Umbuso usola uZuma nabameli ngokuhamba kancane kwecala
ITHIMBA labameli bowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma like lathwala kanzima izolo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngesikhathi abameli bombuso belifaka ngaphansi kwengcindezi yokuthi ummangalelwa wasebenzisa izigidigidi zemali yabakhokhibentela iminyaka eli-14 evikela ukuba kuqulwe icala lakhe.
Ummeli wombuso u-Advocate uWim Trengrove enza izethulo enkantolo izolo uthe abezokushushisa kuleli iNational Prosecuting Authority nethimba labameli bakaZuma kumele bavume ukugxekwa ngokubambezela leli cala. UTrengrove ubemi kwelokuthi abameli bakaZuma babamba bayayeka bacasha nangesithupha bakhuluma nangamatulo angabambeki.
“Okuphambili uMnu uZuma afisa ukukwenza ngecala lakhe, ngakubiza ngezinsolo zetulo, ukuthi itulo lokumbophela amanqina enyathi liwumphumela wezepolitiki. Ngasohlangothini lwethu sizoveza ukuthi ayikho indaba yaleli tulo ngakho kumele kube yinto okungakhulunywa nokukhulunywa ngayo,” kusho u-Advocate uTrengrove etshela amajaji.
Eqhubeka nezethulo uthe njengoba icala lokwakhelwa amanqina enyathi “kuyinto engabambeki”, ukushushiswa kukaZuma kuseyinto esemthethweni futhi engenzeka noma kuthiwa uboshelwa amanqina enyathi ngakwezepolitiki. Uthe iNkantolo eNkulu isikusho kaningi futhi yakucacisa ukuthi izinhloso ezingabambeki azisho ukuthi icala lisuke lingekho emthethweni.
Ukuphikisana kwayizolo kudalwe izethulo ezenziwe abameli bakaZuma ngoMsombuluko nangoLwesibili nabenkampani yezikhali yaseFrance abekwe nayo icala iThales lapho beveze khona ukuthi leli cala selidonse isikhathi eside okwenza bakholwe ukuthi ababoni kwenzeka ubulungiswa uma seliqulwa.
Ummeli ophambili kaZuma uMuzi Sikhakhane ubuye waveza enkantolo ukuthi ukuziphatha kwabophiko lwezokushushisa iNPA njengoba kuvela engxoxweni eyaba phakathi kowayengumqondisi wokuqala walolu phiko uBulelani Ngcuka nowayeyinhloko yoFezela uLeonard McCarthy kuma spy tapes kwashiya uZuma ekholwa wukuthi ukushushiswa kwakhe nokubekwa amacala kwakuhlobene nezepolitiki. UZuma nabameli benkampani yaseFrance bafuna lisulwe leli cala. Khonamanjalo kuleli sonto kuzwakale izindaba zokuthi omunye wofakazi oqandikhanda kuleli cala uNkk uSusan Delique ushonile. UTrengove utshele inkantolo ukuthi uthole kuleli sonto ngesikhathi setiye ukuthi uNkk Delique akasekho emhlabeni.
Phambilini wayethule ubufakazi ngefax okwakuxhunywana ngayo ecaleni likaZuma nowayengumeluleki wakhe wezezimali uSchabir Shaik eminyakeni edlule. Izolo uTrengove uthe icala likaZuma libucayi futhi liyabambeka. Uthe okushiwo uZuma kokuthi icala selihlehle kakhulu futhi lokhu kuphula nelungelo lakhe lokuba icala libe ngelinobulungiswa kudalwa nguye uqobo ngendlela enza ngayo izinto.