Izwe labantu abathanda amanyala nobudlova
USALOKHU umile umbuzo othi olunjani udaba okugcina kuvunyelwene ngokuthi wudaba oluzodluliselwa emphakathini? Lo mbuzo ubuye ulandelwe eduze ngothi ngobani laba abathi uma sebehlanganise amakhanda bese bevumelana ngokuthi udaba luwufanele umphakathi?
Miningi neminye imibuzo engalandela lapha njengokuthi kuze kuthiwe udaba makube ngoluzokwaziwa wumphakathi, bakhona yini abasuke benze ucwaningo lokuthi ngakube lowo mphakathi uyaludinga yini lolo daba? Le mibuzo ibuzwa yelekanyana nje yingoba sibona kuxakile lokhu okugcina kukhishelwe emphakathini kuthiwe makwaziwe wumphakathi. Kudingeka kuze kunyantise igazi ngaphambi kokuba kulandelwe kuyiswe emphakathini.
Kudingeka kube nomuntu noma nabantu abafayo ngaphambi kokuthi kugijime izintatheli zicoshele lolo daba bese kuthiwa luhamba phambili. Uma kungafanga muntu, kufanele kube nabahlubana ngamaqupha noma abafuna ukuhlubana ngamaqupha ukuze lokho kube wudaba oluzokwaziwa wumphakathi. Uma kungenjalo, kufanele
kube nabasezikhundleni eziphezulu abachaphana ngenhlamba besho ukuqedana bese kugijima izintatheli zicoshele lolo daba. Uma kungenjalo, makubhubhe abantu engozini enyantisa umzimba bese kuba yima kuwudaba lolo. Kwenye inkathi makuwe umgcotshwa angene esonweni bese kusuka esinamathambo sekucoshelwa lolo daba. Okungenazo izigameko ezimbi akulona udaba.
Lokho okuwudaba eNingizimu Afrika yilokho okuhambisana nehlazo, indlakadla nalokho okungabukeki neze emehlweni abantu. Uma kusuka uthuli lweziChwe besho ukubambana ngezihluthu ePhalamende, lokho kusuke sekuwudaba oluhamba phambili lapha eNingizimu Afrika. Izintatheli aziyingeni indaba yemibuthano lapho kukhulunywa khona ngezinto ezakhayo nenqubekelaphambili emphakathini. Abahlangene bekhuluma ngendaba yokuthuthukisa izilimi zabo nokufundisa intsha ngokuziphatha namasiko, bazihlanganela bodwa. Izintatheli zithutheleka lapho kuthungelwa khona izakhiwo zomphakathi ngomlilo nalapho kuthungelwa khona ngomlilo imizi yabathile umphakathi obasola ngokuthile.
Awuzesweli izintatheli lapho kukhona amanyala nezenzo ezingemukelekile emphakathini. Nalaba ababizwa ngosaziwayo akukhulunywa lutho ngabo uma benza okuhle emphakathini. Kusuka ngisho nesinedolo uma usaziwayo eke waqhuzuka kwakhona okungemukelekile emphakathini akwenzayo. Udaba lwakhe lugcwala kuwo wonke amaphepha amanye uthole ukuthi wudaba oluhamba phambili kuwo. Nami njengoba ngibhala lapha nje ungabona uma ngingahle ngiqhuzuke kube nesici esithile esingesihle engisenzayo noma esingivelelayo.
Okuxakayo wukuthi njengoba kukuhle ngibhala kule ngosi akukho ntatheli engike ngizwe kuthiwa kade ingifuna ngenxa yalo msebenzi omuhle engiwenzayo.
Sekwake kwasuka esinamathambo isidumo iNhlangano Yokusakaza eNinigzimu Afrika (SABC) ngeke isaziveza izithombe ezinendlakadla namahlazo kuthelevishini. Kwasuka umsindo engingasakhumbuli kahle noma waze wayofika eNkantolo YoMthethosisekelo yini. Ukuthi awufikanga noma wafika eNkantolo YoMthethosisekelo akusho lutho. Okubalulekile wukuthi bagcina bephumelele laba ababethi amanyala nendlakadla makuvezelwe izwe lonke. Yingakho-ke sesibuka lonke uhlobo lwendlakadla, amanyala nokuhlasimulisa umzimba kula mathelevishini alapha kwelakithi. Lesi senzo sikhombisa ngokusobala ukuthi iNingizimu Afrika yizwe labantu abathanda amanyala, indlakadla nalo lonke uhlobo lobudlova.
Kuyabonakala kodwa lokhu uma kuthiwa kukhona isehlo esinyantisa igazi esehlile njengokubhubha kwabantu engozini yemoto. Kuvele kuthi mbo abantu kuleyo ndawo bezobuka leso sehlo esinyantisa umzimba.
Abanye bathi belapho kuleso simo esinjalo bebe bebelethe izingane bebuka nazo. Umuntu owenzenjena usuke echaza ukuthi kwangane leyo mayikhule izazi kahle lezi zehlo ezinganambitheki. Uma ubiza umbuthano uthi kubantu mabeze kuzokhulunywa ngezindaba zokuthuthukisa izilimi zomdabu namasiko, kufika imithonseyana. Ngeke ubone neyodwa intatheli kulowo mbuthano. Abantu baba baningi kulowo mbuthano uma bazi ukuthi kuzoba khona nenkonzo yesisu; ngaphandle kwalokho khohlwa.
Kusobala ukuthi akukho okuzokwaziwa yizwe okungewona amahlazo uma kunjena. Izokhuliswa kanjani intsha uma kuyindlakadla namahlazo kuphela okuyizindaba? Kukuphi lapho izingane zizoke zikleze khona zikhombe ngophakathi zijabulela okuzakhayo ekubeni yisizwe esiqotho sangomuso? La maphikankani siyowabuza kuvunde igundane.