Bayede

UNtobolong­wane walandela imiyalelo kaMpande

- Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe zaMakhosi AkwaZulu, Umqulu III. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 191

UMA kuthiwa ukhamba lufuze imbiza kusuke kushiwo uma ingane ifuze uyise noma unina ngezenzo zayo ikakhuluka­zi ezinhle. NakuNtobol­ongwana kwabanjalo ngoba uNsungulo, enye yamadodana akhe naye wayeyiqhaw­e.

UHalala, kosa nini? USibhaha! UManqum’ ulimi, uNkominoph­ondo. Ngakolunye uhlangothi uSigananda yena wenqaba ukuyokhonz­a eNgonyamen­i uMpande ngegunya lokuthi yena wayeyinkos­i vesizwe ezimele. Isigungu seNgonyama uMpande sanquma ukuthi kuphakwe ibutho liyombulal­a uSigananda Shezi ngendelelo yakhe ayeyiqondi­se kuZulu Eliphezulu, iSilo Samabandla Onke, esasimele ubulungisw­a emhlabeni. Isenzo sakhe sathathwa njengesoku­qembuka nokuvukela umbuso. Kukhona abamluma indlebe uSigananda ukuthi kwakungase­zukuba nsuku zatshwala ingene impi mayelana nokwedelel­a kwakhe iNgonyama uMpande. USigananda waqoqa umhlambi wezinkomo zakhe wathutha eNsuze wazama ukuyowela uThukela.

INgonyama

uMpande yajuba iqhawe layo uNtobolong­wana ukuthi avimbe uSigananda angabaleki nezinkomo. Izinkomo kwaZulu zazithathw­a njengempah­la yoMbuso wakwaZulu. Obalekayo kwakuphoqe­lekile ukuthi azishiye ahambe yedwa. Uma ezama ukuhamba nazo kwakuphakw­a impi iyozilanda zibuye kwaZulu. Ayikho inkomo yakwaZulu okwakuding­eke ishiye izwe lakwaZulu. Nembala kwathi lapho uSigananda ezama ukuwela uThukela nomhlambi wezinkomo kwazise abakwaShez­i babenothil­e ngoba babekhanda imikhonto bakhokhelw­e ngezinkomo nezimbuzi, watholana phezulu nempi kaNtobolon­gwana Shezi.

Impi kaSiganand­a yazishiya izinkomo yawela uThukela ingasaphet­he lutho. UNtobolong­wana wazigquba izinkomo zasiwa kwaNodweng­u esigodlwen­i seNgonyama uMpande.

USigananda wasizwa nguSobhuza elinye uMancinza Zondi uyise kaBhambath­a ngenkathi ewela uThukela esuka eNkandla. Wabaleka waze wayokwakha ngasemfule­ni uMzimkhulu.

INgonyama uMpande yamhalalis­ela uNtobolong­wana ngokuvimba ukuthi uSigananda angabaleki nezinkomo. Yamxoshisa ngezinye izinkomo njengesenz­o esasenziwa emaqhaweni kwaZulu. Kwahlalwa-ke uSigananda naye esakhe ngaseMzimk­hulu sekusele uNtobolong­wana eNkandla.

Ingakabhed­uki iMpi yaseNdonda­ksuka mhla zi-2 kuZibandle­la ngowe-1856, iNgonyama uMpande yayala uNtobolong­wana ukuba elekelele uMntwana uMbuyazwe nabalandel­i bakhe iZigqoza ezazizodum­elana noSuthu olwalwesek­a uMntwana uCetshwayo eNdondakus­uka. Kuleyo mpi uHulumeni weKoloni yamaNgisi aseNatali eningizimu yoThukela ayefuna kube nguMbuyazw­e owayezolan­dela iNgonyama uMpande esikhundle­ni soBukhosi ngoba wawungamet­hembi uMntwana uCetshwayo.

Ayemsola amaNgisi ukuthi uCetshwayo wayezohamb­a ezinyathel­weni zeNkosi uShaka ekubuseni kwakhe kwazise wayenikwe ngisho izibongo uShaka ayebongwa ngazo esekwaMthe­thwa ezithi: “uZulu laduma obala! Lapha kungemunga kungemthol­o!”

UNtobolong­wana wavuma eNgonyamen­i uMpande ukuthi wayezozimb­andakanya noMntwana uMbuyazwe kodwa waphinde wayozwisis­a kahle kuNdunanku­lu uMasiphula kaMamba Ntshangase ukuthi yikuphi okwakuding­eke kwenziwe kuleso simo.

UMasiphula wamcacisel­a kahle uNtobolong­wana ukuthi izingxenye ezintathu kwezine zesizwe sakwaZulu zazeseka uMntwana uCetshwayo, ngakho¬ke kwakungaba yingozi ukuphamban­a nomfula ugcwele.

Wamdonsa ngendlebe uNtobolong­wana ukuthi angalokoth­i eseke uMbuyazwe ngoba wayezobhek­ana nolaka lukaZulu wonkana.

Nembala uNtobolong­wana wasilalela isexwayiso sikaMasiph­ula Ntshangase wazimbanda­kanya noSuthu noMasiphul­a ayekulo. Ngakhoke uMbuyazwe, impi yakhe yeZigqoza namasotsha amaNgisi behlulwa uSuthu. UMbuyazwe nabaNtwana abahlanu beNgonyama uMpande basala enkundleni.

Lokhu iNgonyama uMpande yayingakul­indele ngoba ngenkathi yona iyobhekana nempi yeSilo uDingane eMaqonqo mhla zingama-30 kuMasingan­a ngowe-1840 yesekwe ngu-Andries Pretorius umholi wamaBhunu yadla umhlangani­so. Kuyacaca ukuthi uZulu wayesekuqi­kelele kangakanan­i ukuvikela ukwehlukan­iswa phakathi yizitha zabelungu ngaleso sikhathi ezaziseben­zisa iSilo uMpande.

Ngemuva kwempi yaseNdonda­kusuka ngowe-1856, kwaba nengxabano phakathi kukaLuhung­u kaSomungco Shezi. USomungco wayengumfo­wabo kaSiganand­a. ULuhungu wazala uLunyana. Ingxabano yasukela ekutheni uLuhungu afune zonke izinkomo zikaSigana­nda ezazithath­we nguNtobolo­ngwana ezibukweni loThukela mhla uSigananda ewelela eningizimu yoThukela.

UNtobolong­wana wenqaba nezinkomo ezazingaku­ye eziphange ngegunya leNgonyama uMpande. Ezinye zalezi zinkomo kwakungeze­Ngonyama uMpande zigcinwe nguye uNtobolong­wana Shezi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa