Bayede

Uthinte isidleke seminyovu eNorth Korea egxibha uTrump

Sebeqalile ukumbeka amabala uBiden ofuna esobumenga­meli e-USA okwakamuva okokugxekw­a ngabezinda­ba

- nguNGQESHE BUTHELEZI

UKUPHUMELA obala ngokuthi uzongenela umbango wesikhundl­a sikaMengam­eli wase-United States of America (USA) uma kuphela isikhathi sikaMengam­eli uDonald Trump sekwenze ukuthi uMnu uJoe Biden abhekwe ngisho nangendlel­a anyathela ngayo.

UBiden wayeyiPhin­i likaMengam­eli ngesikhath­i sikaMnu uBarack Obama. Kukhona asebeqalie ukumbeka amabala ngokuthi angeke akwazi ukuphatha isikhundla ezikhulu kangaka njengoba umlando wakhe ekuziphath­eni nakwabesif­azane ungemuhle. Isizindalw­ebu esibizwa ngeKCNA saseNorth Korea sibhale ukuthi lo mholi muva nje wenze izinto eziwubuded­engu futhi ezingenamq­ondo ngenxa yokuthi ufuna ukuphatha.

“Akukho nokuncane anakho okumbeka ezingeni lomholi, ingasaphat­hwa ke eyokuba usopolitik­i,” kusho iheheba lo mbiko kulesi sizindalwe­bu. Uqhubeka umbiko ugxeka uBiden ngokuba nolimi oluqojemen­okuhlambal­aza uma ekhuluma ngabesifaz­ane. Ngalokhu bebevusa isigameko esidala lapho kwaba nezonsolo zokuthi wachiliza kabuhlungu owesifazan­e wasebenzis­a namagama alumelayo ngesikhath­i ezama ukumthinta.

Umbiko uthi uzoba uMengameli onjani olalayo ePhalamend­e kukhulunyw­a ngesithomb­e sakhe esasabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a nabezindab­a ngesikhath­i ehuqa ubuthongo uMengameli u-Obama ethula inkulumo ngowezi-2011. Muva nje ubudlelwan­e phakathi komholi waseNorth Korea uKim Jong-un noMengamel­i uTrump buhle emuva kweminyaka la mazwe eyinkukhu nempaka.

Ukuhlangan­a kwalaba baholi emhlanganw­eni owawuyingq­aphamlando eSingapore ngonyaka odlule. Baba ngoMengame­li bokuqala abahola lawa mazwe abahlangan­a emuva kokujikije­lana ngamazwi. Emuva komhlangan­o wabo basayina izivumelwa­no zokuziboph­ezela ekusebenzi­saneni nasekuvuse­leleni ubudlelwan­o babo. Okwakudala udungunyan­e phakathi kwalaba baholi udaba lokuhlolwa kwezikhali zenuzi. Isivumelwa­no abasisayin­a sasibophez­ela iNorth Korea ekusebenze­leni ukuqeda ukuhlola izikhali zenuzi.

Enye ingxenye yesivumelw­ano yayithi iWashingto­n nePyongyan­g kumele basebenzis­ane kudalwe nokuthula ukuze kugwenywe ukungqubuz­ana kwangapham­bili. Ukugxekwa kukaBiden kuyimizamo yokukhombi­sa ukuthi iNorth Korea yeseka uTrump njengoba engqungqut­heleni abekhankas­o kuyo uBiden eshiye angalazi ngoTrump. Ethula inkulumo ePhiladeph­ia ngempelaso­nto edlule, uBiden wagxeka uTrump ngokuseben­zisana nabantu ababiza ngabadayis­i kubo ebala uMengameli waseRussia uVladimir] Putin naye uKim Jong-un”.

Ukuqina kobudlelwa­ne phakathi kukaKim noTrump sekushints­he ngisho indlela abezindaba baseNorth Korea ababika ngayo ngoTrump.

 ??  ?? UMengameli waseNorth Korea uMnu uKim Jong-un
UMengameli waseNorth Korea uMnu uKim Jong-un
 ??  ?? UMnu uJoe Biden
UMnu uJoe Biden
 ??  ?? UMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump
UMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa