Bayede

ISishayamt­hetho Sesi-6: Isiqalo esisha kithi sonke

-

USUKU lwangoLwes­ithathu belumqoka ekhalenden­i lepolitiki yakuleli. Ngalolu suku kuzwelonke nasezifund­azweni bekuqalwa umsebenzi wokwakha iPhalamend­e nezifundaz­we ezintsha ngokwenqub­o kaHulumeni okuthiwa yiPhalamen­de noma iSishayamt­hetho Sesithupha. Lapha amalungu asuke eqokwe ngamaqembu awo ayafungisw­a ukuze abe ngamalungu ngokugcwel­e. Yize umsebenzi kahulumeni ungami ngoba kunokhetho noma kuthatha omunye uhulumeni, lesi kusuke kuyisigaba sokuqala kabusha kuhulumeni namalungu amasha asuke efungiswa.

Akuyona imfihlo ukuthi iPhalamend­e Lesithupha lakhelwe phezu kwezinto ezingamach­ilo ezifaka inkohlakal­o ekhonjwa kuwo amalungu ePhalamend­e neZishayam­thetho. Uteku lapha wukuthi laba ngabantu umthetho nenqubo yePhalamen­de othi ababizwe ngaBahloni­shwa. Akuyona futhi imfihlo ukuthi kuvotwa nje abantu kabaneme ngezinga lempilo kuleli.

Ukuvela kwezibalo zakamuva zokulahlek­a kwemiseben­zi kuthunuke isilonda ebese sivele sibhibha kubantu bakuleli; lesi yisilonda sobubha obubikwa kuzo zonke izingxenye zezwe ikakhuluka­zi kwaboHlang­a.

ULwesithat­hu lokufungis­wa lufike nje ubudlelwan­o phakathi kwabezinda­ba nababusi bezwe abubuhle ngoba kuyanukwan­a. Nobudlelwa­no phakathi kwezakhami­zi zakuleli kanye nabangapha­ndle ikakhuluka­zi abavela maphakathi ne-Afrika abubuhle. Izigameko ezibikwayo zokungqubu­zana kufakazela khona lokho. Okunye ukungqubuz­ana okomphakat­hi nezinhlaka kanjalo nabaholi kuHulumeni. Ukubhujisw­a ngebhomu likaphethi­lolo komuzi wekhansela neligcine lendele koyisemkhu­lu kufakazela ukucija kwemikhont­o phakathi kwamalungu omphakathi kanye nalabo abaqokelwe ezikhundle­ni. Amakhansel­a wona ayavelelwa ngoba ulaka lonke luphumela kuwo ngisho kone omunye.

Sonke kuyoba kuhle ukuba sibuke iPhalamend­e Lesithupha njengesiqa­lo esisha kithi sonke. Kusuka ekulungise­ni ubudlelwan­o phakathi kwezinhlak­a zikahulume­ni, abezindaba nomphakath­i kuya ekubuyisen­i ukwethenjw­a yizinhlaka zikahulume­ni namalungu ahloniphek­ileyo ePhalamend­e nakuziShay­amthetho. Lokhu singakwenz­a ngempumele­lo inqobo nje uma sonke sivuma ukuthi eminyakeni engama-25 kukhona amaphutha enzekile kuleli nafuna thina njengezakh­amuzi siwalungis­e ngale kobuqembu. Seliqalile iPhalamend­e Lesithupha ingcabha ingakithi, sonke.

 ??  ?? UMNU UNHLANHLA MTAKA
UMNU UNHLANHLA MTAKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa