Uthando lwezikhulu ngabantu alungashabalali
KUYADUMAZA ukuthi uma kukhona into enedumela eyenzekayo izikhulu zikaHulumeni, amaqembu ezombangazwe, abefundisi nabanye babonakala behamba phambili kodwa emva kwalokho kuvele kuphele ngetswayi.
Ngesikhathi abantu behlukunyezwe yizikhukhula eThekwini nakwezinye izindawo zaKwaZuluNatal kwathokozisa ukubona izinhlaka ezahlukene zibambisene zivela komabonakude, ezinkundleni zokuxhumana, emaphephandabeni, njanjalo. Ziningi nezethembiso ezenziwa kubantu abehlelwe yinhlekelele. Kungajabulisa ukubona ukufezeka kwezethembiso ezenziwa kubantu, njengoba kukhona abahanjelwa yimizi, basala dengwane. Izikhulu ezazisondele kubantu ngesikhathi senhlekele kungakuhle zibonakale zibuya nosizo noma ukuzobheka ukuthi abantu sebezitholile yini izinto abazidingayo. Ingcuphe yokungakwenzi lokhu ukuthi usizo oluthunyelwa kubantu lungase lungaqapheleki uma “selwehliswe ngamasokisi”. Enye ingozi yokuhambela kude nabantu ukuthi bangagcina becabanga ukuthi kwakwenzelwa nje abathwebulizithombe.
Ukhetho lwalo nyaka yowezi-2019 lube nezibalo ezincane zabavoti. Ezinye zezikhalo zabavoti ukuthi osopolitiki bayasondela uma befuna amavoti kodwa bahambele kude njengelanga lasebusika uma sekuvotiwe. Lapha kusuke sekunakwe osibanibanyana, sekukhethwa iphela emasini. Amaqembu abamise ukuthi abe nemicimbi yokujabulela impumelelo yawo okhethweni ngokuthi kube nemicimbi ewubukhazikhazi noma embalwa kakhulu uma kuqhathaniswa nesikhathi sokukhankasela ukhetho.
Futhi kuvamise ukuthi nezinto zokuhamba zingabe zisalethwa njengalesikhathi kusakhankaswa. Osopolitiki baqabula izingane, baqhube amabhala, bangene emizini yabavoti bahlale phansi kungekho ngisho amacansi. Kodwa loluthando alubonakali uma sekuvotiwe. Uthando olukade luvutha amalangabi luyehla noma lunyamalale.
Ezinkundleni zokuxhumana kuke kwagijima umyalezo ebekuthiwa ufakwe omunye wongqongqoshe baseGauteng kodwa waphika ukuthi wuye. Lo myalezo ubuncoma ukuthi esikhundleni sokuya ezinkundleni zemidlalo, nasemicimbini yomtakabani, uma kuqedwa kufanele osopolitiki bahambele umuzi nomuzi beyobonga kubavoti, njengalokhu bekwenziwa ngesikhathi kunxenxwa amavoti. Abaningi bathe noma ungqongqoshe ephika nje ukuthi wuye ofake lomyalezo, kodwa wona uwumqondo ophusile.
Umsebenzi wokusebenzela abantu akuyona into yokuthi kuvelwe amaqabuqabu, kodwa ubuhlobo bothando lukasofasilahlane. Uma abasebenzela umphakathi behlale beseduze kwabantu kuyoncipha izigameko zokubhikisha nodlame. Sikhuluma nje kunezindawo ezahlukunyezwa yizikhukhula ezingakaze zibone nelilodwa nje ifosholo lamasipala noma lenkampani ethunywe wumasipala ukuzolungisa.