Sekuyisikhathi sokubona izethembiso zokhetho
Imfundo ngenye yezinto amaqembu ezepolitiki abekhankasa ngayo kusabhekwe okhethweni ingcabha isikuwo
NGESIKHATHI semikhankaso yokhetho bekugqame ukwehlukana emaqenjini ezepolitiki ngalokho akumele nazibophezela ukuthi azokwenza uma abantu bewavotela ngobuningi. Kukhona obekubonakala kuwahlanganisa akhulume ngazwi njengezinga lobugebengu ezweni nokuphucula imfundo kuwona wonke amazinga.
Kusuka iNingizimu Afrika yathola inkululeko ngowe-1994, sekukuningi osekuzuzwe yizwe emkhakheni wezemfundo, kodwa okukhulu kakhulu ukusungulwa kohlelo olufanayo lwemfundo emfundweni eyisisekelo, uHulumeni waphinda wenza kwaba lula ukuthi wonke umfundi akwazi ukuya esikoleni noma ngabe uphuma emndenini onjani ngokusungula izikole ezingakhokhisi. Noma kunjalo kusekuningi okusadinga ukwenziwa kwezemfundo.
Yonke imiqulu yokhetho yamaqembu amakhulu njengeAfrican National Congress (ANC), iDemocratic Alliance (DA), ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ibikhuluma ngokubaluleka kwemfundo esezingeni nokwenza ngcono uhlelo lwemfundo kusuka emazingeni aphansi i-Early Childhood Development (ECD).
IDA yayikhuluma ngokuthi izosungula amakolishi azoqeqesha othisha basezikoleni zamabanga aphansi azogxila emikhakheni ethile kusuka ebangeni lokuqala kuya kumatric ukuze abafundi bakwazi ukucijelwa imikhakha ethile zisuka nje.
IDA yathembisa ukuthi noma kuthiwa ayiphumeleli ngendlela yokuthi iphethe uMnyango oqondene nalo mkhakha kuzwelonke, kodwa izofaka ingcindezi yokuthi kube nenkulumpikiswano ngalesi siphakamiso sayo ePhalamende kuzwelonke. Iphuzu le-Economic Freedom Fighters lokunyusa imaki lokuphasa lisuka kumaphesenti angama-30 kuya kwangama-50 lithakaselwe ngabantu abaningi baseNingizimu Afrika ababona imfundo njengento ehamba phambili ezweni.
I-EFF ibona imaki lamaphesenti angama-30 liyichilo emfundweni yakuleli. UMnyango Wemfundo Eyisisekelo oholwa uNkk u-Angie Motshekga waphakamisa ukuthi izinga lokuphasa kwezifundo zebele libe kumaphesenti angama-50, kube ama-40% kwezinye izifundo kanye nama30% ezifundweni ezimbili kusuka kuGrade 7 noGrade 9 nezifundo ezintathu esigabeni sokugcina kuGrade 10 noGrade 12.
Ukunyuswa kwemaki lokuphasa kungashintsha izinto eziningi emfundweni yaseNingizimu Afrika kubuyise nokusebenza kanzima nokuzimisela okwakukhona kubafundi kuphele lokhu okwenzeka manje okungahlukile nokulethelwa konke ngesithebe.
Okunye okwakubalulwa i-EFF kusomqulu wazo wezethembiso zokhetho ukuthi bonke abafundi
baqale ngokufunda imathematics kunokufunda imathematical
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi imathematics uma abafundi beyiqala emazingeni aphansi iyabasiza bakwazi ukucabanga ngendlela ejulile futhi bakwazi ukucubungula izinto.
Ngaphezu kwalokhu muva nje imisebenzi eminingi eNingizimu Afrika neholela kangcono yileyo edinga abantu abanezifundo imathematics nescience.
I-African National Congress ikhuluma ngokuthi ifuna ukubona isibalo sabantu abaphasa umatric sinyuka unyaka nonyaka. Ngokosomqulu wokhetho waleli qembi kusuka ngowe-1994 isibalo sabafundi abaphasa umatric sanyuka sisuka kuma-50% njengoba namuhla singama-78%.
“Izinga lokweseka kwethu nokungenelela ekwenzeni isiqiniseko sokuthi abafundi abaphase umatric abangena emanyuvesi nasemakolishi obuchwepheshe bayaluthola usizo lwemali ngaphansi kwesikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), linyukile lisuka ekufakeni imali eyizigidi ezingama-R70 kusuka ngowe-1994 kuya ezigidigidini ezili-R15 ngowezi-2018,” kusho usomqulu wezethembiso zokhetho we-ANC.
Kule mpelasonto abantu baseNingizimu Afrika bamagange balindele ukuzwa ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uzoziphaka kanjani izinsizwa nezintokazi azofolosa ngazo kuhulumeni ukuze zonke izethembiso ezazenziwa ngokhetho zibonakale zifezeka.
Okwakushiwo iDemocratic Alliance ne-Economic Freedom Fighters odabeni lwemfundo silindele ukukubona kwenzeka ngoba lawa ngamaqembu amakhulu aphikisayo, uHulumeni we-ANC okumele ungalibukeli phansi izwi lawo.
Odabeni outhinta imfundo silindele ukubona ukubambisana okukhulu emaqenjini ahlukene ePhalamende, kodwa abantu abakubheke kakhulu ukuthi lokho amaqembu abekhankasa ngakho baphinde bakwazi abaholi bekukhuluma ePhalamende kungabi nje ukuthi bekuyindlela yokuzisoshela amaphuzu nokugaya ivoti.
Uma amaqembu abeyikhathalele ngempela imfundo yezingane kuleli, kumele zithi zisuka amadaka kubonakale ukuthi abengaholhlisi abantu ngesikhathi semikhankaso yayo.
Okuhle ukuthi akuwona amaqembu amakhulu kuphela abeqhakambisa ukusukunyelwa kwemfundo namanye akwazile ukuthola izihlalo ePhalamende njenge-African Christian Democratic Party (ACDP), i-United Democratic Movement (UDM) neFreedom Front Plus bebeqhuba ivangeli elifanayo.