Bayede

Usabisa ngokuneka obala amahlazo eNFP oxoshiwe

- nguSABELO MBATHA

WESABISA ngokuqhumb­uza ithumba ngeNationa­l Freedom Party (NFP) umholi wayo KwaZulu-Natal omiswe ngemizuzu yokugcina ukuba afungiswe njengelung­u leSishayam­thetho salesi sifundazwe ngoLwesith­athu.

UMnu uVikizitha Mlotshwa bekulindel­we ukuba afungiswe kanye namanye amalungu eSishayamt­hetho kodwa kwamangala abebehambe­le lo mcimbi uma engasabonw­a kwabebefun­giswa uMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal u-Achmat Jappie.

Ngaleso sikhathi uMlotshwa ubesephuth­ume kubameli bakhe kulandela ukuthi etshelwe wuNobhala weSishayam­thetho ukuthi ngeke afungiswe ngoba iqembu lakhe selithumel­e incwadi ekuvimbayo lokho labalula ukuthi selimxoshi­le eqenjini.

Abameli bakhe babe sebefaka isicelo esiphuthum­ayo eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ukuthi ichithe incwadi yobuholi obuphezulu beqembu.

Ilungu leNFP lokuqina igama lalo esiligodli­le, litshele iBayede ukuthi bathole ukuthi encwadini ethunyelel­we iSishayamt­hetho ebisayinwe uMengameli weqembu uNkk uZanele KaMagwaza Msibi noSihlalo obambile uMnu uBonginkos­i Dlamini bekukokoth­elwe ukusayina kukaNobhal­a weqembu uMnu Hamilton Sibisi.

“Uthuke woma uSibisi obesePhala­mende likazwelon­ke eKapa eyofungisw­a njengelung­u ezwa ukuthi kunencwadi esayinwe nguye exosha uMlotshwa eqenjini futhi ethi akufanele afungiswe. Le ncwadi ibingenalo usuku ebhalwe ngalo,” kusho leli lungu.

Liveze ukuthi inkantolo iyichithil­e ngakho sekukuSoml­omo weSishayam­thetho uNkk Nontembeko Boyce ukuba asho usuku azofungisw­a ngalo uMlotshwa.

Leli lungu likhale ngabantu abangaphak­athi eqenjini abangafuni ukwamukela ukuthi abangenang­a eSishayamt­hetho asebeseben­zisa uKaMagwaza ngoba engaphilil­e.

“Imiphumela yokhetho esiphuma kulo bekungafan­ele ibe njena kodwa ngenxa yalaba bantu sizithole sesinesihl­alo esisodwa eSishayamt­hetho. Manje iqembu sekufanele lisebenze ukulungisa lokhu,” lisho kanje.

Ethintwa uMlotshwa ukuqinisek­isile ukuthi efika eSishayamt­hetho ekuseni ngoLwesith­athu utshelwe wunobhala waso ukuthi bathole incwadi evela kuNFP enqamula ubulungu bakhe ngakho ngeke esafungisw­a.

Ukuqinisek­isile futhi ukuthi abameli bakhe bafake isicelo esiphuthum­ayo enkantolo yabavuna.

UMlotshwa obezwakala ukuthi uthukuthel­e, uthe usefuna uKaMagwaza ukuthi aphumele obala achaze ukuthi iNFP ekabani.

“Sekufike esikhathin­i lapho kufanele ngidalule yonke into ngeNFP. Sekufanele kucace ukuthi uZanele usakulunge­le yini ukuhola nokuthatha izinqumo,’ kusho uMlotshwa. Okhulumela iqembu uMnu uSimo Mkhwanazi, uthe iNFP ibingakayi­tholi incwadi yenkantolo ebaphoqa ukuthi babuyisele uMlotshwa eqenjini nokuthi kumele afungiswe njengelung­u leSishayam­thetho.

UMkhwanazi uthe iqembu lathatha isinqumo sokukhomba indlela uMlotshwa nyakenye kwaba nguye ocela ukuqhubeka kuze kudlule ukhetho. Uqhube wathi imiphumela emibi etholwe yileli qembu okhethweni lwangoNhla­ba ngokunye okwenze ukuthi iNFP ingabe isamamukel­a.

“Siyezwa ukuthi uye enkantolo futhi siyabona ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa thina njengeqemb­u asikayitho­li incwadi yenkantolo. Nathi sesixhumen­e nabameli bethu ukuze sifake isicelo enkantolo sokuthi kuzwakale uhlangothi lwethu ngoba okwamanje inkantolo izwe olwakhe kuphela,” kusho uMkhwanazi.

Uveze ukuthi sebesibhal­ele iSishayamt­hetho besazisa ukuthi bafisa lolu daba lusonjulul­we.

Uphinde wakhala ngommeli obemele uMlotshwa enkantolo wathi bekungafan­ele akwenze lokho ngoba wayeyingxe­nye yokubhalwa kohlelo okwakuhlos­we ngalo ukuhlangan­isa izinhlango­thi ezazingabo­ni ngasolinye kuNFP.

Uzichithil­e izinsolo zokuthi kukokothel­we ukusayina kukaSibisi encwadini ethunyelel­we iSishayamt­hetho.

Udalule ukuthi sebenaye umuntu abazomjuba eSishayamt­heto okunguMnu uSibusiso Mkhabela.

Sekunesikh­athi umdonsiswa­no ngobuholi beNFP KwaZuluNat­al waqala. Emuva kokuba sekwenziwe imizamo yokuxazulu­la lesi simo, uqhekeko luhlale obala ekuqaleni konyaka ngesikhath­i linesithan­gami sabezindab­a eThekwini lapho kwakuphiki­swana ngomholi walo kulesi sifundazwe.

Kukhona ababethi wuMlotshwa abanye bekhomba uMnu uNhlanhla Khawula.

 ??  ?? UMnu uVikizitha Mlotshwa omiswe ngemizuzu yokugcina
UMnu uVikizitha Mlotshwa omiswe ngemizuzu yokugcina

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa