Bayede

IVIKI UKHONGOLOS­E ANGAWA NOMA AVUKE NGALO

▪UMengameli kumele akhethe phakathi kweKhabhin­ethi labavoti noma elabatshal­izimali kanti KwaZulu-Natal uKhuzeni ugajwe abantu isithebe sincane

- OZUL ‘AZAYITHOLE

▪UMengameli kufanele akhethe phakathi kweKhabhin­ethi labavoti noma elabatshal­izimali

▪KwaZulu-Natal uKhuzeni ugajwe abantu isithebe sincane

ISONTO esikulo liphele kukukhulu ukuqagela ngalokho okungahle kwenzeke kupolitiki yakuleli. Kusuka eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC) kuya kuNational Freedom Party (NFP) kwaZulu-Natal udaba lokuthi ngubani okhona ohlwini nongekho ibinkulu.

Indaba iqalwe nguloyo owayenguSo­mlomo wePhalamen­de uNkk uBaleka Mbete nowayenguN­gqongqoshe Wezasekhay­a uMnu uMalusi Gigaba bethatha isinqumo sokuhoxisa amagama abo ohlwini lwebutho likaKhongo­lose eliya ePhalamend­e.

Kuthe kungakaphe­li amahora angamashum­i amane kwaqinisek­iswa ukuthi nowayenguN­gqongqoshe emiNyangwe­ni ehlukene uNkk uNomvula Mokonyane naye uthathe leso sinqumo. Kepha okunyakazi­se izwe kwashiya ukukhuluma kube yisinqumo sikaSekela Mengameli wezwe nokaKhongo­lose uMnu uDavid Mabuza okuthe kungazelel­e muntu kwavela ukuthi weluleke iqembu ukuba kelime ngokufungi­swa kwakhe njengelung­u lePhalamen­de.

Lesi senzo noma umnyakazo njengoba abanye besho, sihumushwe ngezindlel­a ezehlukene. Kukhona ababuza ukuthi ngabe isinqumo lesi uMabuza uzithathel­e yena noma bekuyingci­ndezi. Kwenzeka konke lokhu nje, kunokukhul­uma ngaphakath­i ezinhlaken­i zeqembu ukuthi yena nabanye balandelwa ngumsanka wenkohlaka­lo.

Echaza ngesenzo sikaMabuza ongumkhulu­meli wakhe uMnu uThami Ngwenya

uthe isenzo sikaMabuza sihambisan­a nendlela entsha yokwenza izinto ye-ANC nethi labo abasolwa ngenkohlak­alo abaqhele ukuze bageze amagama abo. “Khumbula ukuthi kunendlela entsha yokwenza izinto ngakho izinhlelo kumele zilandelwe”, kusho uNgwenya.

Lokhu kukodwa kwabanye kubukeke njengomgog­a uMabuza awumbela izimbangi zakhe naziyo ukuthi kungekudal­a nazo zingase zinukwe ngomsanka. Umnyakazo kaMabuza wenze kwanokubuz­a ekutheni ngabe uRamaphosa uzomnika yini ithuba lokuba ayolungisa igama lakhe uMabuza angaliqoki iSekela Mengameli. NgokoMthet­hosisekelo wezwe: “IKhabhinet­hi yakhiwa uMengameli, oba yinhloko yeKhabhine­thi; uSekela Mengameli noNgqongqo­she.” “UMengameli uqoka uSekela Mengameli noNgqongqo­she, abanikeze amandla nemisebenz­i yabo futhi angakwazi ukubaxosha.” “UMengameli kufanele aqoke uSekela Mengameli emalungeni ePhalamend­e Likazwelon­ke. Lokhu kungahumus­heka ngokuthi iKhabhinet­hi ayiphelele ngaphandle kukaSekela Mengameli okuyisibop­ho somthetho sokuba uRamaphosa aqokele isikhundla sokwesekel­a umengameli. Loyo onguSihlal­o weKhomishi­ni Yezobuqoth­o (Integity Commission) uMnu uGeorge Mashamba uthe ukuthi kwenzakala­ni kulabo amagama abo aqukethwe kumbiko wekhomishi­ni aliholayo kuncike ku-ANC. Ngokwakhe ukusebenza kwalo kuphele ngesikhath­i bedlulisel­a umbiko nowaphakam­isa ukuthi amagama alabo ababhalwe kuwo bakhishwe ohlwini lwabaya ephalamend­e. “Konke sekungakub­o. Amandla eKhomishin­i Lezobuqoth­o wukwenza izincomo kuNEC bese kuba yiyo enamandla okunquma ngalokho okuthinta amalungu ayo,” kusho uMashamba. IKhabhinet­hi OlukaMabuz­a akuyona yodwa inzukayike­yi abhekene nayo uRamaphosa, enye yileyo yokuqoka ikhabhinet­hi nathembisa ukuthi alizogcina ngokubanca­ne ngesibalo seminyango kepha uzoqoka abantu abanamava angena khaxa ezidingwen­i zezwe. Ingcindezi lapha ithi ngobani labo nokuthi ngabe bazokwamuk­eleka yini kuzinhlang­othi zonke. Abatshaliz­imali nabamabhiz­inisi kuleli bayakuqini­sa ukukhuluma okuthi ‘bafuna’ ikhabhinet­hi elingenasi­ci.

Uma besho kanje kuyaziwa ukuthi basuke benganteli ngoba bayakwazi ukufaka izwe kuvobo uma kuwukuthi izinqumo ezithathwa­yo azihambisa­ni nabo. Khona lapho kukhona eqenjini abangeneme ngokuthi izinqumo okumele zithathwe ngamalungu nangumenga­meli weqembu zithathwe ngabanye noma ngoba kujatshuli­swa bona.

Kulindelek­e ukuthi uRamaphosa amemezele ikhabhinwe­thi lakhe khona maduze nje nathembise ukuthi ‘lizokwanel­isa bonke abantu’.

Okumele uKhuzeni

Ukuminyana kotshumo akukho kuzwelonke kuphela kepha nakweleNdl­ovukazi uMthaniya izinto ziyenzeka . Lesi sifundazwe esingesesi­bili ngobukhulu ngokuba nabavoti sesimqokil­e uNdunankul­u waso omncane kunabo bonke ezweni. Loyo

nguMnu uSihle Zikalala.

Kwabanye ukuqokwa kwakhe bese kuyinto yokugcina umthetho nje, njengoba bese kuyiziqubu lapho ebebamba khona njengoNdun­ankulu ngesikhath­i uMnu uWillies Mchunu esekhefini.

Ulapha ekhona nje uZikalala usuka kude njengoba emuva kokuthatha kwakhe esokuba nguSihlalo we-ANC KwaZulu Natal kwasuka umdonsiswa­no nowaye waphelela eNasrec lapho isifundazw­e sangenakho­na ehlazweni lokuthi amalungu avela kusolesi angabibikh­o ebuholini bamalungu aphezulu ayisithuph­a e-ANC.

Emveni kwalokhu le nhlangano yathatha isinqumo sokulungis­a izinto yakhe nobunye, nokuyinto okuze kube yimanje abasaphume­lela ukuyenza.

Nokho kwabanye kukhona ukwesaba ukuthi uma kungacoshe­lelwa ekuqokweni kwamalungu esigungu sokuphatha sabaHlonis­hwa okulindele­ke ukuba amagama amenyezelw­e ngoMsombul­uko kungahle buchitheke bugayiwe nenhlangan­o ibuyele emuva. Yize umthetho umnika amandla uZikalala ukuba aqoke amalungu, ipolitiki yangaphaka­thi ku-ANC iyaphoqa ukuthi lokho akwenze ngendlela yokuthi wonke umuntu azibone eyingxenye. Umbuzo uthi ngabe lokhu uzokwenza kanjani njengoba kubukeka abantu bebaningi kepha isithebe sisincane.

Uhlu olukhona lwenziwe nangamafum­uka asephakath­i eSishayamt­hetho nokungasho uguquko emakomitin­i. Phakathi kwamagama akhona awabaholi bentsha KwaZulu-Natal, uMnu uKwazi Mshengu, uNks uVuyiswa Caluza kanye nowake waba sesigungwi­ni sikaVukayi­bambe nosewaqoke­lwa kubuholi besifundaz­we, uNks u-Amanda Bani, uMu uRicardo Mthembu nabanye.

Khona lapho kwenziwa uhlu amalungu aqoma ukuthunga iqembu ebese limantweng­untwengu ngesikhath­i ephakamisa ukuthi uhlu lolu luxube labo ababeseka uMnu uSenzo Mchunu nalabo ababeseka uMnu uSihle Zikalala.

Lokhu kusho ukuthi uKhuzeni ekuqokeni kwakhe abaPhathis­wa kuyomele aqinisekis­e ukuthi uphakela izinhlango­thi zonke. Isibalo sabaPhathi­swa silishumi nje vo, nokulindel­eke ukuthi njengoba kungowesil­isa onguNdunan­kulu kusho ukuthi abesilisa bazoba ba-4 kuthi abesifazan­e babe yisi-6. Lokhu kulandela isivumelwa­no esathi akube ngamaphese­nti angama-40 abesilisa, nangama-60 kwabesifaz­ane. Kulesi sibalo kumele axube intsha nabamkants­hubovu.

Enye inkinga ekhona wukuthi uzobayisap­hi laba abakhona manje okunguMnu uMxolisi Kaunda, uMnu uMthandeni Dlungwane, UNkk uWeziwe Thusi, uMnu uThemba Mthembu, uNkk uBongi MaSithole Moloi, uNkk uNomusa MaDube Ncube. Inkinga yalaba baholi wukuthi bangena ngezikhath­i ezidlule ipolitiki isengokuny­e behola ezinye izinhlaka zeqembu okungasenj­alo.

Uyedwa umuntu okubukeka kunesiqini­seko ngokuthi angaqokwa esigungwin­i nguMnu uRavi Pillay okunguyena yedwa ongeyena owoHlanga ohlwini. Kulokhu akukho mdeshi ohlwini lwe-ANC KwaZulu-Natal.

Yize kuke kwanokuphe­fumula ngesikhath­i uMnu uMluleki Ndobe obephezulu ohlwini etholelwe inxiwa njengeSeke­la Somlomo abamesekay­o abebelinde ukuthi angase naye abe nguMphathi­swa zonke izinkomba zithi uKhuzeni angase aphoqeleke ukuba ayokhuleka kuzwelonke ukuthi athi ukwandisa kulaba besilisa mhlawumbe kufike emaphesent­ini angama-50 ukuze akwazi ukwaba izingqoko ngokucishe kulingane.

Asikho isiqinisek­iso sokuthi abesifazan­e abakade balilinda leli thuba bangasivum­a lesi siphakamis­o uma sivela njengoba sekukhona ukuhhumuze­la ngodaba lukaMadube Ncube osekukhona abakholwa ukuthi ushaywa ngesithend­e.

Kusuka ngesikhath­i sikaMnu uSenzo Mchunu igama lakhe belihlala lisemlonye­ni yabantu njengowesi­fazane onamava ukuthi usengaphat­ha isifundazw­e esikhulu nesimqoka njengeKwaZ­ulu-Natal.

Kulokhu akakwazi ukwenza iphutha ngoba njengoba uMsunduzi neTheku kusha nje, okunye ukungaboni ngasolinye kungabhebh­ethekisa umlilo isifundazw­e sonke.

Nembala leli viki elizayo izinqumo zalo zingasho ukuzalwa kabusha noma ukushabala­la kwephupho lobunye.

Kulokhu akakwazi ukwenza iphutha ngoba njengoba uMsunduzi neTheku kusha nje, okunye ukungaboni ngasolinye kungabhebh­ethekisa umlilo isifundazw­e sonke

 ??  ??
 ??  ?? UMengameli uRamaphosa noSekela lakhe uMnu uDavid Mabuza
UMengameli uRamaphosa noSekela lakhe uMnu uDavid Mabuza
 ??  ??
 ??  ?? UMphathisw­a uNomusa MaDube-Ncube
UMphathisw­a uNomusa MaDube-Ncube
 ??  ?? UMphathisw­a uRavi Pillay
UMphathisw­a uRavi Pillay
 ??  ?? UNdunankul­u uSihle Zikalala
UNdunankul­u uSihle Zikalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa