ISomalia nomthetho ngendawo eyibanga neKenya
Okungenani akubhekwe ukuthi yini engenziwa kulawo mazwe ukuze kugwenywe ukuthi azithole esenengxabano nezimpi
SEKUPHELE iminyakana kwashicelelwa ucwaningo olukhombisa ukuthi amazwe abude buduze noGu LweMpumalanga Afrika angase ahlomule ngenxa yokunotha ngokwezimbiwa okufana nowoyela kanye negesi. Amazwe abalwayo kulokhu kuhlomula i-Uganda, iKenya, iMozambique, iMadagascar, iMauritius neSomalia.
Kukhulunywa nje emazweni afana ne-Uganda ngonyaka wezi-2006 kwatholakala ukuthi uwoyela okhona ulinganiselwa ezigidigidini eziyisi-6 zemiphongolo nokuthiwa useduze nomngcele waleli lizwe neDemocratic Republic of Congo (DRC). ElaseTanzania lona seliqalile ukukhiqiza igesi, okuthiwa leli lizwe liyokwazi ukuhlomula ngayo kuze kuphele iminyaka engama-40. Ngokolwazi olukhona kuthiwa iKenya inenani elevile ezigidini ezingama-100 zemiphongolo kawoyela kanye nezigidigidi ezingama-600 zegesi.
Ukushicilelwa kwalolu cwaningo lwaphambilini kwadala isasasa kohulumeni balamazwe ngoba bethi ukutholakala kokuthi umhlaba abahlezi kuwo
umumethe okunje kuyinto ezosiza ekudlondlobaliseni umnotho futhi kuqinise nezohwebo namanye amazwe.
Ngakolunye uhlangothi, kukhona abanovo oluthi, ukutholakala kwale minotho ogwini nangaphakathi kwala mazwe kungaba yinto edala inxushunxushu njengoba kwenzeka kwamanye amazwe ase-Afrika, lapho ‘ingcebo’ efana nowoyela, idayimande nokunye kuba umsusa wezimpi. Nokho labo asebevame ukuhlanganisa eyezimpi nokutholakala ‘kwengcebo’ enjengalena ezwenikazi, kumele bakhunjuzwe ukuthi akhona amazwe lapho le minotho ingadali zimpi afana neBotswana, iNingizimu Afrika, iGabon, kanye namanye.
Ngamanye amazwi akumele kusheshe kugxilwe kokubi okungadalwa wukutholakala kwale mikhiqizo. Okungenani akubhekwe ukuthi yini engenziwa kulawo mazwe ukuze kugwenywe ukuthi azithole esenengxabano nezimpi.
Lena eyokunotha Ogwini oluseMpumalanga yezwekazi ibe sematheni kuleli sonto yaphinde yafaka eyobudlelwano phakathi kweSomalia neKenya. IPhalamende laseSomalia limise umthetho omusha ozolawula indlela nemigomo okumele ilandelwe ukuze izwe lihlomule kwezomnotho ombiwa phansi.
Lo mthetho umiswe emva kokuvela kokuthi iSomalia ingelinye lamazwe alesi sifundazwe eliqukethe igesi kanye nowoyela. Ukubaluleka kwalo mthetho kulele ekutheni iSomalia ibingakaze ishaye umthetho onjengalona.
Abahola amaqembu aphikisayo babeveze izinkonondo ngaphambili zokuthi uhulumeni ungaqala kanjani ukuthi ukhulume ngokuzozuzwa kepha ube ungakahleli indlela ezolandelwa ukuze kuzuzwe.
Kuvuse esinye isikhalo mayelana nokwabelana ngenzuzo ezovela phakathi kwezinhlaka zikaHulumeni ngale mikhiqizo. IPhalamende linqume ukuthi uHulumeni kazwelonke uzohlomula ngama-50%, bese izifunda ezikhiqiza uwoyela zithole ama-25% bese kuthi lezo ezingenawo uwoyela zihlomule ngama-10% enzuzo. Isikhalo sabahola amaqembu aphikisayo noHulumeni bezifunda ngesithi lesi sinqumo sithathwe kungazange kube khona ukuxoxisana okugcwele. Ngakhoke, ukuqhubeka kukaHulumeni nezinhlelo zokuhlinzeka izimboni ezifisa ukutshala izimali kwekawoyela ezweni zingase ziphazamiseke uma kungabi khona ukubuyisana kule mimoya ephambanayo.
Isinyathelo sikaHulumeni waseSomalia siphinde sabhebhethekisa ukungezwani nomakhelwane bayo iKenya. Ubudlelwano phakathi kwala mazwe balimala emveni kokuba iKenya yamangalela iSomalia ngokuqola ingxenye yomhlaba osogwini lwaseMpumalanga yawenza owayo kodwa ube ungowaseKenya.
Lo mhlaba osubangwa, ungezinye zezindawo ezimumethe le gesi nowoyela, elaseSomalia eliqeda ukuyimisela umthetho. Eyalo mngcele phakathi kwala mazwe ibikade ivele isisezithebeni ze-International Court of Justice (ICJ) nokuyiyo okulindeleke ukuba ikhiphe isiphakamiso sokuthi ingempela yiliphi izwe phakathi kwalawa mabili elilawula le ndawo.
Noma isinqumo sisalindelwe, lawa mazwe awamile ekuxabaneni, njengoba kwenzeka ngoNhlolanja nonyaka lapho ahoxisa amanxusa nhlangothi zombili ngenxa yalo mbango.
Le mpikiswano nengxabano phakathi kwala mazwe sekube yikho okukhulunywa ngakho kakhulu okwenza ukuthi amehlo angabhekiswa kokuhle okungase kudalwe ukutholakala kwalo mnotho. Iphinde yenze sengathi amazwe ase-Afrika ewonke awakwazi ukuhlela izinto ngononina ukuze kugwemeke ingxabano.
Kodwa, lamazwe amabili angafunda lukhulu kwiSeychelles neMauritius akwazi ukuvumelana ngokuthi azobambisana emsebenzini wokucwaninga nokuhlola inani legesi nowoyela okuthiwa ukhona ogwini lolwandle lapho imingcele yabo ihlangana khona.
Aphinde avumelana ngokuthi azocazelana ngokulingene enzuzweni eyotholakala emveni kwemikhiqizo. Le ngxabano ekhona kulamazwe amabili, kanye nempikiswano eSomalia akumele idale ukuthi kunganakwa ukuthi yiziphi izinkampani ezizohlomula kule ‘ngcebo’ esitholakele kula mazwe.
Kuvamile ukuthi ngenkathi ama-Afrika ebanga wodwa abaqhamuka ngaphesheya kube yibo abatholakala sebehamba phambili ezinhlelweni ezizobazuzisa ngomnotho abangangene nakancane kuwo futhi bengenasabelo kuwona.