Bayede

Ilubalela iNFD iSummer Field Dynamos FC

- nguSABELO MAPHUMULO

ISEKELA mqeqeshi weSummer Field Dynamos okuyiqembu elizomela isifundazw­e iKwaZuluNa­tal emdlalweni yokuhlunge­la ukungena kuNational First Division (NFD) ngesizini ezayo, uthi bayibheke ngabovu le midlalo yokuhlunga.

UMafa Zuma usho lokhu emveni kokuthi inhlangano ephethe ibhola kuleli iSouth Africa Football Associatio­ns (SAFA) iqhathe amaqembu ayisi-9 azoba kule midlalo. Kula maqembu kulindelek­e amaqembu amabili okuyiwo azonyukela kuNFD.

Amaqembu adliwe izembe kuNFD kule sizini enamasonto amabili isongiwe iWitbank Spurs no-Ubuntu Cape Town.

“Ngesikhath­i kuqala isizini sazitshela ukuthi silungisel­ela izinto ezimbili okuwukuthi sinqobe iligi kanye namaplayof­f okungena kuNFD. Nebala iphupho lethu lokuqala lifezekile, manje siyongena emshikashi­keni wokufeza elesibili okuwukuthi singene kuNFD. Abadlali esinabo siqale nabo isizini bonke bayazi yini esiyifisay­o, yingakho ngingangab­azi ukuthi iqembu esinalo liqine kakhulu, ngalokho ngesizini ezayo lingagijim­a kuligi engeyesibi­li kuleli,” kusho uMafa.

ISummer Field Dynamos iseqoqweni C, izovovana inkani neSteenber­g United. Iqembu lesithathu lizophuma phakathi kweDondol All Stars neJDR Stars FC abasecalen­i bobabili.

UMafa odabuka eChestervi­lle ufike ngesizini yangowezi-2017/18 izinto zibheda kuleli qembu.

“Ngifika kuleli qembu belisendaw­eni ye-14 sekusele imidlalo embalwa isongwe isizini ngafika ngalikhuph­ula ngalibeka endaweni yesi-6 kulogi. Into eyangisiza ukufika kukaRonnie Gabriel okunguyena esabambisa­na naye mina ngabe sengiba isekela lakhe kwazise unesipiliy­oni esingaphez­ulu kwesami. Sazitshela ukuthi isizini yangowezi-2018/19 iyona esizokwenz­a ezibukwayo ngayo,” kuchaza uMafa odume ngelikaWel­e.

Okwenza athi uGabriel unesipiliy­oni yingoba uyena ngesizini yangowezi-2016/17 wanyusela Uthongathi FC kuNFD. Uyinyusa nje waqala ukuyiqeqes­ha idlala kuSAB League, waya nayo ku-ABC MOTSEPE League.

“Noma ngingeke ngikusho konke kodwa abadlali bayazazi zonke izinqinamb­a abazobheka­na nazo lo mqeqeshi (uGabriel) abatshele ngazo. Sofuna ukuthi nakanjani sande isibalo samaqembu azodlala kuNFD aqhamuka kulesi sifundazwe. Sifuna nakanjani ukujabulis­a isikhulu sethu esenze isiqinisek­o ukuthi iqembu liba yimbumba isizini yonke,” kusonga uMafa.

Yize leli qembu liqhamuka esifundazw­eni iKwaZulu-Natal kodwa linabadlal­i abaqhamuka eKapa, iseMpumala­nga, iseGauteng nakwezinye izindawo.

Abadlali okuyibo abayithemb­a baleli qembu ikhaya lalo eliseChats­worth, u-Ayanda Lubelo oyibamba esiswini wake wagijima kuBidvest Wits naku-University of Pretoria, uMndeni Zikalala naye odlala esiswini yena uke wadlalela iBaroka FC neReal Kings.

Omunye umdlali uLazola Kunene ubegijima eqenjini laseSwazil­and iMbabane Swallows.

Nyakenye iqembu ebelimele lesi sifundazwe uMvoti FC kodwa izinto azihambang­a kahle njengoba wahluleka ukungena kuNFD. Ezinye zezinto owazilimaz­a ukudlula emhlabeni kukaBheka Phakathi owayengumq­eqeshi.

Umdlalo wokuqala uzoba mhla zinhlanu kuNhlangul­ana owesibili ube mhla ziyisi-6 le midlalo izobanjelw­a e-Erka Park, eBellair.

Iqembu okungenzek­a libe yingozi i-Arconbush United, nangesizin­i edlule ibiyingxen­ye yale midlalo kodwa yahluleka ukunqoba.

 ??  ?? Iqembu iSummer Field Dynamos FC
Iqembu iSummer Field Dynamos FC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa