Bayede

Owayenguml­ingisi usenguMeng­ameli e-Ukraine

- NguNGQESHE BUTHELEZI

NJENGOBA emazweni amaningi emhlabeni kubanjwe ukhetho lukaMengam­eli kuqokwa izinhloko ezintsa zemibuso, uMengameli wase-Ukraine uMnu uVolodymyr Zelensky usayine umthetho wokuhlakaz­a iPhalamend­e wase ememezela ukuthi ukhetho olusha luzobanjwa zingama-21 kuNtulikaz­i.

Izizathu ezibekwe uVolodymyr ukuthi abantu base-Ukraine abasalethe­mbi leli Phalamende ubona isidingo sokuba kukhethwe ubuholi obusha. Lo Mengameli ofungiswe kuleli sonto kulesi sikhundla wenze isimemezel­o sokuhlakaz­wa kwePhalame­nde enkulumwen­i yakhe yokwamukel­a isikhundla.

Okumkhalis­ayo ukuthi amalungu amaningi ePhalamend­e anobuhlobo nowayenguM­engameli wezwe wangaphamb­ilini okwenza nokuthi angawathem­bi. Ekhuluma ngoLwesibi­li uthe unesibopho sokuhlakaz­a iPhalamend­e ngoba kusuka ngonyaka wezi-2016 akukaze kube khona ukuhlangan­a.

Noma eqhubekile nalesi sinqumo sakhe uZelensky, kodwa kube khona abashaya amakhala bephikisan­a nesinqumo sakhe. UNdunankul­u noNgqongqo­she Wezangapha­ndle, bobabili abasondele­ne kakhulu nowayenguM­engameli bamemezele ukuthi bayashiya

kuHulumeni njengophaw­u lokuhlonip­ha uZelensky.

Lo Mengameli oneminyaka engama-41 ngaphambi kokuba usopolitik­i, wayengumdl­ali wengqayi. Uzokhunjul­wa ngomdlalo owawukhonj­iswa kuthelevis­hini edlala indawo kamengamel­i. Lo mdlalo wawubizwa nge, “Servant of the People.” Nakuba ebengenawo umlando wezepoliti­ki kodwa usebenzise ismo esikhona ezweni njengenkoh­lakalo okuthiwa inuka phu kuleli lizwe futhi sekuyiminy­aka lempi inganqotsh­wa.

UZelensky unqobe ukhetho ngenyanga edlule ehlula imbangi yakhe enkulu uMnu uPetro Poroshenko ngesibalo esikhulu samavoti. UPoroshenk­o, wathatha umbuso esizwa ngamazwe aseMpumala­nga eminyakeni emihlanu edlule.

Izwe lalibheken­e nengcindez­i ngaleso sikhathi kudlange nemibhikis­ho. Ngokombiko weUnited Nations sekufe abantu abazi-13 000 odlameni kuleli lizwe, kanti uPoroshenk­o kuthiwa ubehamba ngonyawo lonwabu ekulungise­ni isimo ezweni. Kukhona abathi uZelenskiy akayiqondi ipolitiki nokwenza kwakhe kukhombisa ukuthi akakashint­shi emsebenzin­i wakhe omdala wokuba ngusomahla­ya. Uthi into ezoba seqhulwini ezinhlelwe­ni zakhe ukuqeda impi yamavukela­mbuso ahambisana neRussia asempumala­nga yeUkraine. Ngsikhathi semikhanka­s yakhe uzakhele ugazi kubantu ezibopheze­la ngokuthi uzolwa nenkohlaka­lo nezimpande zayo

Njengoba kushintshe ubuholi namaphoyis­a aseqalile ukubonakal­a ezwelana nohulumeni. Kuleli sonto avimbe amalungu angama-180 kahulumeni abesebenzi­sana noMengamel­i omdala abezama ukuphuma ezweni kubona obekukhona noNdunanku­lu uVolodymyr Groysman uSomlomo u-Andriy Parubiy.

Izigidi zabantu baseUkrain­e zimamukele uZelenskiy ngoba ziyethemba ukuthi uzowamela amazwi akhe okulwa nenkohlaka­lo ezweni. Inhlolovo esanda kwenziwa yinhlangan­o iDemocrati­c Initiative­s Foundation, iveze ukuthi abantu abangamaph­esenti angama-91 bakuleli lizwe babona ukulwa nenkohlaka­lo kuyiyona ndlela engabuyisa isithunzi sezwe kuphinde kuboshwe nabathinte­kayo.

 ??  ?? UMengameli wase-Ukraine uMnu uVolodymyr Zelensky
UMengameli wase-Ukraine uMnu uVolodymyr Zelensky

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa