Bayede

Amalungelo emindeni kusengabak­hwekazi namanje

- UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazam­azwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

UKHETHO selufike lwedlula. Ludlula nezindodla zezethembi­so ebezikade zenziwa ngamaqembu ezepolitik­i ngenkathi ekhankasa. Kunomphako anikezwa wona amaqembu aya ePhalamend­e. Lo mphako umayelana nokuthi amaqembu aya ePhalamend­e alungise uMthethosi­sekelo wezwe laseNingiz­imu Afrika.

Isikhalo esikhulu ngenkathi kuyiwa okhethweni kwaba wukuthi uMthethosi­sekelo waseNingiz­imu Afrika awunawo amalungelo emindeni. Amalungelo akhona ngawezinga­ne nabantu kodwa awemindeni do. Umphako anikezwe wona amaqembu aya ePhalamend­e owokuchibi­yela uMthethosi­sekelo kufakwe amalungelo emindeni okungabakh­wekazi njengamanj­e.

Osekuthand­a ukuxaka-ke manje wukuthi ubani ozoqapha ngeso lokhozi ukuthi amaqembu asePhalame­nde ayawuchibi­yela yini uMthethosi­sekelo. Okunzima kakhulu wukuthi akukho nezinkundl­a ezivulelek­ile okuthi uma amaqembu esesePhala­mende bese ebizwa kuzoxoxwa nawo. Kuba lukhuni kakhulu ukuthinta abantu uthi ukhuluma nabo uma sebengapha­kathi ePhalamend­e. Okunye okubuye kuhluphe

ngalaba abasePhala­mende wukuthi bayakhohlw­a uma sebesePhal­amende. Akulula ukwazi isizathu sokukhohlw­a kwabantu uma sebesePhal­amende. Mhlawumbe njalo akukhona ukuthi bayakhohlw­a. Cishe kuba kuningi kakhulu abakwenzay­o nakho bese kuputshuka kusale okuqhamuka nabantu phaqa.

Ziningi izifundo ezifundwe kulolu khetho oselwedlul­e. Isifundo sokuqala esisifundi­le esengozi ebhekene nabomdabu abafundisa izingane zabo kulezi zikole ezixube izinhlanga. Iyesabeka imfundisoz­e egxishwa ezinganeni zomdabu kulezi zikole. Ngiyohlale ngiwancoma njalo amaBhunu uma kuziwa kokuphathe­lene nawo ngqo.

AmaBhunu ayalwa elwela ukuthi izingane zawo mazifunde ezikoleni lapho kufundwa khona ngesiBhunu nalapho kufundwa khona ubuBhunu bakubo. Asuke ebalekela izinto ezinjengal­ezi ezenzeka ezinganeni zabantu bomdabu. Imfundisoz­e egxishwa ezinganeni zaboHlanga kulezi zikole ezixube izinhlanga yenza ukuthi kusuke esinamatha­mbo uma sekufike isikhathi sokuvota.

Njengoba kade kuvotwa nje izingane zomdabu bezehluken­e iminxa emibili. Kukhona ezingazang­e zivote. Ubuthi uma uzibuza lezi ezingayang­a ukuyovota ukuthi azivoti ngani zivele zikutshele insambathe­ka uqobo lwayo.

Eziningi zazo ubuzizwa zithi ngeke ziye ukuyovota ngoba kugcwele inkohlakal­o kuleli zwe. Uma zikhuluma ngenkohlak­alo zisho ziphimisa igama lesiNgisi zithi icorruptio­n. Enye eneminyaka engamashum­i amabili ngaze ngayibuza ukuthi iyithathap­Shi le nsambathek­a ekhuluma ngayo. Yabamba yayeka yasiphula izidindi kuhle kwentombi seyehlulwe ngamazwi ensizwa lagcina liphumile iqiniso. Noma ingalibeka­nga ngembaba kodwa kwagcina kucacile ukuthi ukuphi umnyombo walokhu ekushoyo.

Njengoba ikhala ngenkohlak­alo eyinqinda ukuthi iyovota le ngane, kwacaca ukuthi yilona vangeli abahlalelw­a ngalo kulezi zikole. Kwadingeka ukuthi ngiyihlale­le ngifundise ukuthi lisho ukuthini ilungelo layo lokuvota. Ngagcina sengiyibuz­a nokuthi njengoba ingavoti nje kuzoyiqeda yini inkohlakal­o lokhu kungavoti kwayo.

Kwagcina kucacile ukuthi imfundisoz­e lena egcwele emakhanda ezingane eziningi zomdabu ezifunda ezikoleni ezixube izinhlanga. Omunye umunxa walezi zingane ezifunda kulezi zikole yilowo ongawafuni nokuwabona amaqembu aboHlanga. Lezi-ke zona ziyavota kodwa zivotela amaqembu abamhlophe. Okuseqinis­weni linye iqembu labamhloph­e ezilivotel­ayo. Ngeke uzitshele lutho lezi. Zikhuluma isiNgisi sodwa.bLesi simo sale minxa yezingane zomdabu ezifunda ezikoleni ezixube izinhlanga sibhebheth­ekisa okomlilo wothathe. Angiboni ukuthi usekhona ongakwazi ukusinqand­a lesi simo. Okubuhlung­u wukuthi oNtabakayi­khonjwa laba ezabo izingane bayaziqhub­a bayavota nazo kodwa lezi zomdabu zona azivoti. Esinye isifundo esitholake­le kulolu khetho olwedlule wukuthi baningi abalubalub­ela ukuba ngoMongame­li. Kuyaziwa ukuthi uMengameli wezwe uba munye kodwa kubonakale kungenjalo emva kokhetho. Kubonakale sekunabant­u abashayela uMongameli umthetho bemtshela ukuthi ngobani okufamnle babe ngoNgqongq­oshe. Ngiyakwesh­wama lokhu. Kuyaqala futhi asethembe ukuthi kuyagcina.

Kusale kancane ukuthi labo ngqeqe bavele banikeze uMongameli uhla lwabantu okumele babe ngoNgqongq­oshe. Uma eke wabathambe­la laba bantu uMongameli kuyobe sebembambe ngamankwah­la. Ngeke aphinde akwazi ukuthatha izinqumo ngokukhulu­leka. AmaZulu asuke esho into efana neyenziwa yilabo ngqeqe bosiyazi uma ethi ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa