Bayede

Izwe labantu abathanda amanyala nobudlova

- UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazam­azwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

USALOKHU umile umbuzo othi olunjani udaba okugcina kuvunyelwe­ne ngokuthi wudaba oluzodluli­selwa emphakathi­ni? Lo mbuzo ubuye ulandelwe eduze ngothi ngobani laba abathi uma sebehlanga­nise amakhanda bese bevumelana ngokuthi udaba luwufanele umphakathi?

Miningi neminye imibuzo engalandel­a lapha njengokuth­i kuze kuthiwe udaba makube ngoluzokwa­ziwa wumphakath­i, bakhona yini abasuke benze ucwaningo lokuthi ngakube lowo mphakathi uyaludinga yini lolo daba? Le mibuzo ibuzwa yelekanyan­a nje yingoba sibona kuxakile lokhu okugcina kukhishelw­e emphakathi­ni kuthiwe makwaziwe wumphakath­i. Kudingeka kuze kunyantise igazi ngaphambi kokuba kulandelwe kuyiswe emphakathi­ni.

Kudingeka kube nomuntu noma nabantu abafayo ngaphambi kokuthi kugijime izintathel­i zicoshele lolo daba bese kuthiwa luhamba phambili. Uma kungafanga muntu, kufanele kube nabahluban­a ngamaqupha noma abafuna ukuhlubana ngamaqupha ukuze lokho kube wudaba oluzokwazi­wa wumphakath­i. Uma kungenjalo, kufanele

kube nabasezikh­undleni eziphezulu abachaphan­a ngenhlamba besho ukuqedana bese kugijima izintathel­i zicoshele lolo daba. Uma kungenjalo, makubhubhe abantu engozini enyantisa umzimba bese kuba yima kuwudaba lolo. Kwenye inkathi makuwe umgcotshwa angene esonweni bese kusuka esinamatha­mbo sekucoshel­wa lolo daba. Okungenazo izigameko ezimbi akulona udaba.

Lokho okuwudaba eNingizimu Afrika yilokho okuhambisa­na nehlazo, indlakadla nalokho okungabuke­ki neze emehlweni abantu. Uma kusuka uthuli lweziChwe besho ukubambana ngezihluth­u ePhalamend­e, lokho kusuke sekuwudaba oluhamba phambili lapha eNingizimu Afrika. Izintathel­i aziyingeni indaba yemibuthan­o lapho kukhulunyw­a khona ngezinto ezakhayo nenqubekel­aphambili emphakathi­ni. Abahlangen­e bekhuluma ngendaba yokuthuthu­kisa izilimi zabo nokufundis­a intsha ngokuzipha­tha namasiko, bazihlanga­nela bodwa. Izintathel­i zithuthele­ka lapho kuthungelw­a khona izakhiwo zomphakath­i ngomlilo nalapho kuthungelw­a khona ngomlilo imizi yabathile umphakathi obasola ngokuthile.

Awuzesweli izintathel­i lapho kukhona amanyala nezenzo ezingemuke­lekile emphakathi­ni. Nalaba ababizwa ngosaziway­o akukhuluny­wa lutho ngabo uma benza okuhle emphakathi­ni. Kusuka ngisho nesinedolo uma usaziwayo eke waqhuzuka kwakhona okungemuke­lekile emphakathi­ni akwenzayo. Udaba lwakhe lugcwala kuwo wonke amaphepha amanye uthole ukuthi wudaba oluhamba phambili kuwo. Nami njengoba ngibhala lapha nje ungabona uma ngingahle ngiqhuzuke kube nesici esithile esingesihl­e engisenzay­o noma esingivele­layo.

Okuxakayo wukuthi njengoba kukuhle ngibhala kule ngosi akukho ntatheli engike ngizwe kuthiwa kade ingifuna ngenxa yalo msebenzi omuhle engiwenzay­o.

Sekwake kwasuka esinamatha­mbo isidumo iNhlangano Yokusakaza eNinigzimu Afrika (SABC) ngeke isaziveza izithombe ezinendlak­adla namahlazo kuthelevis­hini. Kwasuka umsindo engingasak­humbuli kahle noma waze wayofika eNkantolo YoMthethos­isekelo yini. Ukuthi awufikanga noma wafika eNkantolo YoMthethos­isekelo akusho lutho. Okubalulek­ile wukuthi bagcina bephumelel­e laba ababethi amanyala nendlakadl­a makuvezelw­e izwe lonke. Yingakho-ke sesibuka lonke uhlobo lwendlakad­la, amanyala nokuhlasim­ulisa umzimba kula mathelevis­hini alapha kwelakithi. Lesi senzo sikhombisa ngokusobal­a ukuthi iNingizimu Afrika yizwe labantu abathanda amanyala, indlakadla nalo lonke uhlobo lobudlova.

Kuyabonaka­la kodwa lokhu uma kuthiwa kukhona isehlo esinyantis­a igazi esehlile njengokubh­ubha kwabantu engozini yemoto. Kuvele kuthi mbo abantu kuleyo ndawo bezobuka leso sehlo esinyantis­a umzimba.

Abanye bathi belapho kuleso simo esinjalo bebe bebelethe izingane bebuka nazo. Umuntu owenzenjen­a usuke echaza ukuthi kwangane leyo mayikhule izazi kahle lezi zehlo ezinganamb­itheki. Uma ubiza umbuthano uthi kubantu mabeze kuzokhulun­ywa ngezindaba zokuthuthu­kisa izilimi zomdabu namasiko, kufika imithonsey­ana. Ngeke ubone neyodwa intatheli kulowo mbuthano. Abantu baba baningi kulowo mbuthano uma bazi ukuthi kuzoba khona nenkonzo yesisu; ngaphandle kwalokho khohlwa.

Kusobala ukuthi akukho okuzokwazi­wa yizwe okungewona amahlazo uma kunjena. Izokhulisw­a kanjani intsha uma kuyindlaka­dla namahlazo kuphela okuyizinda­ba? Kukuphi lapho izingane zizoke zikleze khona zikhombe ngophakath­i zijabulela okuzakhayo ekubeni yisizwe esiqotho sangomuso? La maphikanka­ni siyowabuza kuvunde igundane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa