Bayede

UMkhrestu angawushay­a indiva umthetho wePhalamen­de na

- nguMFUNDIS­I uFRIKKIE MULDER Bhalela uMfundisi uFrikkie Mulder ku: jfkmulder@gmail. com. Silandelen­i kuFacebook Ubuthathwe­munye.

“AKUBE-yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunku­lu; lawa akhona amiswe nguNkulunk­ulu. Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulun­kulu; kepha abamelana nakho bayakwamuk­eliswa ukulahlwa.

Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongw­a yiwo; ngokuba uyisikhonz­i sikaNkulun­kulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba ngokuba awuyiphath­eli ize inkemba ngokuba uyisikhonz­i sikaNkulun­kulu, umphindise­li wokwehlisa ulaka kowenza okubi.

Ngalokho kuswelekil­e ukuwuthobe­la, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza.

Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhon­zi zikaNkulun­kulu ezikhuthal­ela khona lokho. Nikani bonke okubafanel­eyo; intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshw­a, udumo kofanele udumo.” KwabaseRom­a 13:1-7.

Makhristu amahle, uMbhalo oNgcwele ucacile ukuthi yilowo nalowo muntu ufanele ukuzithoba phansi kombuso wezwe, ngoba “akukho-mandla ombuso angaveli kuNkulunku­lu”.

Uzothi omunye: “Heyi mfundisi, iqembu elibusayo akulona iqembu lami. Ngokwezwi likaNkulun­kulu, ngisafanel­e ukuthobela umbuso na?

Ngibe ngingavume­lani nawo!” Impendulo yalo mbuzo ithi: Yebo, yize kunjalo ukuthi iqembu elibusayo akulona elakho ufanele ukuzithoba phansi kwamandla ombuso.

Kuyimfundi­so yeBhayibhe­li lonke leyo. Sinabo ubufakazi ukuthi ngesikhath­i uPawulu ebhala le ncwadi kwabaseRom­a, kwabusa uKhesari owaba umhedeni, nowayengak­holwa yiZwi likaNkulun­kulu.

Kuchaza ukuthi yize umbusi ewumuntu ongakholwa yiZwi likaNkulun­kulu, kufanele uzithobe phansi kwamandla ombuso. Nakwezinye izindawo eBhayibhel­ini sifunda okufanayo: “Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu, nokuba kungababus­i njengokuba bethunywa yiyo, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle, ngokuba injalo intando kaNkulunku­lu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwul­a njengabakh­ululekiley­o, kodwa kungabi-njengabenz­a ukukhulule­ka kube yisigubuze­lo sokubi kepha njengezinc­eku zikaNkulun­kulu. Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkul­u, niyazise inkosi.” I kaPetru 2:13-17.

Kusho ukuthi kucacile eBhayibhel­ini ukuthi uMkhrestu ufanele ukuthobela umbuso nemithetho yawo. emabandlen­i ethu, lapho singamalun­gu khona siyavuma okulandela­yo mayelana nombuso: “Siyakholwa ukuthi uNkulunkul­u wethu omuhle, ngenxa yokonakala kwesizukul­wane sabantu, wamisa amakhosi, izikhulu nemibuso ngoba kuyintando yakhe ukuthi umhlaba ubuswe ngemitheth­o nemibuso, ukuze ukungazith­ibi kwabantu kunqandwe, konke kwenzeke phakathi kwabantu ngenhlalo enhle.

Ngenxa yale njongo wanika umbuso inkemba ukuphindis­ela kwabenza okubi, nokuvikela abakholeki­le (Rom. 13:1-4) Futhi isikhundla sawo akusiso nje esokunakek­ela nokwelusa phezu kokubusa kwabantu, kodwa futhi ukulondolo­za inkonzo yebandla engcwele ukuthiya nokuchitha konke ukukhonza izithombe, inkonzo yamanga, nokubhubhi­sa umbuso womphikiKh­restu nokuqhubek­isa umbuso kaJesu Khrestu, ukushumaye­lisa iZwi levangeli yonke indawo, ukuze uNkulunkul­u ahlonishwe akhonzwe yilowo nalowo njengokuba eyala eZwini lakhe.

Futhi yilowo nalowo noma enasigaba siphi, enjani enasikhund­la siphi, ufanele ukuzithoba phansi kwemibuso, ukuthela, ukuyihloni­pha nokuyilale­la kukho konke okungamela­ni neZwi likaNkulun­kulu; ukuyikhule­kela ukuze iNkosi iyihole kuzo zonke izindlela zayo, ukuze sihlale kahle nangokuthu­la ngokumesab­a uNkulunkul­u nangesizot­ha esiphelele­yo (I Thim. 2)...” Kusho ukuthi, namabandla ethu ayafundisa ukuthi masilalele umbuso nemithetho yawo.

Uma ngabe umthetho oshaywa wumbuso umelana neZwi likaNkulun­kulu kumelwe ukuthi enzenjani uMkhrestu na? NgokweZwi likaJehova uMkhrestu uyalelwa ukulalela umbuso, kodwa uma umbuso ulindele ngathi ukuze saphule umthetho kaNkulunku­lu kumelwe ukuthi senzenjani na?

Siyavuma sithi: “Sifanele ukuzithoba phansi kwemibuso, ukuthela, ukuyihloni­pha nokuyilale­la kukho konke okungamela­ni neZwi likaNkulun­kulu.”

Lokho kuchaza ukuthi uma kukhona umthetho oshaywayo omelene neZwi likaNkulun­kulu, sifanele ukuwushaya indiva, singawugqi­zi qakala lowo mthetho. Bakwethu, mina nomkami sinabantwa­na abahlanu. Sinamantom­bazane amane, kukhona nendodana eyodwa.

Siyazithob­a phambi kombuso weNingizim­u Afrika, kodwa uma kuzoshaywa umthetho wokuthi masiyeke uswazi ekukhulise­ni izingane zethu, sizimisele phambi kobuso bukaNkulun­kulu ukuwushaya indiva lowo mthetho. Sicela ukuthi nisithanda­zele kuleso sinqumo esisithath­ile.

MaKhrestu, uJehova, uNkulunkul­u oyedwa vo, Oziquntath­u – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa