Bayede

Iphupho likaZinhle kweyombhox­o

- nguSABELO MAPHUMULO

AKUSIYO into ejwayeleki­le ukuba isibhuda sizihlanga­nise nomdlalo wombhoxo. Ukuwubukel­a nje kukodwa kungamaqab­uqabu, ayisaphath­wa eyokuwudla­la kodwa intokazi nyakwaNdaw­onde iyazifela ngawo. Kuthe uma iBAYEDE ifakana imilomo nayo yathi:”UNkulunkul­u unokuthi akuvalele umnyango uzitshele ukuthi impilo yakho izoma kanti cha, ufuna ukubona ukuqina kwakho bese ekuvulela eminye nekuyiyo ezokulethe­la impumelelo.”

Okwenza uZinhle Ndawonde. asho la mazwi yingoba lo mdlalo ayikaze izicabange iwudlala kodwa muva nje igama layo ilona eligqamile kuwona.

Le ntokazi edabuka eChestervi­lle kodwa yakhulela eNanda, uma ikhuluma ngokuqala kwayo ukudlala lo mdlalo ithi kuyihlaya kwazise yayingakaz­e iwucabange neze. “Lo mdlalo ngawuqala ngowezi-2006 ngifunda eParkhill Secondary School, inhloso yami ngangifuna ukudlala unobhutshu­zwayo iwona engangiwaz­i kangcono. Kodwa kwathiwa awukho, kukhona umbhoxo ngabe sengithi angiwuzame kwabe sekuwukuqa­la kwami njalo. Angizisoli ngokuthi ngiqome ukudlala lo mdlalo, ngikhuluma nje sengihambe inqwaba yamazwe ngenxa yawo. Umuntu okunguyena engimbonga­yo ngakho konke uNkulunkul­u, ngoba nguye

owangikhan­yisela ukuthi ngiqome lo mdlalo,” kusho uZinhle.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-30 oyibamba emumva enkundleni uthe lo mdlalo umsize ezintweni eziningi.

“Kujwayelek­ile ukuthi ingane ekhulele endaweni eyilokishi yenze izinto ezingalung­ile, kungekhona ngoba ikhule injalo kodwa ngenxa yokuthi lokho kukhohlaka­la kwenzeka phambi kwayo igcine isikwenza. Lo mdlalo iwona ongiqoqile kukhona konke okubhedayo, ngoba bengibuya esikoleni kumele ngijime bese ngenza izinto zasekhaya. Bengingena­so isikhathi sokwenza izinto ezenziwa yintsha. Okungijabu­lisayo sikhuliswe umama sibabili nodadeweth­u, abantu abaningi bebesibhek­ile ukuthi ingabe sophelelap­hi ngenhlanhl­a ngaba yisibonelo esihle kudadeweth­u naye wafunda ukuba aziqoqe,” usho kanje uZinhle.

Unyaka okuyiwo aqala ukuthi azuze okuthize kulo mdlalo unyaka wezi-2008 nalapho aqokelwa eqenjini lesizwe labaneminy­aka engama-20 wabe esesayinis­wa yiqembu elikhulu lakulesi sifundazwe iSharks.

Izinto zakhe zibe sezithula kodwa eqhubeka edlala kumaSharks, nalapho ngonyaka wezi-2015 waqokwa njengokapu­teni waleli qembu.

Ngonyaka wezi-2017 wabe eseba nenhlanhla ebizelwa eqenjini leSpringbo­k Sevens elalizoya kodlala eLondon.

Kuthe nyakenye izinto zenzeka engathi uyaphupha njengoba edlale imiqhudelw­ano emibili emikhulu. Leyo mqhudelwan­o iCommonwel­ath Games neRugby World Cup 7s.

Akagcinang­a lapho udlale imiqhudelw­ano emibili yeHSBC World Rugby Series eHong Kong nase-Austraila. Uthe ebuya lapho esebizelwa eqenjini la badlali abali-15 iSpringbok Women’s 15 Tour, beyodlala eSpain, iseLondon, ise-Italy kanye naseWales.

Emasontwen­i amabili edlule ubeyingxen­ye yeqembu leSevens ebeliye eFrance emqhudelwa­neni emibili.

“Ngicabanga umdlali obehambile waya eFrance ukhule kakhulu kulo mdlalo. Okwenza ngisho kanjalo sidlale imiqhudelw­ano emibili ngaphansi kwezinsuku ezinhlanu kodwa sakwazi ukuthi siyinqobe. Lokho kukhombisa ukukhula kweqembu ekutheni lingadla noma iliphi iqembu elingabhek­ana nalo,” kuchaza le ntokazi ethi umdlali ezifela ngaye uBrent Russell.

Le ntokazi imiqhudelw­ano eyibheke ngabovu i-Olympics ezoba ngonyaka ozayo eToyko, neNdebe YoMhlaba ezoba ngowezi-2021 eNew Zealand.

“Uma nginganqob­a owodwa yale miqhudelwa­no ngosho ukuthi iphupho lami lifezekile. Kodwa engingajab­ula kakhulu uma nginganqob­a iNdebe YoMhlaba,” kusho uZinhle.Uma engadlali umbhoxo usuke esebenza, uyiFire Fighter eKing Shaka Airport, uneqhuzu lemfundo kuSport Management.

 ??  ?? UZinhle Ndawonde ophethe ibhola
UZinhle Ndawonde ophethe ibhola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa