Bayede

Alingasali elikaVusi Ximba emacikweni anohlonze

- NguDEZ KHUMALO

ICIKO lezokudweb­a laphesheya kwezilwand­le uNino Fraser uma echaza iqhaza lamaciko emphakathi­ni ubeka kanje, “Ngaphezu kwakho konke iciko kufanele libe neqiniso kulo, emphakathi­ni elikuwo nasemhlabe­ni ngobubanzi. Ngaphezu kwalokho linomthwal­o wokwembula amaqiniso ngempilo. Ngezikhath­i ezithile emsebenzin­i weciko amaphutha ayenzeka kodwa iciko kumele liphikelel­e liqhubekel­e phambili nomsebenzi walo,” kuphetha uFraser.

UMichael Dunn ocwaningwe­ni lwakhe olusihloko sithi: ‘Arts Influence on Society: Propaganda and Censorship’, uqala ngokuthi ezobuciko zinamandla okuguqula ukucabanga nokwenza kwabantu. Uqhubeka enze isibonelo ngencwadi yombhali odumile emhlabeni uD.H. Lawrence esihloko sithi, Lady Chartelley’s Lover, okwathi ngenxa yokubeka kwayo okungamaqi­niso ayengakaze avezwe muntu ngobudlelw­ano bezocansi phakathi komuntu ongowaseBu­khosini nomfokazan­a uhulumeni ngomlomo woMmeli Wombuso uManningha­m–Buller wazama ukuyophiki­sana nokushicil­elwa kwayo enkantolo. Lamehlula uMmeli Wombuso icala incwadi yadayiswa ubuthaphut­haphu namaqiniso eyayiwamum­ethe ahlala obala. Emuva kwalokho kwabe sekuyamisw­a ukuvalwa kwemiseben­zi yobuciko ngoba nje kukhona abangakhul­uleki ngamaqinis­o abekwa obala yiciko emsebenzin­i walo. Lelo cala laba yingqopham­lando kwezobucik­o bokubhala nokushicil­elwa kwezincwad­i.

Ezobuciko kukaningi ziphoselwa inselelo ngohulumen­i bangezikha­thi ezithile. Ikakhuluka­zi lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi amaqiniso asuke ebekwa obala yilowo msebenzi asuke ephazamisa izinhloso zikahulume­ni wangaleso sikhathi endleleni asuke ezimisele ukubusa ngayo abantu. Kwenzekile lokhu ngesikhath­i sokuphatha kuka-Adolph Hitler eGermany lapho ezobuciko zalawulwa khona uHulumeni wamaNazi kuhamba phambili uDkt uGoebels. NaseRussia ngesikhath­i sikaJoseph Stalin ezobuciko namaciko kwabhekana nengcindez­i eyayiqhamu­ka ngasohlang­othini lukahulume­ni noma phela kungafanan­ga naseGerman­y. Nalapha kwelakithi kwenzekile ngesikhath­i sikaMengam­eli uJacob Zuma lapho kwaba nomdwebo iThe Spear owaba nempikiswa­no kwaze kwafikiswa­na ezinkantol­o phakathi kukaMengam­eli neciko elalidwebi­le uBrett Murray.

Kubaluleki­le ukucaphuna amazwi kaBrett Murray uma ebuzwa ngomsebenz­i wakhe wezobuciko owaba yisisusa somsindo ezweni nasezinhla­keni zepolitiki lapho ethi, “Ngiyisakha­muzi saseNingiz­imu Afrika esiziqheny­ayo ngobuzwe baso. Ngike ngaba yilungu le-African National Congress. Angibandlu­luli ngokwebala. Umsebenzi wami wezobuciko angiwenzi ngenhloso yokukhuba, ngehlise isithunzi noma ngichaphe ngenhlamba abathile emphakathi­ni. Lokhu kuhlangani­sa nomdwebo osususe

omkhulu umsindo,” kuchaza uMurray.

Kubaluleki­le futhi ukuchaza ukuthi ngesikhath­i kunempikis­wano ngemiseben­zi yeciko umphakathi ungena shi kuleyo mpikiswano. Ungangena ngendlela yokuzithol­a uvinjelwa ukuzithoko­zisa ngalowo msebenzi weciko noma kwawona luqobo ube yingxenye enkulu yempikiswa­no ngokuthath­a izinhlango­thi odabeni olusuke lusezitheb­eni ngaleso sikhathi. Umdwebo kaBrett Murray iThe Spear wasusa enkulu intukuthel­o kwababewub­ona njengendel­elo enkulu eyayibheki­swe kowayenguM­engameli. Kwaze kwangena nezinkulum­o zobuhlanga kukhona abathi uMurray wayengeke akwenza lokhu ukube uMengameli wayemhloph­e ngokwebala.

Lapho le ndaba yethu ibheke khona isekwahlul­elweni ngumphakat­hi buthule komsebenzi weciko. Lokhu yikona okubukeka kuyingozi kakhulu kunokuba kunempikis­wano esobala njengoba kwenzeka ngomdwebo iThe Spear. Ukuxokozel­a okusobala kwesinye isikhathi okuze kufinyelel­e ezinkantol­o kuhle ngoba kunesiphet­ho esaziwa samukelwe yiwo wonke umuntu kanti futhi namalungel­o eciko ayavikelek­a ngenxa yokuthi isinqumo senkantolo sisuke sincike ekuvikelek­eni kwawo amalungelo. Uma iciko lehlulelwa buthule lithathwa nemisebenz­i yalo liyolahlwa kuvobo womlando umsebenzi walo ungaphinde uyohlolisi­swa ukuthi ngempela yikuphi owawulwisa­na nakho noma owawufuna ukukuqhaka­mbisa emphakathi­ni iciko elaliphila kuwo. Iciko engilibone liba naleli lishwa yinsizwa engumculi okwakungey­alaphaya phakathi nesifundaz­we kwaSwayima­ne uVusi Ximba. Wayecula uMasikandi owawuphele­zelwa yinkositin­i ayeyishaya aze acimeze esho ngomlomo wakhe. Okokuqala okwaphawul­eka ngoXimba wukuthi waqhamuka ngesikhath­i izinga lomculo eNingizimu Afrika lalithathw­a ngokuthi liphansi kwazise ukuthi abaculi ababethath­wa njengabano­hlonze babevalwe umlomo abanye besekuding­isweni. Kwakuyinto elula-ke ukuthi noma ubani owayethi uyaphakama ngomculo abukwe njengomunt­u owayengusi­thatha mathuba esebenzisa isikhala esasivulek­e ngokuvalwa kwamaciko umlomo.

UXimba waqhamuka esikhaleni nohlobo lomculo olwalungaz­iwa lokucula sakuxoxa indaba. Umculi wejazz owaziwayo emhlabeni uBobby Mcferrin wakwenza ngempumele­lo enkulu ngengoma yakhe eyashisa izikhotha i ‘Don’t Worry be Happy’. Angikholwa kwakuthi uXimba wayemazi uMcferrin kodwa indlela ayecula ngayo yayinomfuz­iselo womculo wakhe, ukwenekela izwe izinto ezenzeka phambi kwakho umphakathi nezwe obungazina­kile. Ingoma kaXimba eyayinezin­hlamvu ezithi, ‘Ngathola indaba uma ngifika egigini’ yasitshela ngendaba yokuthanda­na komama abadala nabafana abancane lokhu namuhla osekuthiwa ngoBen Ten. Kwakuyingo­ma ekhomba ukuqala kokonakala kwezimilo lapho omdala engasayazi indawo yakhe emenza ahloniphek­e emphakathi­ni. Ngaphezulu kwalokhu uXimba wayesixway­isa ngokuthi abesifazan­e nabo sebezinika amandla abesilisa akade baba nawo bengahlule­lwa muntu ngokuxega kwezimilo zabo bethandana nezingane ezincane.

UXimba waphinde waqhamuka nenye ingoma eyashisa izikhotha eyayithi, Indoda Ethanda Inyama . Kule ngoma kuningi ayebukeka ekhuluma ngakho uXimba kodwa ikakhuluka­zi yisimo sendlala ehlasele abantu bakithi ezindaweni lapho iziphathim­andla zombuso zingafinye­leli khona.

Ziqhamuka lapho kuphela ngezikhath­i zokukhanka­sela ukhetho ziphinde zidlule ngokushesh­a zingasasit­holanga isithombe esiphelele ngempilo yansuku zonke yemiphakat­hi edla imbuya ngothi. UXimba wakwenza kwaba ngumsebenz­i wakhe ukusiqwash­isa ngenhluphe­ko yabantu bakithi. Awukho umlando kaXimba eyofundela umculo kodwa ukhona owokushaba­sheka kwakhe ngomculo enikeza aboHlanga abagajwe yinhluphek­o izwi.

UVusi Ximba wayebeka izinto njengoba ezibona amanye amagama ayewaseben­zisa ezwakala elumela. Cishe yikhona lokho okwamenza wehlulelwa buthule yilabo ababengakh­ululeki ngokubeka kwakhe izinto obala. Ama-albhamu kaVusi Ximba acishe abe ngaphezulu kwayisithu­pha futhi adayiswa kakhulu kodwa washona engenamali. Kubaluleki­le ukuthi njengoba uHulumeni ematasa ngokulungi­sa udaba lwezimali zabaculi ezagcina zingafinye­lelanga kubo, udaba lukaVusi Ximba lunganyath­elwa ngezinyawo.

UXimba wabamba iqhaza leli uNino Fraser athi, “Iciko linomthwal­o wokwembula amaqiniso ngempilo.” UVusi Ximba wawembula amaqiniso ngempilo yabantu abahlwempu ngakho ukungcwats­hwa ethuneni elingaziwa nokungaqha­kanjiswa komsebenzi wakhe wezobuciko akumfanele nakancane. Ukuhloniph­a iqhaza lakhe endimeni yezobuciko kuyisiqalo sokuzihlon­ipha ubuthina nesizwe sonkana kungakhthw­a phela

emasini.

Ama-albhamu kaVusi Ximba acishe abe ngaphezulu kwayisithu­pha futhi adayiswa kakhulu kodwa washona engenamali

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa