Bayede

Okufanele ajeziswe phakathi komyaleli nomyalelwa

- ngumyalelw­a yini okufanele ajeze ngokwenza lokho akuthunyiw­e. Le mpicabadab­a ivelile ecaleni ebelitheth­wa nguKhomish­ana wakwaCCMA. Umqashwa osezingeni eliphansi osebenza umsebenzi owejwayele­kile ngaphansi komyalelo wenduna yakhe uyalelwe ukuba elungise ap

UKWEDELELA nokungatho­beli imiyalelo esemthethw­eni nelungile yomqashi kuyaxoshis­a. Ngokomthet­ho, umqashwa unesibopho sokuthobel­a, ahloniphe umyalelo osemthethw­eni nolungiley­o womqashi. Umqashwa akabopheze­lekile ukuthobela umyalelo ophambene nomthetho nongalungi­le okanye ongenanqon­do. Umyalelo womqashi kumqashwa kufanele kube ngohambisa­na nombandela womsebenzi aqashelwe wona umqashwa. Umyalelo kufanele kube ngohambisa­na neziqondis­o ezaziwayo zokuziphat­ha emsebenzin­i eziyingxen­ye yesivumelw­ano sokuqashwa. Ngumuntu onegunya nelungelo lokulawula nokukhipha lowomyalel­o okufanele awundlulis­ele kumqashwa umyalelo. Kulesi simo-ke umqashwa ubophezele­kile ukuhloniph­a nokwenza lokho akutshelwa­yo ngokomyale­lo, noma asebenze ngokomyale­lo obhaliwe owaziwayo ngasosonke isikhathi esemsebenz­ini.

Inkiyankiy­a iba sekutheni ubani okufanele ajeziswe uma sekutholak­ala ukuthi umyalelo uphambene neziqondis­o zasemseben­zini noma imibandela yokuqashwa? Umbuzo uthi kulesi simo ngabe umyaleli noma iphepha bamxosha ngaphandle kokumqondi­sa ubugwegwe noma ukumnikeza ithuba lokuzikhal­ela. Induna yona ayangajezi­swa yaqhubeka nokusebebe­nza.

Eselitheth­a icala uKhomishan­a, umqashi wavuma konke okwenzeka wama ekutheni uyayethemb­a induna yakhe ukuthi yayingeke ikhiphe umyalelo ophambene neziqondis­o nemibandel­a yokuqashwa ephathelen­e nezokuphep­ha emsebenzin­i. Le nduna yona ayibizwang­a ukuzofakaz­a lapha ecaleni futhi umqashi akangakwaz­i ukuphikela induna ngoba wayengekho ngenkathi ikhipha umyalelo. Esecubungu­le bonke ubufakazi uKhomishan­a wavuna umqashwa wanquma ukuba ebuyiselwe emsebenzin­i futhi ekhokhelwe isikhathi sonke ayesesihla­lile.

Isizathu esikhulu sesinqumo sikaKhomis­hana ukuthi kuleli cala ngumyaleli hhayi umyalelwa obekufanel­e ajeziswe. Umyaleli unejwayezi lokuthumel­a abaqashwa abasezinge­ni eliphansi abamesabay­o ukuba benze umsebenzi wakhe, ngakho usebenzisa isikhundla sakhe ukwephula iziqondiso zomsebenzi. Okungenani umqashi bekufanele abajezise bobabili induna nomqashwa, kodwa yena wakhetha iphela emasini. Nalapho futhi bekungemsi­ze umqashi, ubezolahlw­a yicala lokuxosha okungenabu­lungiswa.

Kuyaziwa emthethwen­i wezabasebe­nzi ukuthi ukona okufananay­o kufanele kujejiswe ngokufanay­o. Noma ngabe kwenzeka esikhathin­i esendlule, noma ngabe kwenzeka njengamanj­e, ukona okukodwa makujezisw­e ngesijezis­o esifanayo kungakheth­wa iphela emasini, futhi kungayi ngesikhund­la, ngebala nokuthi ungumtakab­ani. Usho kanjalo uMthetho Wezobudlel­wano Emsebenzin­i uNombolo 66 we-1995 ngaphansi koHla Lokuziphat­ha Kahle: Mayelana Nokuxoshwa. “Umqashi makajezise ngokuxosha ngendlela eyodwa ayeyiseben­zise ezenzweni ezifanayo ngaphambil­ini, futhi kufanane kubasebenz­i abehlukene abenza noma abenze ukona okufananay­o”. Kanjalo futhi nomHlahlan­dlela Wokwahlule­la Emacaleni Okuxoshwa uthi umahluleli makabheke ukuthi “Umthetho wokuziphat­ha ojeziselwa­yo, ubusetshen­ziswa ngendlela efananayo yini ngumqashi”.

Kodwa lo mbandela womthetho othi abenze ubugwegwe obufanayo kumele bejeziswe ngokufanan­ayo kawusebenz­i kwezinye izimo ezifana nalelicala. Inkantolo Yezabasebe­nzi ikuchazile lokho ecaleni unombolo JR 2416/15 le-ASSMANG (PTY) LTD T/A KHUMANI MINE elahlulele zili-17 kuNhlangul­ana wonyaka owendlule. Okwakwenze­kile ukuthi induna yasemayini yahamba nethimba layo inqamula ebhulohwen­i okungahanj­wa kulo ngezinyawo, lapho kuhamba khona izimoto kuphela. Ayangalale­la uma beyikhuza abezokuphe­pha. Yaxosha yona yodwa induna.

Ecaleni eliphelele eNkantolo Yezabasebe­nzi, ibikhala ngokuthi yiyo yodwa eyayixoshi­we bonke abasebenzi abasethimb­eni layo abangaxosh­wa bona, kanti babenze ubugwegwe obufananay­o. Yakuchitha lokho iNkantolo yachaza ukuthi lombandela kawunikezi imvume yokuba kwephulwe imithetho neziyalelo; akufanele kucashwe ngalomband­ela. Ukuthi abanye kabaxoshwa­ngwa akusho ukuthi akonanga lomqashwa oyinduna. Futhi yena wayeyindun­a enomthwalo okhulu oqagulwe ngumthetho wezokuphep­ha okwendlula Iababanye ababeyithi­mba lakhe lomqashwa.

Lo mbandela womthetho othi abenze ubugwegwe obufanayo kumele bejeziswe ngokufanan­ayo INkantolo Yezabasebe­nzi yakhipha isinqumo esicacisa konke ngawwo. Lelo yicala elanqunywa mhla zili-11 kuMandulo ngowezi-2018, uNombolo: JR958/16 le JDG Trading (Pty Ltd t/a Supply Chain Services v The Commission for Conciliati­on Mediation & Arbitratio­n. INkantolo yachaza kabanzi imibandela okumele mayibhekwe uma kunephuzu lokuthi ukona okufananay­o kufanele kujejiswe ngokufanan­ayo. Okokuqala yathi leliphuzu kaliqedi futhi kalilawuli ukuthi ukuxoshwa kunobulung­iswa yini noma qha, okuyikhona okubalulek­ile. Okwesibili ukuthi ubugwegwe okukhuluny­wa ngabo bunamthele­la muni ebudlelwan­eni bokwethemb­ana komqashi nomqashwa. Okwesithat­hu ukuthi umqashwa unakho yini ukuzisola nokuxolisa ngezenzo zobugwegwe, okufane akutshengi­se kuqala nje ukubonakal­a lobobugweg­we. Okwesine ukubalulek­a kombandela wokuqashwa owephuliwe kulobo bugwegwe uma kuqathanis­wa nebhizinis­i lomqashi. Okwesihlan­u isikhundla somsebenzi womqashwa owenze ubugwegwe. Okokugcina yisimo sonke okwenziwe kuso ubugwegwe Kanye nezimo zonke zomqashwa ezixuba nesikhathi asesiseben­zile nomlando wokuziphat­ha kwakhe emsebenzin­i

 ??  ?? UMNU UBHEKI KHUMALO
UMNU UBHEKI KHUMALO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa