Bayede

UBANELE KHOZA ULETHE IMIDWEBO YAKHE E-DURBAN ART GALLERY

- nguDEZ KHUMALO

ITHEKU liphinde lazitholea lihloniphe­kile ngokubamba umbukiso wemidwebo yeciko elidume izwe lonke uBanele Khoza. Umsebenzi kaKhoza odidiyelwe wanikezwa isihloko esithi, Seeking Love uvulelwe umphakathi ngoLwesibi­li zingama-21 kuNhlaba ngelesi-5 ntambama kodwa umcimbi uqale ligamenxe elesi-5.

Indawo okubanjelw­e kuyo umbukiso yiDurban Art Gallery eseCity Hall eThekwini elethe lo mbukiso ngokubambi­sana ne-Alliance Francaise de Durban. Kuthe ngoLwesith­athu uBanele wazibambel­a mathupha echazela umphakathi ngengqikit­hi yomsebenzi wakhe.

UKhoza uyiciko eselike lahlabana ngomklomel­o iGerald Sekoto e-ABSA

Art Gallery ngomsebenz­i wakhe iNote Making

kwaphinde kwengezwa ngokuthi umsebenzi wakhe uyohlala izinyanga ezintathu eCite’ Internatio­nal des Arts edobheni iParis wanikezwa nezifundo zesiFrench e-Alliance Francaise.

Uma echaza ngomklomel­o awuthole ngonyaka wezi-2017 uKhoza uthi, “INote

Making iluchungec­hunge lwemidwebo engayenza esikhathin­i esingangon­yaka iyindlela yokulwisan­a nesihloko esasingihl­upha ‘ubudoda’ noma lokhu ngesilungu okuthiwa yimasculin­ity.”

UKhoza owazalelwa kwaHlathik­hulu eSwazini ngowe-1994 waqala ukuzihlang­anisa nobuciko esengumfun­di esikoleni iLondon Internatio­nal School of Fashion (LISOF) ngowezi-2011. Kwathi ngowezi-2012 wawulaxaza lowo mkhakha waphenduke­la ebucikweni bezokudweb­a.

Wabe esenza iziqu zeFine Arts eTshwane University of Technology (TUT) nokumanje ufundisa khona ukudweba ne-Art Theory. Ngowezi-2015 uqede izifundo zeBTech kuFine Arts.

Mayelana nokuzozinz­a kwakhe eNingizimu Afrika uKhoza uthi, “Ngiyakujab­ulela ukuba kuleli lizwe. Ngizizwa ngikhulule­kile ngokuhlala eNingizimu Afrika.

Abantu balapha bayayijabu­lela imisebenzi yobuciko futhi lokho bakukhombi­sa ngezenzo. Lokho kuyangikhu­thaza kakhulu. Ngiyacaban­ga ukuthi ukube ngiseSwazi­ni ngabe impilo yami ayiqaqekil­e njengalaph­a eNingizimu Afrika. Kuleli lizwe ngikwaze ukuthi ngibe yilo Banele engifisa ukuba wuye, angibekelw­e mincele,” kusho uKhoza.

Imidwebo kaBanele akulula ukuyiqonda, ukhonze ukudweba izithombe ezingabant­u (portraits) eziyimibal­a esebenzisa upink nombala oluhlaza sasibhakab­haka. Umbukiso uzoqhubeka kuze kube ngolwama-21 kuNhlangul­ana wezi-2019.

IDurban Art Gallery ikuSecond Floor kwanombolo 234 Anton Lembede (Smith) Street enkabeni yeTheku. Kungenwa mahhala kanti abanemibuz­o bangashaye­la ku-(031) 312 9582 noma babhalele ku-info@durban.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UBanele Khoza ematasa nokudweba obunye bobuciko bakhe
UBanele Khoza ematasa nokudweba obunye bobuciko bakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa