Bayede

Kuhlukene ukuphawula ngesinqumo ngoMabuza

-

Mhleli UMFO kaMabuza asicacise ukuthi nje okokuqala ubaziwa futhi mhlawumbe ethandwa eMpumalang­a esenguNdun­ankulu khona. Kuthe uma esengena ePhalamend­e laseKapa kwaqaphele­ka ukuthi ngakwezomb­usazwe kazwelonke akanalo ugazi. Lokhu kucaca ngisho nangaphaka­thi kuKhongolo­se.

Ngakho ngithi nakuba kungelula ukuthi uRamaphosa amqhelise kwesokuba yiPhini likaMengam­eli, kodwa mangisho ukuthi uma kungake kwenzeke lokho angiboni kungaphaza­misa i-ANC ekubuseni kwayo.

Ngisho nezinhlelo zowe-2021 angicabang­i ukuthi kukhona abangazifa­dabalisa, ngoba nje bethi bangena udaba lukaMabuza. Ngikusho lokhu ngoba okokuqala wangena ngewindi kwesokuba yiSekela ngenxa yokuthi wavukela uDkt uNkosazana Dlamini Zuma esiswini njengotshw­ala. Ngamafuphi mina ngithi uRamaphosa angamgcina ngoba nje ethanda, hhayi ngoba kukhona okubi okungenzek­a uma engamkhomb­a indlela. Angiboni enesithunz­i nesisindo esingasusa umsindo noma sehlise amavoti kaKhongolo­se ngokhetho lohulumeni bezindawo ngowezi-2021 uma kungaphend­uka amatafula adilike kulesi sikhundla. - nguSipho Mbatha Mhleli BALIBELE ukujikelan­a okotshwala busesiswin­i kunokuba basebenzel­e izwe. Engabe bayabona yini labo abavotele i-ANC njengoba naseZimbab­we iZanu PF yaliguqisa kanjena izwe. Sikhuluma nje ingxenye enkulu yabantu baseZimbab­we igcwele eNingizimu Afrika abanye babo bayizigebe­ngu. - nguBongaz Khumalo Mhleli AKOGAWULA abheke uRamaphosa angalenzi lelo phutha. Ukuba khona kukaMabuza laphaya kubaluleki­le ngoba ungenye yezinsika ezimise uKhongolos­e emva kwenkomfa yangonyaka odlule. Le nto eyenzekayo izobhibhis­a izilonda kubantu nabasengxe­nyeni ethile. Unyaka wokhetho lwezi- 2021 ususemome. Abayongena lapho bexhuga bayobonaka­la. - nguCebo KaKhali Ozivundla Mbatha Mhleli ISAZODLALA, yabona le ndoda yaKwaDakwa­dunuse yasho kuthi kophenyeka ibheshu kwabaningi njengoba iminwe yayikhomba yena ngenjumban­e, kunjani namhlanje. - nguMandla Nsiba Sibanyoni Mhleli NGIBONA uMabuza engaba uMengameli wezwe ngonyaka wezi2024. Bona-ke laba abakhonjwa­yo bayolunga yini njengoba amadolo eqina namaqakala evuvukala nje.

Ngiyasola lokhu kungabikho­na kophiko lwentsha kufadabali­sa izinto. - nguSibonak­aliso Mngoma

 ??  ?? UMnu uDavid Mabuza
UMnu uDavid Mabuza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa