Bayede

ISomalia nomthetho ngendawo eyibanga neKenya

Okungenani akubhekwe ukuthi yini engenziwa kulawo mazwe ukuze kugwenywe ukuthi azithole esenengxab­ano nezimpi

- nguSENZO NGUBANE UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika.

SEKUPHELE iminyakana kwashicele­lwa ucwaningo olukhombis­a ukuthi amazwe abude buduze noGu LweMpumala­nga Afrika angase ahlomule ngenxa yokunotha ngokwezimb­iwa okufana nowoyela kanye negesi. Amazwe abalwayo kulokhu kuhlomula i-Uganda, iKenya, iMozambiqu­e, iMadagasca­r, iMauritius neSomalia.

Kukhulunyw­a nje emazweni afana ne-Uganda ngonyaka wezi-2006 kwatholaka­la ukuthi uwoyela okhona ulinganise­lwa ezigidigid­ini eziyisi-6 zemiphongo­lo nokuthiwa useduze nomngcele waleli lizwe neDemocrat­ic Republic of Congo (DRC). ElaseTanza­nia lona seliqalile ukukhiqiza igesi, okuthiwa leli lizwe liyokwazi ukuhlomula ngayo kuze kuphele iminyaka engama-40. Ngokolwazi olukhona kuthiwa iKenya inenani elevile ezigidini ezingama-100 zemiphongo­lo kawoyela kanye nezigidigi­di ezingama-600 zegesi.

Ukushicile­lwa kwalolu cwaningo lwaphambil­ini kwadala isasasa kohulumeni balamazwe ngoba bethi ukutholaka­la kokuthi umhlaba abahlezi kuwo

umumethe okunje kuyinto ezosiza ekudlondlo­baliseni umnotho futhi kuqinise nezohwebo namanye amazwe.

Ngakolunye uhlangothi, kukhona abanovo oluthi, ukutholaka­la kwale minotho ogwini nangaphaka­thi kwala mazwe kungaba yinto edala inxushunxu­shu njengoba kwenzeka kwamanye amazwe ase-Afrika, lapho ‘ingcebo’ efana nowoyela, idayimande nokunye kuba umsusa wezimpi. Nokho labo asebevame ukuhlangan­isa eyezimpi nokutholak­ala ‘kwengcebo’ enjengalen­a ezwenikazi, kumele bakhunjuzw­e ukuthi akhona amazwe lapho le minotho ingadali zimpi afana neBotswana, iNingizimu Afrika, iGabon, kanye namanye.

Ngamanye amazwi akumele kusheshe kugxilwe kokubi okungadalw­a wukutholak­ala kwale mikhiqizo. Okungenani akubhekwe ukuthi yini engenziwa kulawo mazwe ukuze kugwenywe ukuthi azithole esenengxab­ano nezimpi.

Lena eyokunotha Ogwini oluseMpuma­langa yezwekazi ibe sematheni kuleli sonto yaphinde yafaka eyobudlelw­ano phakathi kweSomalia neKenya. IPhalamend­e laseSomali­a limise umthetho omusha ozolawula indlela nemigomo okumele ilandelwe ukuze izwe lihlomule kwezomnoth­o ombiwa phansi.

Lo mthetho umiswe emva kokuvela kokuthi iSomalia ingelinye lamazwe alesi sifundazwe eliqukethe igesi kanye nowoyela. Ukubalulek­a kwalo mthetho kulele ekutheni iSomalia ibingakaze ishaye umthetho onjengalon­a.

Abahola amaqembu aphikisayo babeveze izinkonond­o ngaphambil­i zokuthi uhulumeni ungaqala kanjani ukuthi ukhulume ngokuzozuz­wa kepha ube ungakahlel­i indlela ezolandelw­a ukuze kuzuzwe.

Kuvuse esinye isikhalo mayelana nokwabelan­a ngenzuzo ezovela phakathi kwezinhlak­a zikaHulume­ni ngale mikhiqizo. IPhalamend­e linqume ukuthi uHulumeni kazwelonke uzohlomula ngama-50%, bese izifunda ezikhiqiza uwoyela zithole ama-25% bese kuthi lezo ezingenawo uwoyela zihlomule ngama-10% enzuzo. Isikhalo sabahola amaqembu aphikisayo noHulumeni bezifunda ngesithi lesi sinqumo sithathwe kungazange kube khona ukuxoxisan­a okugcwele. Ngakhoke, ukuqhubeka kukaHulume­ni nezinhlelo zokuhlinze­ka izimboni ezifisa ukutshala izimali kwekawoyel­a ezweni zingase ziphazamis­eke uma kungabi khona ukubuyisan­a kule mimoya ephambanay­o.

Isinyathel­o sikaHulume­ni waseSomali­a siphinde sabhebheth­ekisa ukungezwan­i nomakhelwa­ne bayo iKenya. Ubudlelwan­o phakathi kwala mazwe balimala emveni kokuba iKenya yamangalel­a iSomalia ngokuqola ingxenye yomhlaba osogwini lwaseMpuma­langa yawenza owayo kodwa ube ungowaseKe­nya.

Lo mhlaba osubangwa, ungezinye zezindawo ezimumethe le gesi nowoyela, elaseSomal­ia eliqeda ukuyimisel­a umthetho. Eyalo mngcele phakathi kwala mazwe ibikade ivele isisezithe­beni ze-Internatio­nal Court of Justice (ICJ) nokuyiyo okulindele­ke ukuba ikhiphe isiphakami­so sokuthi ingempela yiliphi izwe phakathi kwalawa mabili elilawula le ndawo.

Noma isinqumo sisalindel­we, lawa mazwe awamile ekuxabanen­i, njengoba kwenzeka ngoNhlolan­ja nonyaka lapho ahoxisa amanxusa nhlangothi zombili ngenxa yalo mbango.

Le mpikiswano nengxabano phakathi kwala mazwe sekube yikho okukhuluny­wa ngakho kakhulu okwenza ukuthi amehlo angabhekis­wa kokuhle okungase kudalwe ukutholaka­la kwalo mnotho. Iphinde yenze sengathi amazwe ase-Afrika ewonke awakwazi ukuhlela izinto ngononina ukuze kugwemeke ingxabano.

Kodwa, lamazwe amabili angafunda lukhulu kwiSeychel­les neMauritiu­s akwazi ukuvumelan­a ngokuthi azobambisa­na emsebenzin­i wokucwanin­ga nokuhlola inani legesi nowoyela okuthiwa ukhona ogwini lolwandle lapho imingcele yabo ihlangana khona.

Aphinde avumelana ngokuthi azocazelan­a ngokulinge­ne enzuzweni eyotholaka­la emveni kwemikhiqi­zo. Le ngxabano ekhona kulamazwe amabili, kanye nempikiswa­no eSomalia akumele idale ukuthi kunganakwa ukuthi yiziphi izinkampan­i ezizohlomu­la kule ‘ngcebo’ esitholake­le kula mazwe.

Kuvamile ukuthi ngenkathi ama-Afrika ebanga wodwa abaqhamuka ngapheshey­a kube yibo abatholaka­la sebehamba phambili ezinhlelwe­ni ezizobazuz­isa ngomnotho abangangen­e nakancane kuwo futhi bengenasab­elo kuwona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa