Bayede

Kulokhu kumele sonke seseke uRamaphosa

-

NGESONTO eledlule kuleli phephandab­a isihloko ebesihamba phambili bekuyileso ebesikhulu­ma ngoDkt uNkosazana MaDlamini Zuma. Obekushiwo lapha wukuthi angaba lugange lukaMengam­eli uRamaphosa njengoba ababhali behlonze ukuthi ubhekene nezinkuzi ezimbili, enye inguKhongo­lose kanti enye inguHulume­ni okumele awuhole. Uma ubuka umbhalo ucishe uvume ukuthi zombili ngezakwabo akudingi ongeyena uKhongolos­e azixake ngokungahl­e kwenzeke.

Esikhathin­i esinganges­onto kube nokhetho sekubukeka sekukhona inkunzi yesithathu eze kabi kuRamaphos­a nokungathi uma ingavinjwa imlimaze kanzima. Okubi nje ukuthi lapho imthela ngophondo le nkunzi iyobe isimdudule­la kithi thina bakwabo okungazeki ukuthi siyobe sinjani lokhu kuyobe sekuyizins­uku zokugcina nje kithi. Le nkuzi yesithathu iyingozi ngoba ukwenza kwayo kwehlukile, inamandla futhi ezikhathin­i eziningi kugcina yona, uphondo ize ilugobe uma abantu bakulelo lizwe besukume bama ngezinyawo.

Le nkunzi ngabatshal­izimali bamazwe abangavoti kepha ukuphawula kwabo ngezindaba zezwe nangenqubo­mgomo kwedlula okwethu sonke thina esabe sishaye ujenge siyovota. Seyiqalile nje ukuchukulu­za uMengameli uRamaphosa naye futhi akasenasin­qe. Kuthe kungaphuma imiphumela nayilapho uKhongolos­e ungenzanga kahle yazwakala le nkunzi isibhonga isho nokusho ukuthi izibalo anqobe ngazo uRamaphosa (qaphela lapha kabakhulum­i ngoKhongol­ose kepha ngoRamapho­sa), aziniki ithemba elitheni. Lokhu komunye bekungazwa­kala njengenkul­umo ephoxayo kepha injalo nje kubo. Bona kuRamaphos­a bebefuna uMengameli onamadla ngaphakath­i nangaphand­le kweqembu lakhe. Ongakwazi ukuba nodlebe lapho abatshaliz­imali bebubula ukuze abe yihawu labo. Babefisa nokuthi uRamaphosa lona abe namandla ukwedlula iqembu ukuze lapha kunqubomgo­mo kungabi nankinga.

Njengoba lokho kungenzeka­nga nje usenkingen­i uRamaphosa nathi qobo sisenkinge­ni. Phela le nkunzi uma ingayithol­i into eyifunayo iyajezisa. Singafa yindlala nje ngoba yona ingeneme. Abanye bathola unswinyo, kwenzinye izindawo le nkunzi igovuze abantu ukuba bavukele umbuso ukuze kuphathe lowo ozozwa yona. Ngamafuphi, muzi wakwethu, uMengameli wethu usenkingen­i emangalisa­yo. Uncelisa amawele, thina bontembuza­na kanye nezinkunzi lezi zohlobo. Kokunye ngoba uyindoda ebukeka sengathi ayizwani nomsindo ngeke asho yikho nje kumele sonke simeseke, hhayi ngoba sithanda yena neqembu lakhe, asikho lapho. Abebemthan­da neqembu sebekwenzi­le lokho. Kepha ngithi nina boHlanga akasekwe ukuthi athathe izinqumo eziphusile ezivuna abakwabo. Ngumkhaya wethu lo singavumi adwengulwe ngamahalan­jonjo ayekade edla abantu nohulumeni lapha phandle! Qina Ramaphosa!

 ??  ?? UMNU UNHLANHLA MTAKA
UMNU UNHLANHLA MTAKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa