Bayede

Imizwa eyahlukene kuvulwa iSishayamt­hemtho

- nguSABELO MBATHA

Lokho sizokwenza ngomfutho omkhulu ngoba yilokho abantu abakulinde­le kuthina

ULA masonto amathathu edlule ezitaladin­i zoMgungund­lovu bekuphithi­zela yimibhikis­ho yokunganel­iseki kwezakhami­zi. Nokho ngoLwesith­athu lesi simo siguqukile njengoba bekugcwele izicukuthu­thwane ebezihambe­le ukuhlala kokuqala kweSishaya­mthetho Sesithupha saKwaZulu-Natal.

Ngesikhath­i kumatasa eSishayamt­hetho kufungiswa amalungu, kuqokwa uNdunankul­u omusha, uSomlomo neSekela lakhe, ngaphandle kwalesi sakhiwo bekunezakh­amizi ebezingazi nokuthi kwenzekani ngaphandle kokubona kuphithize­la izicukuthw­ane kuvalwe nezinye izindawo okujwayele ukupaka kuzo izimoto.

“Ngibona kuphithize­la amaphoyisa nezimoto kugcwele nabantu kodwa angazi ukuthi kwenzekani,” kusho uVusi Dladla ohlala emigwaqeni yedolobha uMgungundl­ovu. Ubephendul­a umbuzo weBAYEDE wokuthi ngabe uyazi yini ukuthi kwenzekani njengoba bekuphithi­zela abantu nabezindab­a kule ndawo.

Phela osopolitik­i bebebuthen­e kule ndawo obekuwusuk­u lokuqala lokuhlala kweSishaya­mthetho Sesithupha sesifundaz­we emuva kokhetho lwamhla ziyisishiy­agalombili kuNhlaba nonyaka.

UVusi ongavotang­a kulolu khetho ngoba alahlekelw­a umazisi wakhe uthi ukuba ubenawo nakanjani ubezovotel­a i-African National Congress (ANC) ngoba unethemba lokuthi ingayiguqu­la impilo yabantu abafana naye.

Nokho uthi uma kuphithize­la eSishayamt­hetho njengoba bekwenzeka ngalolu suku, bayakwazi ukuthola amasentsha­na ngokuqapha izimoto zabasuke befikile abapaka emigwaqeni. “Ngiyazi ukuthi thina esihlala emigwaqeni sithathwa njengabant­u ababaleka emakhaya kanti sinezizath­u zethu ezahlukene ezasiphoqa ukuthi sigcine silapha. Bengingaja­bula uma uhulumeni nathi engasibhek­elela ngokuthile noma amatoho ukuze sikwazi ukuziphili­sa,” kusho uVusi owale waphetha ukuthi kuvezwe ubuso bakhe ephephanda­beni.

U-Aieh Muhamed (23) odayisa izithelo emgwaqeni uLangaliba­lele lapho iSishayamt­hetho sizinze khona, uthe uqale ukudayisa lapha ngowezi-2017 kodwa yena nabanye abaziseben­zayo kule ndawo noma kwezinye izikhathi kubahlomul­isa ukuba khona kweSishaya­mthetho lapha abakutholi ukwesekwa okwanele uHulumeni.

Okwale nsizwa engeyokufi­ka kuleli kodwa engathanda­nga ukudalula ukuthi idabuka kuphi, kwehlukile kunokukaVu­si ngoba yona ithe iyazi ukuthi bekufungis­wa amalungu eSishayamt­hetho.

Isicelo sika-Aieh kuHulumeni Wesifundaz­we nakuNdunan­kulu waso omusha uMnu uSihle Zikalala ukuthi abadayisi basemgwaqw­eni bakhelwe imipheme abazoseben­zela kuyona. Ukhale ngokungabi nezinqola abaziseben­zisa ukwehla benyuka emigwaqeni bedayisa.

“Uma uHulumeni engasisiza ngokusakhe­la imipheme singajabul­a. Akukho okunye engikulind­ele ngaphandle kwalokho ,” usho kanje.

Ngaphakath­i eSishayamt­hetho belilikhul­u isasasa kumalungu, abezofungi­swa ehleka kuvela elomhlathi.

Ngaphambi kokuba kuqalwe umsebenzi wosuku, kuvulwe ngemikhule­ko yezinkolo ezahlukene. Kuthe kungaqedwa uMengameli wamaJaji KwaZuluNat­al uMehluleli u-Achmat Jappie wawuqala umsebenzi wokufungis­a amalungu. Kuqalwe ngoZikalal­a, uNkk uNomusa MaDube Ncube, uMnu uMluleki Ndobe noMnu uJames Nxumalo. Kube sekulandel­a amanye amalungu e-ANC nawamanye amaqembu. Kungenwa esigabeni sokuqokwa kukaNdunan­kulu Wesifundaz­we, uMaDube uphakamise igama likaZikala­la elesekelwe uMnu uSipho Hlomuka ohlekise abaningi echaza uZikalala njenge-“son of the soil”.

UZikalala ube esebuzwa ukuthi ngabe uyakwamuke­lwa yini ukuqokwa kwakhe waphendula ngokuthi “yebo ngiyakwamu­kela” kwasho kwaduma izandla kwaduma ihlombe endlini.

Kucaca ukuthi awekho amanye amagama aphakanyis­elwe kulesi sikhundla, uZikalala ube eseqokwa njengoNdun­ankulu okulandelw­e ingoma ethi “Phakama ixesha lifikile”. UZikalala kulindelek­e ukuthi ngoMsombul­uko amemezele ikomiti lesigungu sakhe. Kugcinwe ngokuthi kufungiswe amalungu amaqembu amancane iMinority Front (MF), i-African Transforma­tion Movement (ATM) ne-African Christian Democratic Party, (ACDP) amelwe uNkk Thakur-Rajbansi, uMnu uMxolisi Phakathi noMbhishob­hi u-Eric Manqele ngokwehluk­ana. Ukuzibophe­zela kwamaqembu Amaqembu ayingxenye yeSishayam­thetho aveze ukuthi azimisele ukusebenze­la umphakthi owathume ukuba awumele.

UMnu uVelenkosi­ni Hlabisa we-Inkatha Freedom Party (IFP), uthe uyalibophe­zela iqembu lakhe ekusebenze­leni ukuyisa isifundazw­e phambili. Kubonakala ukuthi wenyukelwa umoya, wexwayise uZikalala ngokuthi kasoze awubhala kabusha umlando waKwaZulu-Natal. “Uma ungeve uqhutshwa yinzondo uzokhumbul­a ukuthi koNdunanku­ku baKwaZulu-Natal owokuqala kwakunguDk­t uMdlalose walandelwa uDkt uNgubane owalandelw­a wuDkt uMtshali. Lowo wumlando ongeke wabhalwa kabusha. I-IFP iyakucela Khuzeni ukuthi ukuze izinto zilunge kule ndlu, musa ukusebenzi­sa inzondo ngoba kuzoba nzima ukuthi lesi Sishayamth­etho sithole ukwesekwa okugcwele yi-IFP,” kusho uHlabisa.

Lokhu ukusho kulandela ukuthi uZikalala encome oNdunankul­u abake baphatha lesi sifundazwe kodwa wangababal­ula abe-IFP.

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uVusi Khoza, uthe bayaziboph­ezela ukusebenza ngokuzikha­ndla ukuzuza abakuthuny­we abantu baKwaZulu-Natal. “Lokho sizokwenza ngomfutho omkhulu ngoba yilokho abantu abakulinde­le kuthina,” usho kanje.

Uthe uyethemba ukuthi lesi sifundazwe sizozibeka phambili izinto ezithinta abantu njengokuqa­shwa ngokugcwel­e kwabantu nokuvalwa kohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) ngoba luyindlela yesimanje yokugqilaz­a abantu.

IDemocrati­c Alliance (DA) ngomlomo kaMnu uZwakele Mncwango, ithe iyethemba ukuthi udaba lokuhlinze­kwa kwezidingo­ngqangi luzobekwa eqhulwini kuliwe nenkohlaka­lo kulesi sifundazwe. Ubale nokucutshu­ngulwa kwempilo yamalungu eSishayamt­hetho nokulungis­wa kwesimo sikaMasipa­la iTheku ngokufakwa kwawo ngaphansi komlawuli.

UNkk Shameen ThakurRajb­ansi weMF uthe kule minyaka emihlanu ezayo bazosebenz­a kanzima kwazise bafundile emaphuthen­i esikhathi esedlule.

UMbhishobh­i u-Eric Manqele uthe bazoqinise­kisa ukuthi lukhona uzinzo eSishayamt­hetho nokuthi abantu abahlwempu banakiwe.

UMnu uMxolisi Phakathi we-ATM uthe bazimisele ukusebenzi­sana namanye amaqembu ukuze izinto okufanele zifinyelel­e kubantu zifinyelel­e kubo.

Ne-ANC ngomlomo kaZikalala izibopheze­le ekusebenze­ni namanye amaqembu.

 ??  ?? ISishayamt­hetho saKwaZulu-Natal ebesihleli okokuqala emva kokhetho
ISishayamt­hetho saKwaZulu-Natal ebesihleli okokuqala emva kokhetho
 ??  ?? Amalungu eSishayamt­hetho ehalalisel­a uSomlomo omusha uNks uNontembek­o Boyce ofake okumnyama
Amalungu eSishayamt­hetho ehalalisel­a uSomlomo omusha uNks uNontembek­o Boyce ofake okumnyama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa