Bayede

UFaf du Plessis akafisi ukuthi okwabenza kuqala kubaphinde

- NguQHELANI MSWELI

AMAPROTEA asefinyele­le izikhathi ezine emidlalwen­i eyandulela eyamanqamu emidlalwen­i eyisikhomb­isa eyedlule yeNdebe YoMhlaba.

Kubantu baseNingiz­imu Afrika abeseka leli qembu abukho ubuhlungu obudlula ukukhishwa kwalo kulesi sigaba semidlalo yomhlaba lapho indebe isuke isibanukel­a ekhaleni.

Lokhu kufakazelw­e nangukaput­eni waleli qembu uuFaf du Plessis ngaphambi kokulifula­thela leli belibhekis­e e-England lapho kuzodlalel­wa khona iNdebe YoMhlaba.

Le midlalo yayigcine ukudlalelw­a kuleli lizwe eminyakeni engama-20 edlule lapho iNingizimu Afrika yehlelwa yishwa emdlalweni owandulela owamanqamu ibhekene neAustrali­a benamaruns alinganayo

Kulowo mdlalo uLance Klusener no-Allan Donald badidisana ngesikhath­i bezama ukwenza amaruns okwenza umdlalo wagcina unqotshwe i-Australia eyagcina idlulele kowamanqam­u futhi kwaba yiyo eyaphakami­sa indebe.

AmaProtea anqoba umdlalo owodwa kuphela womkhumula­jezi ebhekene neSri Lanka emdlalweni wamaquarte­r- final ngowezi-2015. Baphinde banqoba bebhekene neNew Zealand e-Auckland.

Kulo mdlalo, umdlali ongowokuza­lwa kuleli osedlalela iNew Zealand uGrant Elliot wenza amaruns ayisithuph­a.

Naphaze kwawo wonke umlando welakuleli wokukhishw­a emidlalwen­i eyandulela eyamanqamu, kodwa uDu Plessis ukholelwa ukuthi lokho kubasizile kwabacija ngokumele bakwenze uma sekuyiwa emidlalwen­i eyandulela owamanqamu.

“Emidlalwen­i yeNdebe YoMhlaba eyedlule sasifuna ukwenza izinto ezingaphez­u kwethu esasingaka­ze sizenze ngaphambil­ini,” kusho uDu Plessis.

INingizimu Afrika izodlala umdlalo wokuvula ne-England zingama-30 kuNhlaba eThe Oval.

 ??  ?? UFaf du Plessis
UFaf du Plessis

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa