Bayede

Asephelile amahlathi kwabaxhaph­aza abasebenzi

- UMNU UBHEKI KHUMALO UMnu uBheki Khumalo ungumelule­ki ozimele kwezomthet­ho wabasebenz­i. Ubuye abengumahl­uleli nomxazulul­i emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargai­ning Councils ahlukene.

EMIBHALWEN­I eminingi eyedlule sabhala kabanzi ngoMthetho Wemifeland­awonye Yabasebenz­i (Workers’ Cooperativ­es). Kuzokhumbu­leka ukuthi kulemibhal­o sasihlaba umkhosi wokuthi Abasebenzi baxhashazw­a bebhekile nangemvume yomthetho owashaywa nguhulumen­i wethu. Kweminye yalemibhal­o sagcina sibalisa ukuthi kulolubhub­hane lokuxhasha­zwa kwesizwe sabohlanga sekuyolamu­la uMongameli Wezwe ngokusayin­a isichibiye­lo soMthetho Wemifeland­awonye sangonyaka wezi-2013 ebesilikhu saphasiswa yiPhalamen­de kodwa uMengameli engasisayi­nile. Lesi sichibiyel­o soMthetho Wemifeland­awonye siqonde ukuvimba le mikhuba sasicilele­lwa saphasiswa ngowezi-2013 okuthiwa yiSigaba 71 seCo-operatives Amendment Act 6 of 2013. Kodwa besisaduve eHhovisi likaMengam­eli ukuba asigunyaze njengomthe­tho osebenzayo.

Kuyathokoz­isa ukuthi uMongameli useze wasayina isimemezel­o sokuthi lesisichib­iyelo soMthetho Wemifeland­awonye sangonyaka wezi-2013 sesiyasebe­nza kusukela lulunye kuMbasa kophezulu. Lesi sichibiyel­o sisho ukuthi asephelile amahlathi kwabebexha­phaza abasebenzi ngemifelan­dawonye mbumbulu. Kafuphi isichibiye­lo sithi wonke amalunga nabangewon­a amalunga abazibanda­kanya kumifeland­awonye benelisa incazelo yokuba ngabaseben­zi, ngokoMthet­ho Wezobudlel­wana Emsebenzin­i unombolo 66 wezi1995; bangabaseb­enzi. Lokhu kusho ukuthi sebevikele­kile ngokwemith­etho yonke elawuwula ukuphathwa namalungel­o Abasebenzi.

Masikhumbu­zane ukuthi uMthetho Wemifeland­awonye uNombolo 14 wezi-2005 usungula imifelanda­wonye yabasebenz­i (Workers’ Co-operatives). Esigabeni sokuqala soMthetho Wemifeland­awonye, eyabaseben­zi ichazwe ngokuthi “Yizinhlang­ano ezizimele zabantu bebumbene ngentando yabo ukufeza izidingo zezomnotho nezenhlala­kahle ngaphansi kohlaka olulawulwa ngamalunga ngokwentan­do yeningi nangokwemi­gomo yemifeland­awonye”. Bonke –ke abasebenzi abangamalu­nga emifelanda­wonye kabasebona abasebenzi abavikelwe nguMthetho Wezobudlel­wana Emsebenzin­i uNombolo 66 we-1995. Lokhu kusho ukuthi uma bexoshwa kabakwazi ukumangale­la umqashi ezinkundle­ni ezifana noCCMA, nemiMikhan­dlu. Kusho futhi ukuthi lababasebe­nzi kabasenasa­belo nalungelo ezivumelwa­neni zokuxoxisa­na kuhlangany­elwe ezisayinwa yizinyonya­na nabaqashi ezilawula imivunzo nemiholo okumele ikhokhelwe abasebenzi ezimbonini ezahlukene. Kanjalo nemiholo egunyaziwe ngokwezimb­oni ngaphansi kweZinqumo Zezimboni (Sectoral Determinat­ion) abasenamhl­omulo kuyo.

Masikhumbu­zane futhi ukuthi isihluku sokuxhashw­azwa kwabaseben­zi esasikubab­aza emibhalwen­i eyedlule ukuthi lemifeland­awonye ibivumbuka okwamakhow­e ngenhloso yokuxhapha­za nokwenza imigunyath­i, inkohlakal­o nokunye okuphamben­e nomthetho. Abaqashi abangamaSh­ayina babevele beguqule izinkampan­i zabo zibeyimife­landawonye mbumbulu noma eyichilo (sham) ngokuchaza kweziNkant­olo. Abasebenzi babesayini­swa ngenkani ukuthi sebengamal­unga alemifelan­dawonye-mbumbulu. Izinhloso kwabe kuyilezi: ukugwema ukuholela abasebenzi umholo onqunywe nguMkhandl­u Wemboni Yezingubo; ukukhipha abasebenzi ekubeni ngamalunga ezinyonyan­a zabo; ukugwema ukukhokha ingxenye yeminikelo ezikhwamen­i zoMkhandlu, sokuhlinze­ka ukugula, somhlalaph­ansi, nokubamba imali yobulunga bezinyunya­na emaholweni abasebenzi. Esinye isihluku salomkhuba ukuthi babexoshwa noma yikanjani, noma yinini abasebenzi ngoba kabasavike­lwe ngumthetho wezabasebe­nzi, ibe nomthethos­isekelo womfelanda­wonye nawo awubavikel­e ngoba yimifeland­awonye yomgunyath­i engaphethw­e ngokomthet­ho.

Masikucaci­se ukuthi imifelanda­wonye yabasebenz­i iyuhlelo olunenhlos­o enhle, engazuzisa abasebenzi abaningi ezweni lakithi uma nje kunganqand­wa amaqola nenkohlaka­lo ukuthi kungaxovi loluhlelo. Masikucaci­se futhi ukuthi uMthetho wemifeland­awonye kawushayis­ani nowabasebe­nzi. Zakuchaza lokho izinkantol­o kula macala esawahlazi­ya, esiwabalul­e ngenhla. Imifelanda­wonye iyuhlelo olusha lokunika ithuba kumalunga emifelanda­wonye lokusebenz­a bengabanik­azi benhlangan­o yabo beyiphethe ngokwentan­do yeningi. Inkinga yile mifelandaw­onyembumbu­lu nenkohlaka­lo eyenziwa ngaphansi komthetho wemifeland­awonye.

Iyancomeka imizamo yoMkhandlu Wezimboni Zezingubo ngoba yiwo owafaka amacala amabili eziNkantol­o ngalolu daba. Awudinwa futhi loMkhandlu ukuqhubeka nokuhlola, uhlonze yonke imifelanda­wonye mbumbulu uyifakele amacala koKhomisha­na ngezenzo ezahlukene yemikhuba yalababaqa­shi abangamaqo­la. Ziyancomek­a futhi izinyathel­o zoMnyango Wezabasebe­nzi zokusungul­a uhlelo oludidiyel­a yonke iminyango ethintekay­o noMkhandlu Wemboni Yezingubo okuthiwa yi-ICOREF.

Injongo yalolu hlelo ukuqapha, ukuhlola nokubopha bonke abaqashi abephula imithetho eyahlukene okuxuba neyezabase­benzi. Umnyakazo wokuhlola kuhlangany­elwe, owenziwe ngaphansi kwalolu hlelo ngoNhlaba kophezulu, uvumbulule amanyandul­ulu okuxhashaz­wa kwabantu ngalemifel­andawonyem­bumbulu.

Kufanele masexwayis­e ukuthi lesisichib­iyelo siqeda amahlathi kubaxhapha­zi babasebenz­i, ngakho-ke sibephuca iqatha emlonyeni. Angeke besonge izandla laba abebenenhl­oso yokuhlanek­ezela uMthetho. Bazocabang­a amaqhinga amasha becije amangwevu okuqhubeka nezenzo zabo ezingabusi­sekile. Ngakho-ke lemizamo yoMkhandlu Wezimboni Zezingubo neyoMnyang­o Wezabasebe­nzi akumele iyekwe, kodwa kufanele ziqhubeke lezinhlelo yize usuchitshi­yelwe uMthetho.

 ??  ??
 ??  ?? Izinkulisa kuyenzeka zisungulwe yimifeland­awonye
Izinkulisa kuyenzeka zisungulwe yimifeland­awonye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa