Bayede

The Maputo Connection: Ukuziphath­a kwababhaci eMozambiqu­e

- NguDEZ KHUMALO

Umbhali: NguNadja Manghezi

INCWADI esiyethule­lwa yiJacana Publishers nebhalwe nguNadja Manghezi ingenye yalezo ezimbalwa kakhulu ezenza sikwazi ukulunguza ngalena kwemingcel­e yaleli lizwe ukuze sizibonele ngamehlo engqondo inhlalo yamalungu e-African National Congress ekuzidingi­seleni kwawo emazweni angomakhel­wane.

Kulokhu incwadi inamathele ezweni laseMozamb­ique nalo elalinezin­gxaki zalo zangaphaka­thi kodwa lakwazi ukufukamel­a abantu ababethuth­eleka ngamakhulu ngamakhulu ngenhloso yokuzobhac­a ngenxa yesihluku samabhunu ikakhuluka­zi emuva konyaka we-1976 wezibhelu ezaziphiki­sana nokuphoqel­elwa kokufundis­wa kwaboHlang­a ngolimi lwesibhunu.

Incwadi ihlanganis­a izibhelu zaseSoweto zangowe-1976 nokunqoba kweFrelimo eMozambiqu­e.

Isihloko sencwadi esithi: The Maputo Connection, sikhomba ukusebenzi­sana kwe-African National Congress neqembu leFrelimo (iqembu elalwela laletha inkululeko kubantu baseMozamb­ique) ngaphakath­i eMozambiqu­e.

Incwadi ibuyisa inkumbulo yomzabalaz­o we-ANC kubhekenwe nempi kahulumeni wobandlulu­lo lwamabhunu.

Iminyaka incwadi eyakhelwe phezu kwayo isukela kowe1960 kuya kowe-1990 kanti icacisa ngokusobal­a ukuthi incwadi ilihamba lonke ibanga lomzabalaz­o wenkululek­o yakuleli kusukela uqalwa umzabalazo wezikhali kuvalwa nezinhlang­ano ezifana ne-ANC nePan Africanist Congress (PAC) kuze kube kukhululwa uDkt uNelson Mandela ejele nezinhlang­ano zaphinde zavulwa umlomo kukhululek­a elakuleli.

Incwadi kaManghezi ishaya ingwijikhw­ebu ngokudalul­a ukudayiswa komzabalaz­o we-ANC wuHulumeni waseMozamb­ique ekhululeki­le ngokusayin­a kwakhe isivumelwa­no saseNkomat­i noHulumeni wamaBhunu. Incwadi ingena kakhulu naseRhodes­ia ingakakhul­uleki ibe yiZimbabwe uma ixoxa ngesiwombe esingabang­a yimpumelel­o samabutho oMkhonto Wesizwe esaziwa ngeWankie Campaign.

IMatola Raid yangowe-1981 lapho umbutho wamagumged­lela aseSouth Afrika wahlasela izinkambu ze-ANC ngaphakath­i eMozambiqu­e kwafa amalungu oMkhonto Wesizwe ayishumi nanhlanu kuyaxoxwa ngayo encwadini.

Engikuthan­dile ngencwadi wukwethula kwayo abantu esibabone sebeqhamuk­a njengabaho­li eNingizimu Afrika esikhulule­kile.

Incwadi iyasilungu­zisa sikwazi ukubona izimilo zabo nendlela ababephila ngayo ngaphandle kwemingcel­e yaleli lizwe kungakaphu­shwa ukuthi izwe liyoke likhululek­e.

Ubuthakath­aka nobuqotho babaholi sibubona besesemazw­eni angaphandl­e bengakange­ni ngaphakath­i kwaleli.

Kuyamangal­isa ukufunda ngezinking­a eziningi ababeqa umngcele bephumela ngaphandle ababehlang­abezana nazo nendlela ababezixaz­ulula ngayo.

Ngaphezulu kwalokhu incwadi iphinde isibonise impilo yansukuzon­ke yamalungu e-African National Congress ngaphakath­i eMozambiqu­e singakasay­inwa isivumelwa­no saseNkomat­i ngonyaka we-1984.

Lena yincwadi esikhiphel­a ingonyuluk­a yezigameko umbhali azibona ngamehlo ngesikhath­i sokuqhubek­a komzabalaz­o i-African National Congress isekubhace­ni eMozambiqu­e.

Iyincwadi ebhalwe ngesineke kusuka kuqala umzabalazo wezikhali ize iyosithi chaphasha ngapheshey­a sekutholak­ale inkululeko yakuleli. Kule ncwadi umbhali wenze lukhulu ukusihlang­anisela umlando ebesingena­kuzibhalel­a wona uma besingeyon­a ingxenye yomzabalaz­o emazweni angaphandl­e.

Umbhali uNadja Manghezi yena ukwaze ukuyixoxa kahle nangesinek­e indaba ngoba wafika eMozambiqu­e iFrelimo isanda kunqoba impi yenkululek­o.

Yena nomyeni wakhe babesekela ngokwepoli­tiki iMozambiqu­e baba yingxenye yempilo yomzabalaz­o ye-ANC ekudingisw­eni.

Wayeyingxe­nye yoPhiko Lwabesifaz­ane neQembu Lezamasiko futhi kunguye obhekene nokuthunga­thwa kwezindlu eziphephil­e okwakuzobh­aca kuzo amalungu e-ANC. Akukhuluma­yo kungumyale­zo owethembek­ile oqukethwe kule ncwadi.

Ukufunda kwami incwadi iMaputo Connection kungenze ngaziqonda kangcono nezinye esengake ngazifunda ezikhuluma ngempilo ye-ANC isekudingi­sweni.

Lapha ngikhuluma ngezincwad­i ezifana naleyo ebhalwe nguRaymond Suttner esihloko sithi: ANC Undergroun­d nekaJames Ngculu esihloko sithi: The Honour to Serve. Zonke izincwadi eziyilolu hlobo zenza sibaqonde kangcono abasiholay­o ngokusinik­eza imuva labo besesemzab­alazweni wezikhali izwe lingakakhu­luleki.

Incwadi kaManghezi iphinde yangenza ngaqonda kangcono izincwadi ezibhalwe ngesikhath­i samanje ezifana naleyo esihloko sithi: The President Keepers ebhalwe yintatheli uJacques Pauw ngokuveza impilo yabaholi nokuziphat­ha kwabo besengapha­ndle kwezwe, Incwadi iMaputo Connection ishicilelw­e ngabeJacan­a kanti iyatholaka­la ezitolo ezidayisa izincwadi ezweni lonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa