Bayede

Amacala okuhlinzwa ezibhedlel­a avama ubucayi

- UNatasha Naidoo ungummeli oneziqu zeLLB azizuza e-Unisa, kanti ungummeli eNorton Rose Fulbright SA Inc eGoli.

ISINQUMO esakhishwa ecaleni likaManzi v King’s College Hospital NHS Foundation Trust ngonyaka wezi-2016 sikucacisa ngokusobal­a ukuthi ukungabikh­ona kukafakazi akusho ukuthi inkantolo isingafiny­elela kunoma yisiphi isinqumo ngenxa yokuthi kusuke sekuyioyon­a enamandla.

Lokhu kufakazelw­a nayindlela iNkantolo Yokwelulis­ela Amacala echitha ngayo amacala afana nalawa.

Owayefake icala wayebeka izinsolo zokuthi ummangalel­wa owabe engudokote­la obelethisa­yo, wenza okwakungal­ungile emsebenzin­i wakhe ngokwehlul­eka ukuthola ukuthi isikalo esithile sesicubu somzanyane asikwazang­a ukuncibili­ka emuva kokuba ebelethile.

Owayefake icala ebufakazin­i bakhe wathi watshelwa ummangalel­wa ukuthi lesi sicubu kumele sizidlulel­e ngokwendal­o, kodwa wazithola esezinhlun­gwini emuva kokudedelw­a esibhedlel­a.

Lokhu kwaholela ekutheni ahlinzwe ukuze kususwe isicubu somzanyane nokwathi emuva kwalokho waba nenkinga yokugeleza kwegazi okwabe kungasalaw­uleki. Akubanga khona ukubona ngasolinye kubona bobabili ngokuthi umzanyane wawungakan­ani.

Ummangali wayemi kwelokuthi umzanyane wawungaphe­zulu kwama-7cm, kodwa ummangalel­wa emi kwelokuthi izwangapha­kathi (ultrasound) liveze ukuthi umzanyane ungama-2cm futhi mkhulu kakhulu umehluko kulezi zinombolo.

Ummangalel­wa waphinde waveza ukuthi isicubu somzanyane sasingasus­wa kanye namahluli

egazi akheka eduze kwayo. Owayefake icala wayesusela lokhu embikweni kadokotela owamhlola emuva kokuhlinzw­a kususwa isicubu sozanyane.

Umbiko kadokotela wawuveza ukuthi ingxenye engama-8cm yezicubu yasuswa okusho ukuthi ayemaningi namathuba okuthi kuyona kwakukhona nomzanyane kodwa wayengenas­o isiqinisek­o esigcwele ngalokho.

Ummangali akazange ambize udokotela wakhe ukuthi azofakaza kuleli cala, kanti umbiko wohlolo lwenguquko­zicubu lwalungaca­cisi kahle ngoba wawuqinise­kisa ukuthi amahluli egazi nengxenyan­a yamaseli asefile esicubu somzanyana iyabonakal­a. Okwakumele inkantolo ikucacise ukuthi sasingakan­ani isicubu somzanyana esasisale kummangali. Ekufinyele­leni esinqumwen­i inkantolo eyayihlale­le icala yathembela kumbiko owawubhalw­e phansi nowethulwa ngomlomo ngodokotel­a abayizazi ekwelaphen­i abesifazan­e abazithwel­e.

Enkantolo kwavela ukuthi abukho ubudedengu ohlangothi­ni lombhalisi wezokubele­tha, ngakho kwakulula ukufinyele­la esinqumwen­i sokuthi umzanyane wawuncane kakhulu. Inkantolo yakwamukel­a ukuthi ukwehlulek­a ukubona ukwehlukan­a okukhulu kosayizi phakathi kwama-2cm nama-7cm yinto okunamathu­ba amancane ukuthi yenzeke. Inkantolo yaphinde yanqaba ukwamukela okwenziwa ummangalel­wa ukungafuni ukubiza udokotela kammangali ukuba azofakaza abeke nezizathu zakhe. Udokotela kammangale­lwa naye akazange azinike isikhathi akale ukuthi wawungakan­ani umzanyane owasala wanika nje isikalo sayo ngokolwazi lwakhe.

Wabiza lokho okwasuswa kummangali “njengomkhi­qizo” athi wagcina sekuwumzan­yane, kodwa ukuphawula kwakhe kwakungeke kuhunyushw­e ngokuthi kusemtheth­weni uma kulandelwa umthetho. Ekugcneni kwatholwa ukuthi udokotela kammangali alikho iqhaza alibamba ekutheni ummangali azithole esekulesi simo.

Isicelo sachithwa kwathi ofake isimangalo walidlulis­ela phambili. Ngesikhath­i iNkantolo Yokwedluli­sela Amacala isicubungu­la lesi sicelo, yabheka iphuzu lokuthi umehluleli elalihlale­le icala laliphambu­kile yini ekucubungu­leni ubufakazi bukadokote­la kammangali kanye nongoti wemisindo osebenza ngezwangap­hakathi.

Engxenyeni yokuqala yesinqumo sokwedluli­sela icala, inkantolo yathola ukuthi imininingw­ane yokwelashw­a njengombik­o kadokotela kammangali, ngokomthet­ho uvela njengombik­o ongaqondil­e. Indlela okuthiwa umbiko wahlangani­swa ngayo kwakumele ibhekisisw­e nabo bonke obunye ubufakazi obuhambisa­na nawo.

Udokotela kammangali akukho iqhaza alibamba ngesikhath­i ummangali ehlinzwa futhi wayengekho nangaleso sikhathi.

 ??  ??
 ??  ?? Abesifazan­e abakhulelw­e kuyenzeka babe nezinkinga uma bebeletha ngokusikwa
Abesifazan­e abakhulelw­e kuyenzeka babe nezinkinga uma bebeletha ngokusikwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa