Alingasali elikaVusi Ximba emacikweni anohlonze
ICIKO lezokudweba laphesheya kwezilwandle uNino Fraser uma echaza iqhaza lamaciko emphakathini ubeka kanje, “Ngaphezu kwakho konke iciko kufanele libe neqiniso kulo, emphakathini elikuwo nasemhlabeni ngobubanzi. Ngaphezu kwalokho linomthwalo wokwembula amaqiniso ngempilo. Ngezikhathi ezithile emsebenzini weciko amaphutha ayenzeka kodwa iciko kumele liphikelele liqhubekele phambili nomsebenzi walo,” kuphetha uFraser.
UMichael Dunn ocwaningweni lwakhe olusihloko sithi: ‘Arts Influence on Society: Propaganda and Censorship’, uqala ngokuthi ezobuciko zinamandla okuguqula ukucabanga nokwenza kwabantu. Uqhubeka enze isibonelo ngencwadi yombhali odumile emhlabeni uD.H. Lawrence esihloko sithi, Lady Chartelley’s Lover, okwathi ngenxa yokubeka kwayo okungamaqiniso ayengakaze avezwe muntu ngobudlelwano bezocansi phakathi komuntu ongowaseBukhosini nomfokazana uhulumeni ngomlomo woMmeli Wombuso uManningham–Buller wazama ukuyophikisana nokushicilelwa kwayo enkantolo. Lamehlula uMmeli Wombuso icala incwadi yadayiswa ubuthaphuthaphu namaqiniso eyayiwamumethe ahlala obala. Emuva kwalokho kwabe sekuyamiswa ukuvalwa kwemisebenzi yobuciko ngoba nje kukhona abangakhululeki ngamaqiniso abekwa obala yiciko emsebenzini walo. Lelo cala laba yingqophamlando kwezobuciko bokubhala nokushicilelwa kwezincwadi.
Ezobuciko kukaningi ziphoselwa inselelo ngohulumeni bangezikhathi ezithile. Ikakhulukazi lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi amaqiniso asuke ebekwa obala yilowo msebenzi asuke ephazamisa izinhloso zikahulumeni wangaleso sikhathi endleleni asuke ezimisele ukubusa ngayo abantu. Kwenzekile lokhu ngesikhathi sokuphatha kuka-Adolph Hitler eGermany lapho ezobuciko zalawulwa khona uHulumeni wamaNazi kuhamba phambili uDkt uGoebels. NaseRussia ngesikhathi sikaJoseph Stalin ezobuciko namaciko kwabhekana nengcindezi eyayiqhamuka ngasohlangothini lukahulumeni noma phela kungafananga naseGermany. Nalapha kwelakithi kwenzekile ngesikhathi sikaMengameli uJacob Zuma lapho kwaba nomdwebo iThe Spear owaba nempikiswano kwaze kwafikiswana ezinkantolo phakathi kukaMengameli neciko elalidwebile uBrett Murray.
Kubalulekile ukucaphuna amazwi kaBrett Murray uma ebuzwa ngomsebenzi wakhe wezobuciko owaba yisisusa somsindo ezweni nasezinhlakeni zepolitiki lapho ethi, “Ngiyisakhamuzi saseNingizimu Afrika esiziqhenyayo ngobuzwe baso. Ngike ngaba yilungu le-African National Congress. Angibandlululi ngokwebala. Umsebenzi wami wezobuciko angiwenzi ngenhloso yokukhuba, ngehlise isithunzi noma ngichaphe ngenhlamba abathile emphakathini. Lokhu kuhlanganisa nomdwebo osususe
omkhulu umsindo,” kuchaza uMurray.
Kubalulekile futhi ukuchaza ukuthi ngesikhathi kunempikiswano ngemisebenzi yeciko umphakathi ungena shi kuleyo mpikiswano. Ungangena ngendlela yokuzithola uvinjelwa ukuzithokozisa ngalowo msebenzi weciko noma kwawona luqobo ube yingxenye enkulu yempikiswano ngokuthatha izinhlangothi odabeni olusuke lusezithebeni ngaleso sikhathi. Umdwebo kaBrett Murray iThe Spear wasusa enkulu intukuthelo kwababewubona njengendelelo enkulu eyayibhekiswe kowayenguMengameli. Kwaze kwangena nezinkulumo zobuhlanga kukhona abathi uMurray wayengeke akwenza lokhu ukube uMengameli wayemhlophe ngokwebala.
Lapho le ndaba yethu ibheke khona isekwahlulelweni ngumphakathi buthule komsebenzi weciko. Lokhu yikona okubukeka kuyingozi kakhulu kunokuba kunempikiswano esobala njengoba kwenzeka ngomdwebo iThe Spear. Ukuxokozela okusobala kwesinye isikhathi okuze kufinyelele ezinkantolo kuhle ngoba kunesiphetho esaziwa samukelwe yiwo wonke umuntu kanti futhi namalungelo eciko ayavikeleka ngenxa yokuthi isinqumo senkantolo sisuke sincike ekuvikelekeni kwawo amalungelo. Uma iciko lehlulelwa buthule lithathwa nemisebenzi yalo liyolahlwa kuvobo womlando umsebenzi walo ungaphinde uyohlolisiswa ukuthi ngempela yikuphi owawulwisana nakho noma owawufuna ukukuqhakambisa emphakathini iciko elaliphila kuwo. Iciko engilibone liba naleli lishwa yinsizwa engumculi okwakungeyalaphaya phakathi nesifundazwe kwaSwayimane uVusi Ximba. Wayecula uMasikandi owawuphelezelwa yinkositini ayeyishaya aze acimeze esho ngomlomo wakhe. Okokuqala okwaphawuleka ngoXimba wukuthi waqhamuka ngesikhathi izinga lomculo eNingizimu Afrika lalithathwa ngokuthi liphansi kwazise ukuthi abaculi ababethathwa njengabanohlonze babevalwe umlomo abanye besekudingisweni. Kwakuyinto elula-ke ukuthi noma ubani owayethi uyaphakama ngomculo abukwe njengomuntu owayengusithatha mathuba esebenzisa isikhala esasivuleke ngokuvalwa kwamaciko umlomo.
UXimba waqhamuka esikhaleni nohlobo lomculo olwalungaziwa lokucula sakuxoxa indaba. Umculi wejazz owaziwayo emhlabeni uBobby Mcferrin wakwenza ngempumelelo enkulu ngengoma yakhe eyashisa izikhotha i ‘Don’t Worry be Happy’. Angikholwa kwakuthi uXimba wayemazi uMcferrin kodwa indlela ayecula ngayo yayinomfuziselo womculo wakhe, ukwenekela izwe izinto ezenzeka phambi kwakho umphakathi nezwe obungazinakile. Ingoma kaXimba eyayinezinhlamvu ezithi, ‘Ngathola indaba uma ngifika egigini’ yasitshela ngendaba yokuthandana komama abadala nabafana abancane lokhu namuhla osekuthiwa ngoBen Ten. Kwakuyingoma ekhomba ukuqala kokonakala kwezimilo lapho omdala engasayazi indawo yakhe emenza ahlonipheke emphakathini. Ngaphezulu kwalokhu uXimba wayesixwayisa ngokuthi abesifazane nabo sebezinika amandla abesilisa akade baba nawo bengahlulelwa muntu ngokuxega kwezimilo zabo bethandana nezingane ezincane.
UXimba waphinde waqhamuka nenye ingoma eyashisa izikhotha eyayithi, Indoda Ethanda Inyama . Kule ngoma kuningi ayebukeka ekhuluma ngakho uXimba kodwa ikakhulukazi yisimo sendlala ehlasele abantu bakithi ezindaweni lapho iziphathimandla zombuso zingafinyeleli khona.
Ziqhamuka lapho kuphela ngezikhathi zokukhankasela ukhetho ziphinde zidlule ngokushesha zingasasitholanga isithombe esiphelele ngempilo yansuku zonke yemiphakathi edla imbuya ngothi. UXimba wakwenza kwaba ngumsebenzi wakhe ukusiqwashisa ngenhlupheko yabantu bakithi. Awukho umlando kaXimba eyofundela umculo kodwa ukhona owokushabasheka kwakhe ngomculo enikeza aboHlanga abagajwe yinhlupheko izwi.
UVusi Ximba wayebeka izinto njengoba ezibona amanye amagama ayewasebenzisa ezwakala elumela. Cishe yikhona lokho okwamenza wehlulelwa buthule yilabo ababengakhululeki ngokubeka kwakhe izinto obala. Ama-albhamu kaVusi Ximba acishe abe ngaphezulu kwayisithupha futhi adayiswa kakhulu kodwa washona engenamali. Kubalulekile ukuthi njengoba uHulumeni ematasa ngokulungisa udaba lwezimali zabaculi ezagcina zingafinyelelanga kubo, udaba lukaVusi Ximba lunganyathelwa ngezinyawo.
UXimba wabamba iqhaza leli uNino Fraser athi, “Iciko linomthwalo wokwembula amaqiniso ngempilo.” UVusi Ximba wawembula amaqiniso ngempilo yabantu abahlwempu ngakho ukungcwatshwa ethuneni elingaziwa nokungaqhakanjiswa komsebenzi wakhe wezobuciko akumfanele nakancane. Ukuhlonipha iqhaza lakhe endimeni yezobuciko kuyisiqalo sokuzihlonipha ubuthina nesizwe sonkana kungakhthwa phela
emasini.
Ama-albhamu kaVusi Ximba acishe abe ngaphezulu kwayisithupha futhi adayiswa kakhulu kodwa washona engenamali