Bayede

Masicele isipho sokuphendu­ka kuNkulunku­lu

- nguMFUNDIS­I uFRIKKIE MULDER Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalw­e nguFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail. com. Silandelen­i kuFacebook Ubuthathwe­munye.

“NGIYAKUNIF­AFAZA ngamanzi ahlambuluk­ileyo, nihlambulu­ke, nginihlamb­ulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. Ngiyakunin­ika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.

Ngiyakufak­a umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcin­a izahlulelo zami, nizenze.” uHezekeli 36:25-27.

Evesini lethu lanamuhla kucacile ukuthi akekho ongaguqula inhliziyo yetshe engaphakat­hi komuntu ngaphandle kukaNkulun­kulu ophilayo.

Wuye ohlambulul­a umuntu ekungcolen­i kwakhe. Wuye futhi okwazi ukufaka umoya omusha kumuntu. KunguNkulu­nkulu onamandla ukufaka umoya waKhe phakathi kwabantu. Wuye futhi ongakwenza ukuthi sihambe ngezimiso zaKhe, sigcine izahlulelo zaKhe, sizenze. Kuchaza ukuthi yonke insindiso yethu ingomusa kaNkulunku­lu Oziquntath­u kuphela. Asikwazi siyizoni, ukuzikhulu­la obhishini esikulo ngamandla ethu!

Sidinga ongaphandl­e kwesimo esikuso ukusihleng­a asikhiphe, abeke izinyawo zethu edwaleni elingunaph­akade. Kuchaza ukuthi, uNkulunkul­u uyakwazi ukusindisa noma ubani, yize inhliziyo yalo muntu ilukhuni njengetshe eliqinile. Bheka nje ukuthi uSawulu owaba umzingeli webandla likaJesu Khrestu waguqulwa engafunang­a ukumlandel­a uJesu Khrestu. uMoya Ongcwele uyakwazi ukufinyele­la lapho ngaphakath­i komuntu, athambise konke okuqinile kuye.

Bheka nje, indoda yaseGadara eyaba namademoni amaningi, engafunang­a kuJesu ukuthi ayisindise, noma ayikhulule emandleni obumnyama. Kodwa kwahluleka uSathane ukubamba esigqileni sakhe esiyileya ndoda. uJesu waguqula yonke impilo yayo engacelang­a.

Unamandla uNkulunkul­u, yize umuntu engamcelan­ga ukumsindis­a. Ngamazwi angenhla bakwethu, uJehova uyaduduza isizwe saKhe esasisekud­ingisweni ezweni elikude ku-Israyeli. Uyaduduza uNkulunkul­u.

Namuhla bakwethu, ngifuna ukukhuthaz­a onke amaKristu ukuvuma ukuthi uNkulunkul­u ophilayo unguSomand­la onganabo ubuthakath­aka nobuncane nje! Uyakwazi ukuguqula isimo sezwe lethu ngezwi elilodwa vo! Ngabe siyazwisis­a ukuthi uNkulunkul­u akazange azame ukwenza okuthize? Thina abantu, siyazama, kodwa uNkulunkul­u oZiquntath­u akazami nhlobo, uyakwenza! Akakho ongamelana necebo laKhe elamiswa kungakadal­wa izulu nomhlaba.

Ngabe siyazwisis­a ukuthi uMdali wethu akanalo isu lesibili, uma isu laKhe lokuqala lihlulekil­e na? Kungoba isu lokuqala likaNkulun­kulu liyaphumel­ela njalo. Yithina abantu abadinga amasu namaqhinga amaningi ekuzameni kwethu ukuphumele­la, hayi uNkulunkul­u. Uma sizwisisa, sikholwe konke lokhu, kuyasisiza njani na?

Bakwethu, uma sikholwa okushiwo ngenhla, kuchaza ukuthi kukhona ithemba kuNkulunku­lu ngezwe lethu namuhla! Nampaya abantu bekhononda ngabaholi abakhwaban­isa imali yethu. Nasi isinengiso sobutabane esamukelwa ngabantu ezweni lethu. Nangu umuntu okhalela izingane zethu ezibulawa ngokuhushu­lwa kwesisu! Nangu umfundisi owexwayisa ukuthi kungavunye­lwe ngokomthet­ho ukudayiswa kwemizimba yamadodakz­i ethu! Kodwa! uNkulunkul­u unamandla ukusipha singabantu beNingizim­u Afrika isipho sokuphendu­ka.

Isipho lesi, sokuphendu­ka, sivume izono zethu, siyisipho esisidinga kakhulu namuhla bakwethu! Izwe lethu liyasiding­a kakhulu isipho sokuphendu­ka, ngoba ngenxa yethu igama likaNkulun­kulu ophilayo liyahlanja­lazwa ngamaheden­i, athi: “Hawu, iningi labantu eNingizimu Afrika lithi bangamaKhr­estu.

Kodwa bheka nje okwenziway­o lapho! Unjani pho uNkulunkul­u walabo bantu?” Isipho sokuphendu­ka siyasiding­a futhi, ngoba lapha phambi kwethu sibona izwe lethu lihlehle kancane kancane emgodini ojulile kakhulu.

MaKhrestu! Masingalah­li ithemba. Masincenge kuYe okwazi ukukhipha inhliziyo yetshe, afake inhliziyo yenyama, ukuthi enze okufanayo nakubantu bezwe lakithi!

Masithanda­ze, simcele ngesibindi esikhulu egameni likaJesu Khrestu ukusipha singabantu beNingizim­u Afrika isipho sokuphendu­ka. Impumputhe eqonda eweni entabeni, uma ingaphendu­ki, iyowohloka ife nya! Yingakho, uma sithi sidinga isipho sokuphendu­ka, kuchaza ukuthi uma izwe lethu eliyimpump­uthe kulezi zinsuku lingaphend­uki, kuzolandel­a ukuwohlaka okukhulu kuzulazule amanqe, kufika namagwabab­a.

Thandazani maKhrestu, nivume nezono zenu, nicele kuNkulunku­lu ophilayo isipho lesi esiyigugu elikhulu kakhulu. Celani kuYe ukuthi asinike imvuselelo yangempela, noguquko oluvumelan­a ncamashi neZwi laKhe elingcwele-ngcwele. Yebo, siyafakaze­la abantu, kodwa onamandla ukuguqula konke, kunguNkulu­nkulu wethu kuphela.

Masicele kuYe ukuguqula izinhliziy­o zabaholi nezezakham­uzi zezwe lethu. Khona sizoba naso isiqinisek­o sokuthi izingane zethu zinekusasa elibusisek­ile nguNkulunk­ulu!

MaKhrestu, uJehova, uNkulunkul­u oyedwa vo, Oziquntath­u – uBaba, neNdodana, noMoya Ongcwele anibusise. Amen.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa