Amacala okuhlinzwa ezibhedlela avama ubucayi
ISINQUMO esakhishwa ecaleni likaManzi v King’s College Hospital NHS Foundation Trust ngonyaka wezi-2016 sikucacisa ngokusobala ukuthi ukungabikhona kukafakazi akusho ukuthi inkantolo isingafinyelela kunoma yisiphi isinqumo ngenxa yokuthi kusuke sekuyioyona enamandla.
Lokhu kufakazelwa nayindlela iNkantolo Yokwelulisela Amacala echitha ngayo amacala afana nalawa.
Owayefake icala wayebeka izinsolo zokuthi ummangalelwa owabe engudokotela obelethisayo, wenza okwakungalungile emsebenzini wakhe ngokwehluleka ukuthola ukuthi isikalo esithile sesicubu somzanyane asikwazanga ukuncibilika emuva kokuba ebelethile.
Owayefake icala ebufakazini bakhe wathi watshelwa ummangalelwa ukuthi lesi sicubu kumele sizidlulele ngokwendalo, kodwa wazithola esezinhlungwini emuva kokudedelwa esibhedlela.
Lokhu kwaholela ekutheni ahlinzwe ukuze kususwe isicubu somzanyane nokwathi emuva kwalokho waba nenkinga yokugeleza kwegazi okwabe kungasalawuleki. Akubanga khona ukubona ngasolinye kubona bobabili ngokuthi umzanyane wawungakanani.
Ummangali wayemi kwelokuthi umzanyane wawungaphezulu kwama-7cm, kodwa ummangalelwa emi kwelokuthi izwangaphakathi (ultrasound) liveze ukuthi umzanyane ungama-2cm futhi mkhulu kakhulu umehluko kulezi zinombolo.
Ummangalelwa waphinde waveza ukuthi isicubu somzanyane sasingasuswa kanye namahluli
egazi akheka eduze kwayo. Owayefake icala wayesusela lokhu embikweni kadokotela owamhlola emuva kokuhlinzwa kususwa isicubu sozanyane.
Umbiko kadokotela wawuveza ukuthi ingxenye engama-8cm yezicubu yasuswa okusho ukuthi ayemaningi namathuba okuthi kuyona kwakukhona nomzanyane kodwa wayengenaso isiqiniseko esigcwele ngalokho.
Ummangali akazange ambize udokotela wakhe ukuthi azofakaza kuleli cala, kanti umbiko wohlolo lwenguqukozicubu lwalungacacisi kahle ngoba wawuqinisekisa ukuthi amahluli egazi nengxenyana yamaseli asefile esicubu somzanyana iyabonakala. Okwakumele inkantolo ikucacise ukuthi sasingakanani isicubu somzanyana esasisale kummangali. Ekufinyeleleni esinqumweni inkantolo eyayihlalele icala yathembela kumbiko owawubhalwe phansi nowethulwa ngomlomo ngodokotela abayizazi ekwelapheni abesifazane abazithwele.
Enkantolo kwavela ukuthi abukho ubudedengu ohlangothini lombhalisi wezokubeletha, ngakho kwakulula ukufinyelela esinqumweni sokuthi umzanyane wawuncane kakhulu. Inkantolo yakwamukela ukuthi ukwehluleka ukubona ukwehlukana okukhulu kosayizi phakathi kwama-2cm nama-7cm yinto okunamathuba amancane ukuthi yenzeke. Inkantolo yaphinde yanqaba ukwamukela okwenziwa ummangalelwa ukungafuni ukubiza udokotela kammangali ukuba azofakaza abeke nezizathu zakhe. Udokotela kammangalelwa naye akazange azinike isikhathi akale ukuthi wawungakanani umzanyane owasala wanika nje isikalo sayo ngokolwazi lwakhe.
Wabiza lokho okwasuswa kummangali “njengomkhiqizo” athi wagcina sekuwumzanyane, kodwa ukuphawula kwakhe kwakungeke kuhunyushwe ngokuthi kusemthethweni uma kulandelwa umthetho. Ekugcneni kwatholwa ukuthi udokotela kammangali alikho iqhaza alibamba ekutheni ummangali azithole esekulesi simo.
Isicelo sachithwa kwathi ofake isimangalo walidlulisela phambili. Ngesikhathi iNkantolo Yokwedlulisela Amacala isicubungula lesi sicelo, yabheka iphuzu lokuthi umehluleli elalihlalele icala laliphambukile yini ekucubunguleni ubufakazi bukadokotela kammangali kanye nongoti wemisindo osebenza ngezwangaphakathi.
Engxenyeni yokuqala yesinqumo sokwedlulisela icala, inkantolo yathola ukuthi imininingwane yokwelashwa njengombiko kadokotela kammangali, ngokomthetho uvela njengombiko ongaqondile. Indlela okuthiwa umbiko wahlanganiswa ngayo kwakumele ibhekisiswe nabo bonke obunye ubufakazi obuhambisana nawo.
Udokotela kammangali akukho iqhaza alibamba ngesikhathi ummangali ehlinzwa futhi wayengekho nangaleso sikhathi.