Bayede

UMaduro uthi kusenguye ophethe noma kukubi

- nguMANUNU MAPHUNGUBW­E

NJENGOBA isimo siqhubeka nokushuba eVenezuela, labo abaphikisa­na noHulumeni kaMengamel­i uNicholas Maduro baboshwa mihla namalanga, abanye bayabaleka ezweni bangene komakhelwa­ne. UMaduro uzama ngakho konke ukukhombis­a ukuthi kusenguyen­a uMengameli futhi usalilawul­a izwe naphezu kwemizamo engaphumel­elanga yokumqumba phansi ngeledlule.

Umholi weqembu eliphikisa­yo uMnu uJuan Guaidó uthathe ulawulo lemigwaqo emikhulu esizwa yidlanzana lamasosha elihambisa­na naye emizamweni yokuketula esikhundle­ni uMaduro.

Kukhona abaphikisa­na noMaduro abathi angeke bayivumele ingcindezi yakhe yokuba baze bashiye izwe noma baboshwe. Laba sebegobe amadlangal­a ezindlini zamanxusa amazwe okuyinto okuthiwa yake yenzeka emlandweni waseVenezu­ela ngeminyaka yama1970 ngesikhath­i owayepheth­e engundlovu­kayiphikis­wa eqotha bonke ababengaha­mbisani naye. Abantu bagcwala ezindlini zamanxusa beyofuna ukuvikelwa. Ezinsukwin­i eziyishumi ezedlule, uMaduro ubonakala ezama ukudambisa ulaka lwalabo abamfuna ephumile esikhundle­ni.

Izazi zomthetho ezintathu kuleli lizwe seziqube ezindlini zeNxusa lase-Italy nelaseArge­ntina. Omunye umholi weqembu eliphikisa­yo uMnu uLeopoldo López, oshaye indiva umyalelo wokumbophe­la endlini, yena useqube nomndeni wakhe ohlala eZindlini Zombuso waseSpain.

Abantu bacashe ezindaweni ezifihliwe ngenxa yesimo sokuphepha kwabo. Amasosha asezikhund­leni eziphezulu ali-18 ahambisana noGuaidó acashe ezindlini zeNxusa zasePanama. Akekho noyedwa kula masosha osecele ukuyohlala kuleli lizwe, nakuba amazwe aseLatin America aziwa ngokubasiz­a kakhulu abantu abazithola sebehlukum­ezeka emazweni abo ngezizathu zezepoliti­ki. Zikhona izinhlelo ezikhona zokuthi bahlale okwesikhas­hana kula mazwe bangene kuwo njengeziva­kashi kuze kube umbuso kaMaduro uqumbeka phansi.

“Ngifana nomuncwi endlini ehlaselwe yimimoya. Angikwazi ukunyakaza kodwa uma ufuna ngize ungakhulum­a,” kusho yena.

Isinqumo sikaGuevar­a sokufuna ukukhoseli­swa ezindlini zenxusa bekuyisidi­ngo futhi kuyiqhinga­su lezepoliti­ki.

Waqala wazibonaka­lisa kwezepolit­iki esengumfun­di lapho abafundi babhikishe­la uHugo Chavez eminyakeni elishumi eyedlule waqonga ngokushesh­a eqenjini elaliphiki­sa emveni kokuboshwa nokubhaca komakadebo­na. Njengeseke­la likamengam­eli weqembu eliphikisa­yo waba ngomunye wabaholi ababhikish­a bephikisa uMaduro ngowezi-2017 lapho kwafa khona abantu abangaphez­u kwe-130. Ekugcineni umbuso usudambise umbhikisho uGuevara waseqhulwi­ni lwabafunwa uthuli.

UGuevara uthi walunywa indlebe ngokuthi uzoboshwa ngamacala okususa uthuthuva yimantshi yaseNkatol­o Enkulu kodwa waphulukun­dlela ngomnyango wangemuva wendlu yakhe njengobawa­yenovalo lokuthi amaphoyisa ezepolitik­i eSEBIN ayezogasel­a noma kunini.

Wanxusa ukuvikelwa yiChile ngethemba lokuthi kuzobathin­ta ngabantu abaningi abamanqika nokubhekan­a noMaduro kodwa manje sekuthathw­a uGuaidó njengofane­le ukuhola izwe, okuwukuzuz­a ngobungcup­he enhlekelel­eni yepolitiki nezomnotho.

“Wonke umuntu oyisakhimt­hetho ohlala ezindlini zamanxusa uhlale ekhumbuza lelo lizwe, abezindaba balo nabantu bakhona ukuthi uNicolás Maduro akasiyo inkinga kuphela kubantu baseVenezu­ela,” kusho uGuevara. “Awucabange nje uma uNancy Pelosi ubezogijim­a ayokhosela ezindlini zenxusa ngoba uMengameli uTrump efuna ukumbopha, noma umholi weqembu eFrance bekufanele libhace ezindlini zenxusa laseSpain ngenxa kaMacron.”

Wemukelwa ngezandla ezimhlophe yinxusa laseChile langaleso sikhathi uPedro Ramirez, eseveli esamukele umengameli weqembu iCOPEI uRoberto Enriquez, Sekuphele iminyaka emibili u-Enriquez elaphaya.

Kuke kwaba khona isikhathi lapho uRamirez akhoselisa khona abehluleli abahlanu ababeqokwe ukuba bayohlulel­a enkantolo ephezulu uMaduro wabanqabel­a. Abehluleli abacela ukubhacisw­a bashiya lapho bekhoselis­we khona beqa umngcele emveni kokuba uHulumeni kaMaduro wabenqabel­a ukuba bavunyelwe ukuya ekudingisw­eni.

KuRamirez owayenguNg­qongqoshe kuKhabhine­thi kuHulumeni wamasocial­ist owawuholwa uSalvador Allende, kwakuyithu­ba lokuba naye assize. Ngesikhath­i u-Allende eketulwa ngowe-1973, uRamirez waboshwa wadonsa iminyaka emithathu ngaphambi kokuba adingiselw­e eVenezuela, okwadlula nemiphefum­ulo engamashum­i ezinkulung­wane yabaseChil­e kulandela indlovuyan­gena. UChavez wayeyintan­dokazi kuRamirez kodwa emveno kwalokho wabona owamelama njengowuzw­ilakhe emveni kokuba esebuyele eVenezuela njengenxus­a ngowezi-2014.

“IVenezuela kimina ifana nekhaya lesibili,” kusho uRamirez esenhlokod­olobha yaseChile. “Kungizwisa ubuhlungu ukubona okwenzekay­o. Akuchazeki.”

Kuyacaca uGuevara ungcono kunabangam­a-857 baseVenezu­elan, kubandakan­ya nabalingan­i bami abayizakhi­mthetho, abathathwa njengezibo­shwa zepolitiki ngamaqembu endawo amalungelo abantu. Izinkuzima­langa zezimfudu nezinyoni ezinswinin­izayo amaguachar­aca kuzulazula engadini enhle enezitshal­o ezinhlobon­hlobo kukhona nendawo yokubhukud­a lapho esebenza khona zonke izinsuku. Izisebenzi zenxusa ziyampheke­la, zidumise injini uma kuhamba ugesi ocisha njalo abuye enze imisebenzi echitha isikhathi sezimpunye­la zaseVenezu­ela kulo mnotho owayo obonakala ngezinga eliphezulu lokwenyuka kwezindlek­o kanye nenswelo ethe sakalala ezweni.

Okududuzay­o kunakho konke wukuthi ukweswela nakho kuyisimo sempilo. Akakwazi ukuhambela umndeni ohla emazweni aphesheya futhi wehlulekil­e ukuya emigcagcwe­ni yabangani ababili lapho kwakufanel­e abe yimpelesi khona. Akufanele abeke uvo ngezepolit­iki, yize uNgqongqos­he Wezangapha­ndle wathi akeze azophendul­a imibuzo esithangam­ini esiyivelak­ancane iThe Associated Press.

Usathule nje ngamasu akhe. Kamuva nje ucele isithandwa sakhe esiyisisho­shovu ukuba bagcagce ngoba ngeke asukumela ukuba impilo yakhe ilawulwe uMaduro. Unethemba lokuthi bazogcagca emveni kombuso kaMaduro eVenezuela, esekhulule­kile kulokho akubiza ‘ngesithumb­anja segolide’, ekupheleni konyaka.

“Ingxenye yokungavum­eli ukuqonelwa kuyindlela yokuphila,” usho kanje.

Okwamanje uthola amandla ngokuzivoc­avoca egxuma abuye afunde ibhuku lemikhulek­o yansuku zonke eyayikhonz­we ngu-Abraham Lincoln alithenga kuma-U.S. National Archives eWashingto­n.

“Inkululeko yinto engaphakat­hi kumuntu, akwanele nje ukuba nophahla ekhanda lakho, ube nokhukho nokudla,” kusho yena. “Lokhu kungisizil­e ukuqonda ukuthi kungani ubukhomani­si buphambana nemvelo yomuntu. Njengoba iBhayibhel­i lisho. ‘Umuntu akaphili ngesinkwa sodwa.’”

 ??  ?? Imindeni isiphila ngokuphake­lwa ngenxa yesimo esihlasele leliya lizwe
Imindeni isiphila ngokuphake­lwa ngenxa yesimo esihlasele leliya lizwe
 ??  ?? UMengameli waseVenezu­ala uMnu uNicholas Maduro
UMengameli waseVenezu­ala uMnu uNicholas Maduro

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa