Bayede

IZINGQALAB­UTHO ZAYIZOLO

-

UKUKHULUMA kwesiZulu okuthi umfundisi akamzali omunye umfundisi safakazele­ka kuPotlako Kitchener Leballo owayeyindo­dana yomfundisi waseSheshi. Wazalwa zili-19 kuZibandle­la ngowe-1915 eMafeteng eBasutolan­d eyaguqulwa yabizwa ngeLesotho. Akazange alandele ezithenden­i zikayise ngoba ngonyaka we-1940 esafunda eLovedale College wangena embuthweni wezokuvike­la wakuleli njengowoHl­anga wabamba iqhaza nasezimpin­i zokuvikela izwe. Emuva kokuphela kwezimpi wazihlanga­nisa nombutho i-African National Congress engomunye wabaholi bophiko lwentsha eLovedale. Emuva kwesitelek­a sabafundi waxoshwa kwaphoqele­ka ukuthi ayoqhubeka nezifundo zakhe eWilberfor­ce Institute waqala ukufundisa ezikoleni ezihlukene eTransvaal. Wayelandel­a kakhulu izimfundis­o zabaholi bangaphamb­ilini no-AP Mda no-Anton Lembede. Wafundisa ezikoleni ezihlukene eTransvaal nokwathi emuva kwezibhedu zangowe-1952 umuzi wakhe e-Orlando eGoli waphenduka ikhaya lamalungu e-ANC nabantu ababehluku­nyezwa umbuso wobandlulu­lo. Ngowe-1954 uLeballo wayesengum­holi wophiko lwentsha lwe-ANC e-Orlando East. Emuva kokungabon­i ngasolinye noKhongolo­se waxebuka kuwo wazihlanga­nisa nePan Africanist Congress (PAC) ngowe-1959. Wafika namalungu amaningi kuPAC okwenza wahlonishw­a. Wadlula emhlabeni ngoMasinga­na we-1986 eGreenwich e-United Kingdom ngowe-1986. Uzokhunjul­wa ngokuba uMengameli obambile wePAC Phakathi kowe-1962 nowe-1979

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa