IBUTHO ELINGELIKHULU KEPHA ELINGAGIGA IZINGQWELE
Eminyakeni emihlanu eyedlule i-Economic Freedom Fighters itshengisile ukuthi ayihlabi ngakumisa ePhalamende
IZIBALO zokhetho lwakamuva ziyakuveza ukuthi i-Economc Freedom Fighters (EFF) lenze kahle. Yize abaningi bebeyahlulela ngokuthi kayikwazanga ukuba nguHulumeni nokuyinto ebingeke vele yenzeke, leli qembu elineminyaka eyisithupha labunjwa likwazile ukunyathela ngezigi ebezigagazisa ngisho iqembu elibusayo. Irekhodi elaphulwa yileli qembu ngesikhathi lingenela ukhetho okokuqala nokuyilapho labuya nezihlalo ezingama-25 likhuphukile kulokhu njengoba sezingama-44
okungaphezudlwana kwengxenye yalokho okutholwe yiqembu elikhulu kwaphikisayo iDemocratic Alliance yona ebuye nezingama-84. Ngokwamaphesenti lisuke kuma-6.35% laya kuma10.8%. Aligcinanga lapho, lingenisile nakwenzinye izifundazwe njengoba eLimpopo, eMpumalanga naseNorth West liyiqembu eliphikisayo.
Ukuphumelela kwe-EFF kusuka ekunengweni kwabantu yindlela i-African National Congress (ANC) eliphethe ngayo izwe kule minyaka engama-25, ukuguquka kwepolitiki nokukhula kolwazi lomvoti. Phezu kwalokhu ngeke ulephuce leli qembu nobuholi balo isicoco sokukwazi ukufunda umdlalo wepolitiki yakuleli esikhathini nje esifushane nokuthe lingenza njalo lakwazi ukuzihlela kahle laphosa izibhakela ebezenza kuyende amanye amaqembu. Akulona ihaba ukuthi ezinsukwini zakhe zokugcina njengomengameli wezwe uMnu uZuma into ebingamhlalisile kahle wukukloloda nokuhhahhama kwe-EFF ePhalamende. Nazo ezeEFF zizincoma ngakho ukuthi lapha kuZuma zayihlaba inxeba zayilandela, yaze yaguqa.
Okunye ebidle ngakho yindlela yokukwazi ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana. Ngokwemibiko abantu abasebenzisa amasmartphone baphakathi kwezigidi ezingama-20 kuya kwezingama-22 eNingizimu Afrika lokhu okwenza ingxenye eyodwa kwezintathu zesibalo sabantu kuleli lizwe. Leli qembu belinohlelo oluqondile lokuthola ingxenye enkulu yesibalo.
Entela ePhalamende ngoLwesithathu umholi we-EFF uMhlonishwa uJulius Malema uthe akazi ukuthi iSekela Somlomo ebelizabalaza besengama-25 liyokwenzenjani njengoba isibalo sabo sesikhulile. Lona ngumbuzo omqoka ngoba abangene kuleli qembu babandakanya abafundi abebesekhaleni lemizabalazo eyahlukene yabafundi nabasathi uma bekhuluma babhodle umlilo.
Ebhekise kuRamaphosa ngesikhathi embongela ngokuqokwa njengoMengameli, uMalema wexwayise uMengameli ngabelungu: “IStellenbosch iyinkinga, siyakwazi ukusondelana kwakho nayo. Asikhethanga u-Oppenheimer. Sameluleka noMengameli omelamayo ngokuthi asikhethanga amaGupta kodwa sikhethe yena akaze alalela. Lalela ubuhlakani babantu abakukhethile. Uma uke waqala walalela abelungu laba abaqhoqhobele umnotho, kufanele wazi ukuthi kungenzeka ungaliqedi ihlandla lakho,” kusho uMalema.
Lokhu kuphawula kukaMalema kuveze iqiniso lokuzayo okuwukuthi ibutho leli lilinde nje ukuthi anyathele kabi uRamaphosa bese limsukela. Uma kuke kwafika lapho uyoba mkhulu umsindo njengoba izinombolo zisho khona ukuthi ingane ebincane zolo lokhu isikhulile. Umbuzo uthi uRamaphosa uzokwazi yini ukulithena amandla ukuze angaphazamiseki uma ethula izinkulumo ePhalamende.