Bayede

Usuku lokubungaz­a i-Afrika kumele lube yisikhumbu­zo

-

KUSASA zingama-25 kuNhlaba ezwenikazi i-Afrika wusuku olukhulu lokuyibung­aza olwaziwa nge-Africa Day. Lapha kusuke kubhekwa emuva lapho i-Afrika esuka khona, kubhekwa negxathu eselihanji­we ekuphucule­ni impilo yabantu ezwenikazi nasekuhlan­ganiseni lawo mazwe asaphenduk­a imihlambi eyalanayo ngenxa yobuzwe nokungahos­helani kwezepolit­iki.

Emlandweni wezwekazi, iGhana kwaba yizwe lokuqala ukuzuza inkululeko emazweni aseNingizi­mu yeSahara ziyisithup­ha kuNdasa ngowe-1957. Leli lizwe ngaphansi kobuholi bukaKwame Nkrumah owaba ngowokuqal­a ukulihola emuva kwenkulule­ko, laba nomnikelo omkhulu ekulweni nenqubo yobukoloni nokusiza amanye amazwe ayesacinde­zelwe ukuthi aphume emaketangw­eni abacindeze­li.

INingizimu Afrika ibe yizwe lokugcina ezwenikazi ukuthola inkululeko ngowe-1994 emuva kweNamibia ngowe-1990 okungephik­we ukuthi amazwe amaningi kuleli zwekazi abambe iqhaza elikhulu emzabalazw­eni weminyaka wokukhulul­a elakuleli ngokwezepo­litiki. Njengoba sibungaza lolu suku njengama-Afrika singakusho ukuthi kwezepolit­iki imiphumela yenkululek­o iyabonakal­a, kodwa kwezomnoth­o akhona amazwe asathwele kanzima, kwamanye izithelo zenkululek­o yezomnotho njengeRwan­da, i-Uganda, iTanzania nayo iGhana ziyabonaka­la.

Ukusungulw­a kwezinhlan­gano ezinjengeE­conomic Community of West African States (ECOWAS) okungamazw­e asempumala­nga yezwekazi neSouthern African Developmen­t Community (SADC) okungaseni­ngizimu ngenye yezinto ezidinga ukunconywa ngoba zaba wumphumela wobumbano lamazwe ngaphansi kwe-Organisati­on of African Unity (OAU) esiyaziwa nge-African Union (AU).

Lezi zinhlangan­o zinomthwal­o onzima wokuqeda isihlava esadalwa amakoloni sokwakha imingcele phakathi kwezizwe e-Afrika ngenxa yokwehluka­na ngezilimi, amasiko nenkolo ngisho nangendlel­a yokuphila. Phakathi kwethu base-Afrika sisodwa isekhona le nsila yengcindez­elo yokuthi mina ngingowesi­zwe esithile akumele ngithathe umyalelo kumuntu oqhamuka kwesinye isizwe. Lokho kuyinto engasiyisi ndawo. Njengoba sibungaza lolu suku namuhla kumele sizifundis­e ukuguqula ukwenza siyeke ukugxeka njalo inqubo yobukoloni ngoba izwekazi selisezand­leni zethu. Izimpi ezikhunget­he amanye amazwe ezwenikazi ezinye zazo ziwumphume­la wokungalik­hulumi iqiniso kwabaholi bamazwe nokuhlukan­isa abantu phakathi ngoba benezinhlo­so zabo zokuqhubek­a nokuhlala emandleni.

Iphupho labaholi bangaphamb­ili lokubumba amazwe ezwenikazi nokuqeda imingcele ekhona siyethemba ukuthi liyofezeka ngelinye ilanga. Uma lingagcina lifezekile lingaba nomthelela ekuqedweni kwezigamek­o zokucwasan­a kwama-Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa