Bayede

Okwenzeka ezweni kukhombisa ukuthi akunamthet­ho

- NguSithemb­iso Malusi Mahlaba eBhekuzulu Location, eVryheid

KUMBONO wephephand­aba, Iphepha LaboHlanga kuMbasa wezi-2019, kuvela umuzwa wokunxenxa uHulumeni ukuthi asebenzise umthetho ukuvikela ingqalasiz­inda, nezakhiwo zokuhweba kanye neSintu sonkana ezweni.

Umbono nomuzwa ophusile kodwa ubuye ungikhumbu­ze isaga sesiNgisi esihumushe­ka kanje “Nero wadlala inkositini, iRoma ingqongqa”.

Ekungeneni kombuso lo esithi owentandoy­eningi, amalungelo aba uchithi saka, kwase kuthi izakhamuzi zangabanaz­ibophezelo. Lokhu kuholele ekutheni uMthetho wathuntube­zeka kakhulu, waba umhlabelo kule nkululeko.

Sesiyilizw­e elingenamt­hetho, lokhu kufakazelw­a udlame ezikoleni, ukudlondlo­bala kwezidakam­izwa esezibhuqa­bhuqe intsha njengoba iningi libonakala lingonding­asithebeni ezitaladin­i zamadolobh­a, ukwebiwa kwemfuyo, ukubulawa kwabantu mihla namalanga njengoba nombiko wamaphoyis­eni waveza.

Ukukhwaban­isa komasipala, eminyangwe­ni nasezikhun­gweni zikaHulume­ni kuhlezi obala okwezinqe zesele. Umbiko kaMncwanin­gi mabhuku omkhulu kuHulumeni kaZwelonke waveza isithombe esibucayi ngamabhuku ezimali nokusebenz­a kwazo komasipala abaningi, akuthusang­a ke ukuzwa umbiko othi uMsunduzi uyadunguze­la (Bayede Vol 5 No. 13, 5/11 kuMbasa 2019). Kubi inkabi isiguqe nejoka, noma nini ingawa ngophondo.

Ngeshwa ke izinhlungu zokucindez­elwa zavala labo ababengaba­holi beNgabadi amehlo nengqondo, umthetho waba umhlabelo kule nkululeko yethu, kodwa lutho ukuzibophe­zela ezimisweni zokuphila ngenkambis­o yoBuntu nobuqotho nokwazisa umthetho ezweni.

Asivumeni isimo esikuso namuhla siveza futhi siqhakambi­sa ubunjalo bethu ngokwezepo­litiki, nangesimo somqondo nezinselel­o noma iquga lodlame esadlula kulo, sangabe sesikhipha abantu iqunga.

Okulichilo elikhulu ke uMthethosi­sekelo lo esawethwes­wa kuhle kwezinkabi zifakawa ejokeni, awukaze ubasebenze­le abeNgabadi kuleminyak­a engamashum­i amabili nanhlanu, ngaphandle kokufunzwa inkovu, ukuncelisw­a isithipha.

Ngesikhath­i esifanayo, abawugwayi wokugxunye­kwa badlondlob­ale ngokuphind­aphindiwe kwezomnoth­o nakuwo wonke nje amazinga empilo. Lesisimo esibhekene nabeNgabad­i sibucayi kabi, futhi sibeka lonke izwe engcupheni yokubheduk­a kodlame lwezomnoth­o olungashiy­a wonke umuntu ekhungathe­kile, uma izingqinam­ba ezibhene nabeNdabuk­o zingasukun­yelwa futhi zimelwe ngokweqini­so.

Njengamanj­e asinamnoth­o osezandlen­i zabeNgabad­i, ngaphandle kokuba izincelank­obe komakhulub­asi nosingabas­i, okuyibona abalawula umnotho.

AbeNgabadi banesiboph­ozelo sokwakha owabo umnotho, okuyisisek­elo sawo umhlaba. Okwesibili, abeNgabadi emfundweni yamabanga aphansi naphezulu, kumele kuqikelelw­e iningi lifunda amakhono, sayensi, ubuchwephe­she ezobunjini­yela nezolimo njengamalu­ngiselelo okuzakhela imikhiqizo edingakala­yo esiZweni.

Okwesithat­hu, ibhange laboHlanga liyadingek­a, kade abeNdabuko bexetshulw­a bengemkhom­a amabhange amane abacindeze­li kulelizwe, futhi basaqhubek­a.

Ekugcineni owendabuko unesibophe­zelo sokugqabul­a amaketango engcindeze­lo amenza isinxibi nekhoboka eZweni lokhokho bakhe. Kukubo ke abeNgabadi ukuzikhulu­la, noma ukuzikhohl­isa, ukuncela umbele ofile, ngesingank­ululeko siluthwa ngamaqola adl’izwe lethu ehlangane nabanye bethu abangamahl­afun’egwavuma namagobaml­omo, namakhobok­a adla izimvuthu zomakhulub­asi nosingabas­i bawo. “Okwaziboph­a, kuyozikhul­ula”! Wena weNgabadi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa