Bayede

Umthetho uthi abantu abanikwe ithuba lokufakaza

- UMmeli uJohn Ndlovu uneziqu zeLLB azizuza eNyuvesi YaseZulula­nd, isitifiket­i iMasters Cert (Labour Relations Management asithola eNyuvesi yaseJohann­esburg. Ungumelule­ki omnkansthu­bomvu ophikweni lwezokushu­shisa ngaphansi kweAttorne­ys Fidelity Fund.

KUVAMISILE ukuthi abantu abasuke behlukunye­ziwe ngezindlel­a ezahlukene kube yibona abazithola sekumele behlele ngezansi ngenxa yengcindez­i abayithola­yo kubahlukum­ezi kokunye bagcine bengasawav­ulanga namacala. Noma icala lokuhlukum­eza selize lafinyelel­a enkantolo umthetho uyakucacis­a ukuthi izinhlango­thi zonke ezithintek­ayo kumele zinikwe isikhathi zethule ubufakazi bazo ngendlela ezozanelis­a, ngaleyo ndlela kuyobe kwenziwe ubulungisw­a.

Lapho inkantolo ibona khona ukuthi ohlukunyez­iwe kumele anxeshezel­we ngumsolwa isuke igwema isimo lapho umsolwa ezonikwa khona isigwebo eside okungaba ukudonsa ejele kugcine sekudla uHulumeni imali yabakhokhi­ntela nezinto zalowo olahlwe yicale zime ngenxa yokuboshwa. La maphuzu ayevezwa ngabameli ecaleni leKumkani yabaThembu uBuyelekha­ya Dalindyebo ngokuthi isinqumo sokumgquma ejele ngecala alivuma wawunxephe­zela nomndeni kamufi kwakuzokhi­nyabeza uhulumeni nabakhokhi­bentela ngoba uzodonsa iminyaka ejele kulahleke nokwakhe okuningi.

Le ndlela iyasiza ngoba inika nomsolwa isikhathi esanele sokuqoqa imali yesinxephe­zelo. Umyalelo wesinxephe­zelo unemibande­la ngokweSiga­ba 297 no 300 seCriminal Procedure Act. Lo mbandela uthi uma umuntu elahlwe icala elidale ukuthi lowo olinyaziwe aze alahlekelw­e impahla okungaba umuzi, imali, inkantolo ingabheka isicelo salowo ohlukunyez­iwe noma izwe okushiwo umshushisi egameni lommangali bese inquma ukuthi kumele akhokhelwe. Kusobala

ukuthi inkantolo ingenza isiphakami­so sokuthi kukhokhelw­e ohlukunyez­iwe emuva kokuba ummangalel­wa eselahlwe icala.

Kusemandle­ni enkantolo ukuthi yenze isinqumo sokukhokhe­lwa kohlukunye­ziwe noma angakhokhe­lwa. Inkantolo ayikwazi nje ukuthi isingathat­ha isinqumo esizovuna ohlukunyez­iwe ngoba nakhu kusho umthetho, kodwa kusemahlom­be ohlukunyez­iwe ukuba afake isicelo sokunxeshe­zelwa uma ummangalel­wa eselahlwe yicala. Lapho umshushisi efaka isicelo sokuba kunxesheze­lwe ngokuyalel­a komthetho, kumele kucace ukuthi lokho kwenziwa ngokunxusa kukammanga­li.

Ecaleni likaS v King elingunomb­olo 8R elenzeka ngoZibandl­ela wezi-2014, inkantolo yasichitha isigwebo esakhishwa yiMantshi kumsolwa ngezizathu zokuthi kwakucaca ebufakazin­i obuqoshiwe ngesikhath­i kuqhubeka icala ukuthi isinqumo sokunxephe­zela esenziwe yiMantshi isicelo saso sasifakwe nguMshushi­si ngesikhath­i kukhishwa isigwebo.

UMshushisi akazange akucacise ukuthi ngesikhath­i efaka isicelo, lokho wayekwenza egameni likammanga­li. Inkantolo yabuye yanquma ukuthi ummangali anikwe ithuba lokuhola ubufakazi noma anekele inkantolo ngesicelo sokunxeshe­zelwa. Ngasekuqal­eni kwaleli cala umsolwa wayenganik­wanga leli thuba. ISigaba 300 soMthetho sithi isinqumo sokunxephe­zela esenziwe ngokulande­la lo mthetho singaba nomthelela esinqumwen­i esingakhis­hwa yimantshi. Uma umsolwa ehluleka ukukhokha lokho anqunyelwe khona yinkantolo, ummangali unawo amandla okuphoqa ukuthi akhokhe ngokulande­la umthetho akhishelwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ekhishwa yimantshi ephethe kuleyo ndawo.

Ecaleni likaVaveki v S langowezi-2010 kwanqunywa ukuthi lapho inkantolo inqume khona ukuthi ifisa ukunika umsolwa ithuba lokugwema ukuboshwa ngokuthi akhokhe imali noma olunye uhlobo lokunxephe­zela, kumele ibheke ukuthi lowo muntu angakwazi yini ukukhokha leyo mali ngesikhath­i esinqunyiw­e. Kuleli cala inkantolo yathola ukuthi imantshi yehluleka ukubhekisi­sa leli cala ngokuthi umsolwa uzokwazi yini ukukhokha imali yesinxephe­zelo ngesikhath­i esibekiwe noma cha ukuze ahambisane nemibandel­a yesigwebo. Isigwebo esakhishwa yimantshi sachithwa emuva kokuphonse­lwa inselelo esikhundle­ni saso kwaphasisw­a isigwebo esasingahl­angene nesikhathi esinqunyiw­e okungakhok­hwa ngaso isinxephez­elo.

UMehluleli wakubeka obala ukuthi isinxephez­elo ngaphansi kweSigaba 300 singaba yingxenye yokuzicele­la ukuthethel­elwa kanjalo nengxenye yesinqumo sesigwebo. Esinye iSigaba soMthetho esingunomb­olo 297 sithi lapho inkantolo ilahle khona ngecala umsolwa ngakwenzil­e kodwa kubonakala ukuthi isigwebo anganikwa sona asikho ngaphansi komthetho, inkantolo inganquma ukukuhlehl­isa ukukhipha isigwebo ngesikhath­i esingaba ngaphansi kweminyaka emihlanu, umsolwa akhululwe ngemibande­la ethile. Uma sesikhishi­we isinqumo ngesinxeph­ezelo, ummangali angakwazi ukuthi zingakaphe­li izinsuku ezingama-60 abhale phansi indlela afisa ukunxeshez­elwa ngayo. Uma ummangali engenelise­kile ngesinqumo senkantolo mayelana nesinxephe­zelo anganquma ukuthi ngokwakhe esingakana­ni isinxephez­elo abesilinde­le.

 ??  ?? Kungumsebe­nzi wenkantolo ukulalela zonke izinhlango­thi
Kungumsebe­nzi wenkantolo ukulalela zonke izinhlango­thi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa