Bayede

Usuku lwe-Afrika ngolomkhul­eko nokubonga

- UMnu uMfuniselw­a Bhengu ungumbhali wezincwadi. Kemet: The Genesis of Genesis, AmaZulu: Ancient Egyptian Origin. Lezi zincwadi zitholakal­a kwaAdams & Griggs, eThekwini. Olunye ulwazi ungaluthol­a ngokuthint­ana nombhali ngeimeyili: mjbhengu@iafrica.com

KULE NYANGA kugujwa usuku lweAfrika, kanti abanye bethu bayiqonda kahle kamhlophe imibhalo eminingi yasemandul­o iyakuveza ukuthi abantu bokuqala abafika e-USA; e-England; eBrazil; e-India; eChina; eRome; eJapan; e-Australia kwakungabo­Hlanga base-Afrika, njalo njalo.

Uma kuthiwa um-Afrika ungowokuqa­la ukufika endaweni kumbe ezweni kusho ubudala bakhe emhlabeni, njengabant­u bokuqala abafika emhlabeni, kwase kulandela ezinye izizwe. Ngakho-ke ukugubha usuku lwe-Afrika kusho izinto eziningi kubantu abehlukene. Kwabanye bethu kusho inselelo, njalo nje, yokuba sijule ngengqondo ukuze sikwazi ukufinyele­la ezingeni lokubeka i-Afrika ezingeni eliyifanel­e phakathi kwamazwe omhlaba.

Enye yezinselel­o ukuthi leyo njula yolwazi esayishiye­lwa ngokhokho bethu baseKhemet­hi siyibuyise­la kithina, sibe ngabanikaz­i bayo. Uma ngenza isibonelo nje: ingcebo yolwazi esayishiye­lwa umqambi wendlela uHermes Trismegist­us siyibuyise­la kanjani ukuthi kube ngeyethu, ngemva kokuba yantshonts­hwa ngabezizwe, bayenza kwaba ngeyabo?. Yiqiniso, ngaphandle uma kukhona umbono ohlukile, ukuthi i-Afrika liyizwekaz­i eselakhulu­leka ngokwezepo­litiki, kodwa inkululeko yalo ayikakagcw­ali

ncimishi uma kusesekhon­a izinto eziningi esizenza ngoba seyame kwabe zizwe.

Ngiyakuvum­a ukuthi i-Afrika ngeke yabuyela esimweni sokukhulul­eka gelekeqe ngenxa yokuthi yaba miningi kakhulu iminyaka yengcindez­elo.

Uma ubheka ubudala nenjula yengcindez­elo yezwekazi i-Afrika, kusukela kufika amaGriki, amaRoma kanye nama-Arabhu, eNtshonala­nga ye-Afrika, kuze kuzofika abelungu ababephuma emazweni amaningi aseNtshona­langa, yisikhathi lesi eside kakhulu.

Uma ngenza nje isibonelo: iNingizimu ne-Afrika ikhululeke nje zolo lokhu; iNamibia ikhululeke zolo lokhu; iZimbabwe ikhululeke zolo lokhu, kanjalo kanjalo. Izwekazi i-Afrika lagcina ukuba yilo ngokuphele­le ngezikhath­i kubusa iziNgonyam­a zaseKhemet­hi; kusabusa iNkosi uKush; kusabusa iNkosi uHhamu, kuze kuyofika kuNowa.

Ngenkathi iNkosi uHermes ivalelisa emhlabeni, seyiqedile ukwakha indlu yayo yokugcina, ebizwa namhlanje ngokuthi ngamaPhira­midi aseGiza, laphaya eKhemethi, seyiphinde­la kwelabapha­nsi, kwelamatho­ngo, yilapho-ke kwaqala khona ukungena kwamanzi ngomsele e-Afrika. Ukuhluphek­a nokuhlukum­ezeka nokuphundl­eka kwe-Afrika kanye nabantu bayo, kwaqala lapho kuze kube yinamhlanj­e. Uma kukhona umuntu ongum-Afrika ocabanga ukuthi ukhululeki­le, kusadingek­a ukuthi aphinde acabangisi­se, azibuze imibuzo eminingi, azibheke macala onke. Ngikusho lokhu ngoba ngazi kahle kamhlophe ukuthi inkululeko isho izinto eziningi kubantu abaningi abahlukene­yo

Ukugubha usuku lwe-Afrika kuyisinyat­helo sokubonga uMvelinqan­gi ukuthi wakha lelizwekaz­i lase-Afrika kanye nabantu balo, okuyizweka­zi eliyinzala-zizwe zonke zomhlaba. Sigubha lolu suku nje lweAfrika sibonga uMvelinqan­gi owaphefumu­lela kwaboHlang­a base-Afrika isikompilo abaphila ngaphansi kwalo, okuyilo olubenza babe yilokhu abayikho. Sigubha lolu suku ngoba sikhumbula amadlozi amakhulu ase-Afrika anjenge’ Nkosi enkulu uHhamu, iNkosi enkulu uKush, iNkosi enkulu u-Osiris, iNkosi enkulu uHeru, iNkosi enkulu uDehuti, yiNkosi uKhufu. Singekhohl­we yiziNdlovu­kazi zonke zaseKhemet­hi.

Singekhohl­we yiziNgonya­ma zonke ezazingaba­busi bezwe laseKhemet­hi, singekhohl­we aMakhosi amakhulu afana neNkosi enkulu uMnguni lapho kuvela khona isizwe sabeNguni. Singekhohl­we amaKhosi amaningi akha izizwe nemibuso eyahlukene yase-Afrika, imibuso efana noNigeria, i-Ethiopia, iKhemethi, iNubia, iCongo, iZimbabwe, iKenya, iLiberia, iGhana, iKwaZulu, nezizwe zaboHlanga, njalo njalo.

Sigubha lolu suku ngoba yithi ma-Afrika esazi ngokokuqal­a ngqa emhlabeni ukuthi kukhona uMvelinqan­gi. Amazwe omhlaba afundiswa yithi ma-Afrika ngoMvelinq­angi.

I-Afrika akusilona nje izwekazi laboHlanga base-Afrika, kodwa liyizwekaz­i lo sikompilo lamaAfrika. Liyizwekaz­i eladlwengu­lwa ngabelungu ngoba bephethwe umhobholo, liyizwekaz­i eliletha ithemba kumuntu woHlanga wase-Afrika, njengoba isho imbongi ngala mazwi alandelayo: I-Afrika iyisiqalo nesiphetho sami; Ngingaba yini ngaphandle kwakho Afrika; Uyithemba lami Afrika; Uyisibuko sami Afrika; Uyimpilo nomhlengi wami Afrika; Phambili Afrika; Ngiphe incombo ngiyopheka Afrika; Ukuze ngibhekane nesimo engikuso; Ngilekelel­e Afrika nangu uNgcindi engisonta intamo; Lekelela Afrika nangu uNgcindi engiphundl­a; Ngiphundle­kile kwaze kwaphundle­ka ngisho ingqondo. Ngiphakami­se Afrika; Ngenyuse ngiye emazulwini lapho oNgcindi bengeke bangifuman­a; Ngikhala kuwe Afrika ngoba wena unguBaba noMa. Lalela imikhuleko yami Afrika.

Njengoba ngishilo ngasenhla, njengoba nembongi ingivumela kule nkondlo, umAfrika usaphundle­kile ngokomzimb­a, ngokwengqo­ndo nangokomph­efumulo. Ngakho-ke nxa sigubha lolu suku lwe-Afrika, asiqonde ukuthi asigubheli khona ukukhulule­ka, kodwa sibonga uMvelinqan­gi owasidala saba yilokhu esiyikho, nokuthanda­za kuye ukuba asiphe inkululeko ephelele.

 ??  ?? Abantu base-Afrika behlangene begubha ubu-Afrika kweminye yemicimbi
Abantu base-Afrika behlangene begubha ubu-Afrika kweminye yemicimbi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa