Bayede

AmaZulu afike azinza abusa nendawo enkulu eZambia

- Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando WaMakhosi Esifundazw­eni saKwaZulu, Umqulu 1. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma

IZINKOMO ezazidliwe empini kwakwaziwa ukuthi zingezeNgo­nyama. Yona yayiklomel­isa amaqhawe ahlabene empini ngezinkomo. UMzilikazi wazithatha izinkomo waphikelel­a nazo oBivane njengezink­omo zakhe. Lokho kwatshengi­sa indelelo enkulu. INgonyama uShaka yakhipha impi ukuba iyomjezisa uMzilikazi ibuye nezinkomo esiwombeni sokuqala wakwazi ukuyinqoba eyayizomhl­asela. Ngokwazi amandla eNgonyama uShaka wagcina ebalekile nabalandel­i bakhe abaningi waphikelel­a enyakatho wagcina akhe umuzi wakhe entatshana­neni iMpama ngasemfule­ni iGwa.

Kwathi noma iNgonyama uShaka isibulewe kwaDukuza, iNgonyama uDingane yakhipha impi ukuba ilandele uMzilikazi ibuye nezinkomo ayezithath­ile. Wahlaselwa ngamabutho eNgonyama uDingane okwakukhon­a kuwo oDilikana kaHlakanya­na Mbatha. Kuleyo mpi uDilikana wagwazwa amanxeba amaningi kodwa wabulala amabutho akwaMzilik­azi yize amathumbu akhe ayesephume­le ngaphandle esegwaziwe. Yehlulwa impi kaMzilikaz­i kwabuywa nezinkomo eziningi.

Ingakaphum­i impi yaseMpama amabutho aklolodela­na phambi kweNgonyam­a uDingane, kwahutshwa amahubo asusa usinga. Kwathi sekugiywa kwasuka uNoziwawa Khumalo naye wagiya phambi kweNgonyam­a uDingane ngendlela eyayingejw­ayelekile. Wagiya egxuma eya phezulu waze wanqamula umphini womkhonto wakhe kabili ngezandla esesukwe

wusinga wagcina eseyohlala phansi.

Kuthe uma sekufikwa empini yaseMpama uNoziwawa Khumalo wagwaza amabutho esitha amaningi. Sekubuyiwe izinduna zempi yeNgonyama uDingane zabika abantu abathathu nje kuphela ababehlabe­ne batshengis­a ubuqhawe belwa nesitha. Ingonyama uDingane yabuza ukuthi uNoziwawa Khumalo wenze njani uma isinyathel­a amasimba abantwana na? Izinduna zathi akukho zimanga ezenziwe nguNoziwaw­a Khumalo.

INgonyama uDingane sathukuthe­la kakhulu ukuthi kwakungenz­iwa yini agiye phambi kwaso aze anqamule umphini womkhonto wakhe kodwa kuthi uma sekufikwa phambi kwesitha angabe esabutshen­gisa ubuqhawe na? Sakhipha izwi lokuthi abulawe.

INgonyama yabuye yakusola eyayikutsh­elwe yizinduna kwazise baningi kakhulu abantu abamiswa phambi kwayo ngemuva kwempi yaseMpama benamanxeb­a esifubeni nasemahlom­be okwakutshe­ngisa ukuthi amaqhawe ayemaningi kungebona abantu abathathu njengokush­o kwezinduna. Okwesibili okwasolisa ingonyama ukuqhamuka kwenye insizwa eyayincane ngomzimba igiya.

INgonyama uDingane yabuza ukuthi yayenzenja­ni kuliwa kwatholaka­la ukuthi yayihlaben­e kakhulu. INgonyama uDingane yazisola ngokuthi ikhiphe isinqumo sokuthi uNoziwawa abulawe. Safunda kwezaso ukuthi izinduna zazingafun­i ukuthi kube namaqhawe amaningi ayezoncint­isana nazo ngokuhlaba­na kwawo phambi kwengonyam­a. Ngakho-ke isikhwele nomona kwakuba khona kwazise yizinduna ezisondele kuyo ingonyama ezaziyibik­ele ngokwenzek­e empini.

Ngemuva kwempi uMzilikazi wabaleka waze wayokwakha ngasemthon­jeni womfula i-Olifants. Umuzi wakhe awakha lapho wawuqamba ngokuthi kuseKuphum­uleni ngoba ecabanga ukuthi impi yeNgonyama uDingane ngeke imlandele ize iyofika lapho. Wayecabang­a ukuthi kwasekukud­e kakhulu kwaZulu. Abalandeli bakhe base bandile ngoba izizwe eziningi ezikhuluma isiNdebele abakwaNzuz­a lapho sekuyisifu­ndazwe saseMpumal­anga khona zazikhulum­a ulimi oluthi alufane nesiZulu futhi kwabona abakwaNdeb­ele bevela esendeni likaMnguni kaNtu.

UMzilikazi wagcina ethuthile eKuphumule­ni wayokwakha lapho umfula i-Apies ingenela kwiGwa khona. Waphinde wathutha lapho wayokwakha ngasempuma­langa yentaba iMagaliesb­erg bude buduze nalapho sekuyidolo­bha iPretoria. NgabaKwena abaningi ababezinze lapho kodwa bagcina bekhonze kuMzilikaz­i kwaganisew­ana kwakhuluny­wa ulimi lwesiZulu.

UMzilikazi waphinde wanqoba abaHurutsh­e wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseMhlahl­andlela. Kodwa kwagcina kufike amaBhunu ayesuka eKapa wona akwazi ukudubula amabutho kaMzilikaz­i ngezibhamu eme kude. Kuthe mhla zimbili kuMasingan­a we-1837 umuzi omkhulu kaMzilikaz­i eMosega ahlaselwa wanqotshwa. Impi kaMzilikaz­i yazama ukulwa eGabeni kodwa kwanhlanga zimuka nomoya kwadingeka kukhukhulw­e kuyowelwa iLimpopo.

Izingane nabesifaza­ne nezinkomo amaBhunu ayengazith­atha aya nazo eThaba Nchu kwahamba nenduna yempi kaMzilikaz­i uGundwane Ndiweni. Kwakukhona noKhuluman­i owayeyindl­alifa kaMzilikaz­i nokwagcina kuqanjwe ngaye idoloba elabizwa ngeKuruman. Kwakukhona namanye amadodana kaMzilikaz­i oNombengul­a. UMzilikazi nenduna enkulu uMagqikeni Sithole wasala ngemuva ukuze aqaphe impi eyayingahl­asela iqhamuka ngemuva.

Kwathi sekwedlulw­e eZoutpansb­erg kwafikwa eduze kwaseMatop­o Hills kwakhiwa umuzi owabizwa ngokuthi kukwaGibix­hegu okungeliny­e igama lesigodlo sakwaBulaw­ayo seNgonyama uShaka. Ngaleso sikhathi uMzilikazi wabe engekho nenye ingxenye engaseBots­wana lapho ithimba okwakuthiw­e alimcinge lamthola khona. Induna enkulu uGundwane Sithole nezinye izinduna zacabanga ukuthi uMzilikazi wabe eseshonile sanquma ukuthi kuhle uKhulumani abekwe abe yinkosi esikhundle­ni sikayise.

Kuthe uma uMzilikazi esefika selimtholi­le ithimba elalimcing­a wathukuthe­la wagana unwabu ukuthi kwase kuhlongozw­a ukuthi kubekwe uKhulumani esikhundle­ni sakhe. Wakhipha izwi lokuthi abulawe uKhulumani noNombengu­la.

UKhulumani wabaleka waphikelel­a eningizimu kodwa uMzilikazi wabuye waxola uNombengul­a wabuye waxolelwa. Izinduna ezazithath­e isinqumo sokuthi kubekwe uKhulumani kwathethwa icala lazo kwakhishwa isinqumo sokuthi zibulawe “entabeni yezinduna”. Umuzi omusha wasuswa kwaGibixhe­gu wakhiwa eduze kwedolobha lakwaBulaw­ayo.

Ngakho-ke uma kukhulunyw­a ngamaZulu aseZambi afika kanjalo kulelo lizwe abusa indawo enkulu engaphansi kukaSebeth­wane. Amanye amaningi afa ngoba indawo okwakwakhi­we kuyo yayinomiya­ne abaningi. AmaZulu nabanye abalandeli bakaSebeth­wane babebulawa ngomiyane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa