANC usabhiyoze­la ukunqoba ezifundazw­eni eziyisisha­galombili nakuzwelon­ke kuveza isithombe esibi. - nguMapiwan­a Bhelebani Godide

Mhleli

BAVOTILE abantu bavotela ukuba mayiqhubek­e inkohlakal­o. Kulungile kuvume bona abantu. - nguMthokoz­isi Snothi Ndlovu

Mhleli

ABANELI banonya abacabange­li isizwe. Uboshiwe akaboshiwe kodwa useyaziwa, yisigebeng­u. - nguGirly Shabalala

 ??  ?? IMeya uZandile Gumede
IMeya uZandile Gumede

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa