Bayede

U-Eric Tinkler usecabanga ngomdlalo wezakhe neRoyal Eagles

- nguQHELANI MSWELI

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United u-Eric Tinkler uthumele umyalezo emazweni azoncintis­ana koweCosafa Cup eThekwini ngesonto elizayo ukuthi abheke engxenye. Lokhu kungenxa yomqansa ezakhe ezibhekene nawo njengoba zizolwela ukufa nokuphila ukuze zihlale esigabeni esikhulu i-Absa Premiershi­p. IMaritzbur­g (Team of Choice) idlale ngokulinga­na ngelilodwa nhlangothi zombili neBaroka FC ngoMgqibel­o odlule ePolokwane.

“ICosafa Cup kimi ayisho lutho. Lezo zicelo zizokwehla ezindleben­i eziyizithu­lu. Uma omunye wabadlali bethu ebizelwa kuCosafa Cup, ngizothi cha.”

UTinkler ukude kakhulu nokucabang­a ngemidlalo yeCosafa Cup ngoba ngalesi sikhathi uzobe ecabanga imidlalo yamaplay- off namaqembu amabili eNational First Division (NFD), iRoyal Eagles kanye neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila (TTM).

Maphakathi nomcintisw­ano

we-Absa Premiershi­p, leli qembu lase lithathwe njengeseli­phumile kuPSL. Kwabuya ithemba kufika uTinkler sekusele imidlalo eli-12.

Kubukeke kuwumseben­zi omkhulu, kodwa uTinkler uhamba lapho kungekho khona ofuna ukuya khona. Futhi unamava, wabuyisa ukuzithemb­a kubadlali baseMaritz­burg, kanti ngoMgqibel­o uFarook Kadodia umnikazi weqembu walithatha nezinkumbi zabalandel­i baya enhlokodol­obha yaseLimpop­o ngenkolelo yokuthi uzobe esenguSihl­alo weqembu elidlala emazingeni aphakeme.

Basondela ekufezeni lokho ngesikhath­i uFortune Makaringe elivalela phakathi ngesiwombe sokuqala, kodwa uMduduzi Mdantsane walinganis­a ngesiwombe sesibili. Lokhu kwaguqula izinto.

Ngokuvamil­e, uTinkler uyakwazi ukulwa nakuba evuma ukuthi kuyoba inselelo enzima.

“Ukudlala namaqembu akwiNFD kuba umdlalo ohlukile, kufanele ube nendlela ehlukile. Ukwesaba kwami ukuthi uqala ukwehlisa izinga lakho, kanti awukwazi ukukwenza lokho. Kumele ugcine uzinga eliphakeme, lezinga lePSL. Uma ungakwenza lokho, ungayinqob­a imidlalo uma usubhekene namaqembu eNFD kodwa uma wehlisa izinga lakho, uzozithola usenkingen­i.”

Ukhuluma ngento ayaziyo, njengoba eseke wadlala imidlalo yobungani namaqembu asemazinge­ni aphansi.

“Umdlalo wethu wokuqala usekhaya sobe sibhekene neRoyals, bese senza uhambo oluya eVenda. Leyo midlalo emibili ibaluleke kakhulu. Lokho esizokutho­la ekhaya nasekuhamb­eni kubaluleke kakhulu.

“Kungenxa yokusinda kwethu. Umsebenzi osemkhulu. Abadlali bazohlala lapha enye inyanga lapho kufanele baya kwikhefu. Kodwa ngibalungi­selele lokhu, ngakho-ke bakulungel­e nangokwenq­ondo,” kuphetha uTinkler.

Imidlalo yamaplay- off iqale ngoLwesith­athu lapho iRoyal Eagles ibhaxabule iTTM ngegoli elilodwa eqandeni. IMaritzbur­g United ibikhona enkundleni iwubukela lo mdlalo.

Umdlalo olandelayo uphakathi kweMaritzb­urg United neRoyal Eagles ngesonto ntambama eHarry Gwala Stadium.

 ??  ?? Umqeqeshi weMaritzbu­rg United u-Eric Tinkler
Umqeqeshi weMaritzbu­rg United u-Eric Tinkler

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa