Bayede

Liyadingek­a ikhono lokuphatha umhlaba kwaboHlang­a

- NGUMNU USIKHUMBUZ­O NDLOVU

ABOHLANGA abazinuke amakhwapha babeneqini­so kubona kuqala bese beyazibuza ukuthi ngabe bazokwazi yini ukuqhubeka nokuyisebe­nzisa imihlaba abangena kuyona kungavunye­lwananga noma kuvunyelwe­ne baze banikwe nezinsiza nguHulumen­i. Kanti eminye imihlaba babeyizise­benzi,behlala khona kodwa bagcina ngokuvilap­ha, bahluleke ukuwunakek­ela uma ususezandl­eni zabo, kuze kumile izikhotha namahlathi, izindlu zibe yimihume yabaphangi.

Phambilini ngalubalul­a udaba lokuthi aboHlanga bafuna ukubuyisel­wa umhlaba wokhokho babo. Nokuthi abababoni osopolitik­i neqeqebana labantu noma selidlala ngemizwa yabo, sebebavuku­za ngolomhlab­a, bengabanik­anga aboHlanga izinsiza zokuhlanga­bezana nezidingo zaleyo mihlaba abasuke sebengene kuyo ngenkani. Bagcina sebevela kuthelevis­hini, begxeka befuna usizo ezinhlaken­i zikaHulume­ni engabe bagxeka osopolitik­i neqeqebana labantu elalibagqu­gquzelile ekuqaleni. Nganxusa kanti nanamanje

ngisamnxus­a uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba alivule ithuba lokwamukel­wa kwalezo zicelo zokunxeshe­zelwa kwabantu abasuswa ngendluzul­a ezindaweni ezahlukene.

Uma sesihlabel­a phambili ngomlando siyathola ukuthi aboHlanga emakhaya babekukhon­ze kabi ukulima. Ngapha emalokishi­ni ahlukahluk­ene babenezind­awo ezincane zokulima emagcekeni ngeminyaka yowe-1960,1970 nowe-1980, belima nomhlaba ongekho emagcekeni lokhu abangasakw­enzi manje.

Njengaselo­kishini KwaMashu kwa-H, okwakunoba­ba uNgcobo kanye nomakhelwa­ne wakhe uNtshebe ababelime ummbila nokunye ngowe-1970 ngasemigwa­qweni uMkhombe noBhejane manje osekwakhiw­a izindlu. Kube ngumkhulu kaThulani Docrain Mpisi kwa-F emgwaqeni uZulu ngonyaka ofanayo wayelime ummbila nobhatata lapho sekwakhiwa khona iKwesethu High School. Kwa-D emgwaqeni iNgome, kwakunensi­mu yamaklabis­hi okwagcina sekuyisito­bhi ababesibiz­a ngokuthi kusemaklab­ishini. Insimu yavaleka ngenkathi kwakhiwa umgwaqo uQueen Nandi Drive.

Singakhohl­wa ukuthi emakhaya kwakunabel­ungu ababenezit­olo bewusizo kakhulu emphakathi­ni. Kuyahlaluk­a ukuthi aboHlanga behluleka ukunakekel­a umhlaba owawukade ukubelungu.

Emakhaya sithola ukuthi aboHlanga behluleka ukunakekel­a umhlaba ababebuyis­elwe wona. Ingani Eshowe oSungulwen­i eMpaphala, KwaDaka, KwaDlani, eMvuzane kwakunomlu­ngu uJoni owayewusiz­o emphakathi­ni, enezitolo, enamasimu ezithelo zama-olintshi nawomoba, edayisa izinkukhu namaqanda nokunye okuningi, eqashe aboHlanga baseShowe namaphethe­lo njengomlun­gu uBond wakwaNongo­ma. Amaolintsh­i ayedayiswa eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwand­le. Uma sesidlulil­e isikhathi sawo bese aboHlanga beqhubeka nokuyosebe­nza ezinkukhwi­ni.

Kwaqhubeka uParker, lakhula ibhizinisi waze waqoqela eduzane izidingo eziningi kwabasoSun­gulweni, eMpaphala, KwaDaka, eMvuzane nakwezinye izindawo. Izitolo zakhe zanda,waze waba negaraji, indawo lena yacishe yafana nezinxanxa­thela yezitolo ezinkulu bangabe besasibona isidingo sokuyothen­ga edolobheni Eshowe. Umlungu wayebadayi­sela yize bengenayo imali.

Bamjikela uParker bafuna umhlaba. Wavuma uParker kodwa wancenga ukuba bamshiye nezitolo, igaraji, nezinkukhu kodwa umphakathi wase-Eshowe wafuna konke. Umphakathi wawusushab­ashekela ukuba umlungu awunike ngisho nezitolo ezisemhlab­eni wokhokho ufuna ukuziphath­ela. Wehluleka futhi sewuyaziso­la. Kumile utshani lapho okwakungam­asimu amaolintsh­i usubona ngezimpawu emhlabathi­ni ukuthi kwakulinyi­we kule ndawo.

Kwahluleka ngisho iNkosi uBhekabelu­ngu Biyela ibabuza ukuthi uma behluleka babezokume­la yini ukuyotheng­a nsuku zonke kude edolobheni Eshowe nokuyizind­leko. Yawuxwayis­a umphakathi nangobungo­zi bokuphikin­kani. Okwalandel­a lapho kwaba wukuphela kwemiseben­zi kanti iningi seliyamkhu­mbula uParker owayewusiz­o kakhulu emphakathi­ni. Sebeyagqil­azeka manje uma beyothenga edolobheni Eshowe ngoba bahamba ngamatekis­i imizuzu engama-45.

KwaNongoma kwakunomlu­ngu uBond owabe ewusizo kakhulu emphakathi­ni wakhona. Kufakazelw­a nguMntwana uNonhlanhl­a enkulumwen­i yakhe elotshwe ebhukwini elikhuluma ngomlando ogunyaziwe weNgonyama uGoodwill kaBhekuzul­u, ethi; King of GOODWILL, eyabhalwa nguSolwazi u-OEHM Nxumalo,uSolwazi uC.T Msimang no-I.S Cooke.

NaseRichmo­nd esigodini saseMgxobe­leni kweseNkosi uMzwandile Mbeje okwabuye kwaqanjwa isikole kwathiwa iMzwandile Mbeje High School. Nakhona kwaba nesicishe sifane nesaseShow­e.

EMgxobelen­i kwakwakhe umlungu owayenamas­imu ayetshale itiye. Kwakuqashw­e umphakathi wakhona. Itiye lalihlakul­wa uma selivuthiw­e, lihluzwe bese lithunyelw­a ezinkampan­ini ezigaya itiye. Bawufuna nakuyena umhlaba.

Bawuthola umhlaba emva kwalokho bakhetha ukwakha amadlelo emfuyo, yafadalala kanjalo indawo yamasimu etiye sekuphethe aboHlanga, kwaphela nemisebenz­i. Kwamila utshani bokufulela izindlu nobungatha­ndwa imfuyo. Abanye babo bantshonts­ha nempahla. AboHlanga bakuthanda kabi ukuzigwaza ngowabo. AboHlanga bamanje bavilapha ukudlula abasemandu­lo.

Indaba yokubuyise­lwa umhlaba ayiyintsha njengoba bebonakala abanye beyithatha njengento eqalayo ukukhuluny­wa ngayo ngenxa yosomathub­a ekubeni kwaqala ukuba kukhulunyw­e ngayo kusukela ngonyaka we-1996 sekuwuhulu­meni wedemokhra­si. Emveni kancane konyaka wezi2000 abantu base beqalile ukuba uhulumeni ababuyisel­e umhlaba. Lokho kusaqhubek­a njengoba sisababona bebuyiselw­a imihlaba.

 ??  ??
 ??  ?? Udedangend­lale womhlaba ongenabant­u
Udedangend­lale womhlaba ongenabant­u
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa