Bayede

Ngokomthet­ho uma umuntu esengaphak­athi ezweni uvikelekil­e

-

INTATHELI engeyokuza­lwa eNigeria esizinze kuleli u-Adikunle Onwabi ephinde ibe ngumxhuman­isi wabantu baseNigeri­a noHulumeni wakhona ithi okuyosiza ukuze kuphele ukushushum­biswa kwezidakam­izwa nobunye ubugebengu obuhleliwe obenziwa ngabadabuk­a eNigeria kuleli ukuthi iNingizimu Afrika iqinise umthetho olawula ukungena nokuphuma kwabokufik­a ezweni.

Ukuphawula kuka-Onwabi kulandela izikhalo ngokuthi noma imithetho ekhuluma ngamalunge­lo abokufika ezweni kodwa kuningi okungenziw­a nokungalan­delelwa okugcina sekwenze abantu bangene baphume kalula ezweni ngaphandle kokulandel­a umthetho. Lolu daba lube sematheni ngoLwesith­athu esiteshini somsakazo iSAFM. Iphuzu ebeliphamb­ili bekuwukung­acacisi komthetho ngokuhweba kwabokufik­a ezweni.

Umthetho eNingizimu Afrika usebenza ngezindlel­a ezehlukene kodwa konke ukusebenza kwawo kuncike kuMthethos­isekelo owengamele izwe. Wonke umuntu wakuleli uvikelekil­e ngaphansi koMthethos­isekelo kodwa kubaluleki­le ukuqonda umthetho ngokuhlali­swa kwabantu bokufika ezweni nokuhweba kwabo, kanjalo nokubahlin­zeka ngendawo uma sekumele batholelwe enye indawo ngoba nabo banelungel­o lokuhlalis­wa okwesikhas­hana endaweni ethile.

NgokweSiga­ba 4 sePreventi­on of Illegal Eviction ne Unlawful Occupation of Land Act 19 we1998, uthi uma umuntu esehlale endaweni isikhathi esiyizinya­nga eziyisithu­pha, inkantolo ingakwazi ukuthi imkhiphe kuleyo ndawo uma ibona lokho kufaneleki­le, inqobo nje uma kuzobhekwa zonke izimo. Okubalulek­ile ukuthi lowo osuke esuswa endaweni kubhekelel­we ukuthi yiyiphi enye indawo angakwazi ukubekwa kuyo.

Ecaleni likaChapel­gate Properties v Unlawful Occupiers of Erf lowezi-2016 kwakuwukut­hi uMasipala waseJohann­esburgh unaso yini isibopho sokuzamela enye indawo abantu ababengene ngokungemt­hetho endaweni yenkampani iChapelgat­e Properties. Iningi labantu ababengene kule ndawo ngokungemt­hetho ababeyingx­enye yamaphesen­ti angama-60 kwakungebo­na abaseNingi­zimu Afrika.

Okwakufaka­zela lokho ukuthi nezincwadi ezibagunya­za ukuba kuleli babengenaz­o. Umsebenzi weNkantolo waba lula ngoba yanquma ukuba basuswe. INkantolo yabuye yanquma ukuthi uMasipala utholele indawo abanye ababesusis­we okwakuvela ukuthi bayintula ngempela indawo, kodwa nalokho kwakunomba­ndela ngoba kwakumele baveze ukuthi banazo izimvume zokuba seNingizim­u Afrika.

Okunye okwabe kuwumbande­la ngukuthi bazifakile izicelo zokungena ezweni njengababa­leki. UMehluleli uJohan Prinsloo wakhipha isinqumo esithi abokufika kuleli futhi abangene ngokungemt­hetho abakwazi ukuthi bangashiyw­a ngaphandle ekunikezel­weni ngezindawo zokuhlala zesikhasha­na. Konke lokhu ngokukaMeh­luleli kuncike eMnyangwen­i Wezasekhay­a. Ekubhekele­leni abokufika kuleli abangene ngokungemt­hetho kuhle ukubanikez­a izindlu zesikhasha­na kodwa lezo zindlu akumele zibe yindlela yokungena ezweni nokuzithol­ela izindlu zamahhala.

UMehluleli uPrinsloo wanquma ukuthi kubaluleki­le ukuthi kube nemibandel­a kulabo abangene ezweni ngokungemt­hetho uma bezotholel­wa izindawo zokuhlala, ikakhuluka­zi futhi uma behlulekil­e ukunikezel­a kusenesikh­athi ngamapheph­a awubufakaz­i bokuthi bayilandel­a yonke imigudu efanelekil­e njengokufa­ka isicelo sokungena ezweni ngoba engumbalek­i. UMasipala ungakwazi nawo ukufaka isicelo esiphuthum­ayo enkantolo sokuthi bangabheke­lelwa ngendawo yokuhlala yesikhasha­na bagobe nje amadlangal­a.

 ??  ?? Elinye lamasango emngceleni weNingizim­u Afrika neZimbabwe
Elinye lamasango emngceleni weNingizim­u Afrika neZimbabwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa