AmaZulu afike azinza abusa nendawo enkulu eZambia
IZINKOMO ezazidliwe empini kwakwaziwa ukuthi zingezeNgonyama. Yona yayiklomelisa amaqhawe ahlabene empini ngezinkomo. UMzilikazi wazithatha izinkomo waphikelela nazo oBivane njengezinkomo zakhe. Lokho kwatshengisa indelelo enkulu. INgonyama uShaka yakhipha impi ukuba iyomjezisa uMzilikazi ibuye nezinkomo esiwombeni sokuqala wakwazi ukuyinqoba eyayizomhlasela. Ngokwazi amandla eNgonyama uShaka wagcina ebalekile nabalandeli bakhe abaningi waphikelela enyakatho wagcina akhe umuzi wakhe entatshananeni iMpama ngasemfuleni iGwa.
Kwathi noma iNgonyama uShaka isibulewe kwaDukuza, iNgonyama uDingane yakhipha impi ukuba ilandele uMzilikazi ibuye nezinkomo ayezithathile. Wahlaselwa ngamabutho eNgonyama uDingane okwakukhona kuwo oDilikana kaHlakanyana Mbatha. Kuleyo mpi uDilikana wagwazwa amanxeba amaningi kodwa wabulala amabutho akwaMzilikazi yize amathumbu akhe ayesephumele ngaphandle esegwaziwe. Yehlulwa impi kaMzilikazi kwabuywa nezinkomo eziningi.
Ingakaphumi impi yaseMpama amabutho aklolodelana phambi kweNgonyama uDingane, kwahutshwa amahubo asusa usinga. Kwathi sekugiywa kwasuka uNoziwawa Khumalo naye wagiya phambi kweNgonyama uDingane ngendlela eyayingejwayelekile. Wagiya egxuma eya phezulu waze wanqamula umphini womkhonto wakhe kabili ngezandla esesukwe
wusinga wagcina eseyohlala phansi.
Kuthe uma sekufikwa empini yaseMpama uNoziwawa Khumalo wagwaza amabutho esitha amaningi. Sekubuyiwe izinduna zempi yeNgonyama uDingane zabika abantu abathathu nje kuphela ababehlabene batshengisa ubuqhawe belwa nesitha. Ingonyama uDingane yabuza ukuthi uNoziwawa Khumalo wenze njani uma isinyathela amasimba abantwana na? Izinduna zathi akukho zimanga ezenziwe nguNoziwawa Khumalo.
INgonyama uDingane sathukuthela kakhulu ukuthi kwakungenziwa yini agiye phambi kwaso aze anqamule umphini womkhonto wakhe kodwa kuthi uma sekufikwa phambi kwesitha angabe esabutshengisa ubuqhawe na? Sakhipha izwi lokuthi abulawe.
INgonyama yabuye yakusola eyayikutshelwe yizinduna kwazise baningi kakhulu abantu abamiswa phambi kwayo ngemuva kwempi yaseMpama benamanxeba esifubeni nasemahlombe okwakutshengisa ukuthi amaqhawe ayemaningi kungebona abantu abathathu njengokusho kwezinduna. Okwesibili okwasolisa ingonyama ukuqhamuka kwenye insizwa eyayincane ngomzimba igiya.
INgonyama uDingane yabuza ukuthi yayenzenjani kuliwa kwatholakala ukuthi yayihlabene kakhulu. INgonyama uDingane yazisola ngokuthi ikhiphe isinqumo sokuthi uNoziwawa abulawe. Safunda kwezaso ukuthi izinduna zazingafuni ukuthi kube namaqhawe amaningi ayezoncintisana nazo ngokuhlabana kwawo phambi kwengonyama. Ngakho-ke isikhwele nomona kwakuba khona kwazise yizinduna ezisondele kuyo ingonyama ezaziyibikele ngokwenzeke empini.
Ngemuva kwempi uMzilikazi wabaleka waze wayokwakha ngasemthonjeni womfula i-Olifants. Umuzi wakhe awakha lapho wawuqamba ngokuthi kuseKuphumuleni ngoba ecabanga ukuthi impi yeNgonyama uDingane ngeke imlandele ize iyofika lapho. Wayecabanga ukuthi kwasekukude kakhulu kwaZulu. Abalandeli bakhe base bandile ngoba izizwe eziningi ezikhuluma isiNdebele abakwaNzuza lapho sekuyisifundazwe saseMpumalanga khona zazikhuluma ulimi oluthi alufane nesiZulu futhi kwabona abakwaNdebele bevela esendeni likaMnguni kaNtu.
UMzilikazi wagcina ethuthile eKuphumuleni wayokwakha lapho umfula i-Apies ingenela kwiGwa khona. Waphinde wathutha lapho wayokwakha ngasempumalanga yentaba iMagaliesberg bude buduze nalapho sekuyidolobha iPretoria. NgabaKwena abaningi ababezinze lapho kodwa bagcina bekhonze kuMzilikazi kwaganisewana kwakhulunywa ulimi lwesiZulu.
UMzilikazi waphinde wanqoba abaHurutshe wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseMhlahlandlela. Kodwa kwagcina kufike amaBhunu ayesuka eKapa wona akwazi ukudubula amabutho kaMzilikazi ngezibhamu eme kude. Kuthe mhla zimbili kuMasingana we-1837 umuzi omkhulu kaMzilikazi eMosega ahlaselwa wanqotshwa. Impi kaMzilikazi yazama ukulwa eGabeni kodwa kwanhlanga zimuka nomoya kwadingeka kukhukhulwe kuyowelwa iLimpopo.
Izingane nabesifazane nezinkomo amaBhunu ayengazithatha aya nazo eThaba Nchu kwahamba nenduna yempi kaMzilikazi uGundwane Ndiweni. Kwakukhona noKhulumani owayeyindlalifa kaMzilikazi nokwagcina kuqanjwe ngaye idoloba elabizwa ngeKuruman. Kwakukhona namanye amadodana kaMzilikazi oNombengula. UMzilikazi nenduna enkulu uMagqikeni Sithole wasala ngemuva ukuze aqaphe impi eyayingahlasela iqhamuka ngemuva.
Kwathi sekwedlulwe eZoutpansberg kwafikwa eduze kwaseMatopo Hills kwakhiwa umuzi owabizwa ngokuthi kukwaGibixhegu okungelinye igama lesigodlo sakwaBulawayo seNgonyama uShaka. Ngaleso sikhathi uMzilikazi wabe engekho nenye ingxenye engaseBotswana lapho ithimba okwakuthiwe alimcinge lamthola khona. Induna enkulu uGundwane Sithole nezinye izinduna zacabanga ukuthi uMzilikazi wabe eseshonile sanquma ukuthi kuhle uKhulumani abekwe abe yinkosi esikhundleni sikayise.
Kuthe uma uMzilikazi esefika selimtholile ithimba elalimcinga wathukuthela wagana unwabu ukuthi kwase kuhlongozwa ukuthi kubekwe uKhulumani esikhundleni sakhe. Wakhipha izwi lokuthi abulawe uKhulumani noNombengula.
UKhulumani wabaleka waphikelela eningizimu kodwa uMzilikazi wabuye waxola uNombengula wabuye waxolelwa. Izinduna ezazithathe isinqumo sokuthi kubekwe uKhulumani kwathethwa icala lazo kwakhishwa isinqumo sokuthi zibulawe “entabeni yezinduna”. Umuzi omusha wasuswa kwaGibixhegu wakhiwa eduze kwedolobha lakwaBulawayo.
Ngakho-ke uma kukhulunywa ngamaZulu aseZambi afika kanjalo kulelo lizwe abusa indawo enkulu engaphansi kukaSebethwane. Amanye amaningi afa ngoba indawo okwakwakhiwe kuyo yayinomiyane abaningi. AmaZulu nabanye abalandeli bakaSebethwane babebulawa ngomiyane.