Bayede

UBukhosi bungayihol­a eyentuthuk­o emakhaya

▪Umdonsiswa­no wosopoliti­ki noBukhosi ngentuthuk­o emakhaya awunasidin­go kubhala uMFO wakwaNOMAJ­ALIMANE

-

INTUTHUKO yasemakhay­a iya ngokuya iba yinoni ozinzweni lwezenhlal­o nasekuthut­hukeni kwezwe kwezomnoth­o. Sekuholele ekutheni imiphakath­i yasemakhay­a inakwe kakhudlwan­a ngabaningi abazibanda­kanya nentuthuko. Lena yinto enhle ngoba ivezela nabangazi ngenhluphe­ko nezifiso zemiphakat­hi yasemakhay­a. Nokho kukhona okuthize othi uma usubheka ubone ukuthi akuhambi kahle.

Umdonsiswa­no phakathi koBukhosi, uhulumeni nabanye osopolitik­i uphazamisa kakhulu intuthuko emakhaya. Futhi uma uthi uyabuka okubangway­o uthole ukuthi akukho, zinhlaka nje ezimbili ezithibele­ne. KwaZuluNat­al njengakwez­inye izifundazw­e lo mdonsiswan­o awuyona imfihlo, osopolitik­i emihlangan­weni yabo abakufihli ukuthi abathandi ukuthi uBukhosi kube yibo obusekhale­ni lentuthuko emakhaya. Kanjalo noBukhosi kabufihli ukuthi ‘amahalanjo­njo’ lawa angosopoli­tiki akangasond­eli. Imikhonto icije nhlangothi zozimbili.

Ngonyaka wezi-2012 iSILO sizama ukubhula lo mlilo sethula Ingonyama Rural Developmen­t (IRD) Forum. INhlangano yakhiwe ngokuhlang­anisa abaholi boMdabu, abalimi, ongoti, abacwaning­i, amabhizini­si nabakha inqubomgom­o ababuthene ngokulande­la isakhiwo sentuthuko yasemakhay­a.

Ubunjalo bendlelakw­enza beNhlangan­o i-IRD bunesiseke­lo esihlose ukuqhuba inqubo yentuthuko yasemakhay­a kusukelwa emaphuzwin­i

amathathu.

Elokuqala iphuzu, izakhiwo zomdabu ngokwezimo zazo nangokwama­zinga kufanele zihambise intuthuko yasemakhay­a.

Lezi yizakhiwo ezididiyel­elwe empilweni yabantu basemakhay­a futhi kungakho ziqondwa kalula. Lokhu kudinga ukuthi abaholi boMdabu babe ngamanxusa oguquko nentuthuko ezindaweni zabo abazipheth­e. Elesibili, intuthuko ingenziwa kahle ngokubambi­sana kwayo yonke iminxa nababambe iqhaza. Akukho munxa nowodwa okufanele ube nombono ubuye uwenze ngaphandle kokubandak­anya bonke abathintek­ayo zisasuka amadaka.

Elesithath­u, intuthuko ingumqondo­msuka omagatsha ngakho-ke kufanele ithathwe ngendlela ewumumpu efaka inhlalo, abantu nomnotho.

Lo mqondo nombono weSILO wenanelwa nayi-African Union ngaphansi kohlelo lweNEPAD neyanele yezwa ukuthi selibubuli­le iBhubesi yase isondela . Ekusondele­ni kwayo yamema iSILO ukuba siyokhulum­a eBenin, phakathi kwabashayi­mthetho, nezifundis­wa zase-Afrika.

Ukutshengi­sa ukuthi esabe sikusho kwabe kungenzeka, ngesikhath­i simenywa yiNEPAD sama ekutheni ngeke silubeke eBenin ungekho uHulumeni waso. Nembala owayenguNd­unankulu waKwaZulu-Natal wajuba uMnu uNhlanhla Ngidi owayenguMq­ondsi Omkhulu ukuba aphelezele Ongangezwe Lakhe.

Nakhona eBenin Omdala wavikela uNgqongqos­he uGugile Nkwinti esho khona ukuthi yize kusenzima kepha inqubomgom­o yakuleli inazo izinhloso ezinhle ngentuthuk­o yasemakhay­a. Sekungumla­ndo ukuthi umhlangano waseBenin waphenduka uhlelo nenqubomgo­mo ye-AU okumanje namuhla i-Afrika inohlelo oluqondile mayelana nezolimo nentuthuko yezindawo zasemakhay­a.

Okuyisifun­do lapha wukuthi uBukhosi kanye nezinhlaka zabo bangayihol­a ngokukhulu­leka eyentuthuk­o nokuba ngcono kwezindawo zasemakhay­a. Asikho isidingo sokuklwebh­ana phakathi koBukhosi noHulumeni uma kuziwa entuthukwe­ni yomphakath­i.

Zombili lezi zinhlaka zimqoka ekuqinisek­iseni ukuthi konke okuyizifis­o zomphakath­i kuyafezeka.

Ukutshengi­sa ukuthi esabe sikusho kwabe kungenzeka, ngesikhath­i simenywa yiNEPAD sama ekutheni ngeke silubeke eBenin ungekho uHulumeni waso

 ??  ?? ISILO sethula inkulumo kwabathame­le ingqungqut­hela
ISILO sethula inkulumo kwabathame­le ingqungqut­hela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa