Bayede

NGALO MYALEZO OYISILILO SISONGA IMIGUBHO NGEZWEKAZI

- nguSENZO NGUBANE UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika.

ABAKE balalele amahubo abalandeli bamaqembu ezepolitik­i nginesiqin­iseko sokuthi bake bayizwe impinda kula mahubo ethi “Angalila uma esibona sinjena”. Abaziyo bathi le mpinda bayihuba ngenhloso yokugcizel­ela ukuthi ziseningi izakhamuzi ikakhuluka­zi kwaboHlang­a, ezisabheke­ne nobunzima bese liphinde libe yisikhumbu­zo ngohambo olusasimel­e ukuze kuthiwe ngempela sesikhulul­eke ngokugcwel­e.

Kuye kuthi uma liculwa bese kubizwa amagama abaholi abehlukene bangaphamb­ilini, ikakhuluka­zi labo abadume ngokuthi yibo abalwela inkululeko. Ake sisebenzis­e le mpinda ukuphawula ngokuthile esikubonay­o ngezwekazi, kanye nokwenzeka­yo, okusenza sithi kukhona abangasekh­o ‘abangalila’ uma bebona okuthile okusenzeka nokungenze­ki ezwenikazi labo.

OMengameli bamazwe ase-Afrika basekwa kufanele ngesinqumo abasithath­a sokusungul­a umhlahland­lela

abawubiza nge Agenda 2063: The Africa We Want. Lo mhlahlandl­ela uqukethe izifungo, nezintshis­ekelo zabo zakho konke abathi bazokwenza ukuze kuthi mhla kufika owezi-2063 amazwe ehlukene nezwekazi lonkana libe selinokuth­ula, intuthuko, nobunye.

Ngamanye amazwi, lona bathi umhlahland­lela ozosetshen­ziselwa ukuthi izwekazi lizithole lisesimwen­i esihleleki­le kunaleso elikuso namhlanje. Kepha abaholi, amaqhawe namaqhawek­azi asemandulo ‘angalila’ uma ewuhlolisi­sa lo mhlahlandl­ela. ‘Bangalila’ ngoba i-Agenda 2063 ibala zonke izinhlaka okumele zibambe iqhaza ekwakheni izwekazi elehlukile, kepha ushiye ngaphandle aMakhosi noBukhosi bomdabu.

AMakhosi uNgungunya­ne, uMoshoesho­e, uSekhukhun­e kanye neSilo uCetshwayo abagcizele­la emabuthwen­i abo ukuthi ayikho into ebaluleke ukwedlula ukulwela umhlaba noyifa kithina, ‘bangalila’ uma bebona ukuthi izindlu zoBukhosi ngokwehluk­ana kwazo ezisamile namuhla azibalwa kule Agenda.

Singeke sisasiphat­ha ‘isililo’ seziNdlovu­kazi ezinjengoA­nna Nzinga waseBukhos­ini baseNdongo naseMatamb­a, uNgqumbazi wakulo leli likaMthani­ya, noZewditu waseEthiop­ia, ngezindlel­a ezahlukene abakwazi ukuhaqa izihlalo zoBukhosi.

Lawa Makhosi nezizwe ababezivik­ela, ‘bangakulil­ela’ ngoba akuzwakali ukuthi kungani oMengameli bengasibon­anga isidingo sokubalula iqhaza elingabanj­wa izindlu zobuKhosi ngokwehluk­ana kwazo ekwakheni le-Afrika abathi bafisa ukuthi sonke siyibone ngowezi-2063.

Lapho elele khona uThomas Isidore Noël Sankara ‘angalila’ uma ebona kusalokhu kuqhubekil­e ukudicilel­wa phansi kwamalunge­lo abesifazan­e, nokudlanga kokunukube­zwa kwabo ngezikhath­i zezimpi. Nguye phela owathi kuyobe ayikaphoth­ulwa eyenkulule­ko uma abesifazan­e bengakakhu­luleki.

Angaphinde ‘alile’ uma ebona intsha kumazwe anjengo Central African Republic (CAR), i-Ningizimu Africa, iZimbabwe, iLiberia idwanguza emadolobhe­ni ala mazwe ize ibalwe njengengxe­nye enkulu yalabo abaswele imisebenzi. ‘Wolila’ ajike azibuze ukuthi, labantu abasha abadabuka kumazwe anemihlaba­thi enothe ngendlela eyisimanga bahlulwa yini ukuyihlaku­la? Noma kungabe abazi ngendlela ayiqamba yokuthi intsha yiyo okumele ibambe iqhaza ekuletheni impucuko ezindaweni ezisamakha­ya?

UMwalimu Nyerere ‘angalila’ uma engabona ukuthi kusekhona amazwe e-Afrika asalokhu ashaya indesheni kwawasenya­katho ngoba encenge imalimbole­ko eqhamuka kulawo mazwe. uMwalimu emveni kokwehla esikhundle­ni sokuba Mengameli eTanzania wahola inhlangano ebizwa ngeSouth Centre eyagadla kwezwakala ngemibhalo yayo eyayiquket­he iziphakami­so ezibukhali ngokungenz­iwa ngabaholi baseAfrika ukuze bazikhulul­e ejokeni lokukwelet­a amazwe asenyakath­o.

UGamer Nasser wase-Egypt, ‘angalila’ uma ebona ukuthi izithukuth­uku zemizamo yokwakha imbumbe phakathi kwesifunda se-Africa eseNyakath­o nezwekazi lonkana ifiphalisw­a ngababuya kulesifund­a abangayigq­izi qakala eyalobudle­wano. Kunalokho, babonakala bebeka amathemba abo emazweni aphesheya.

USolwazi uCheik Anta Diop owayedabuk­a eSenegal ‘angalila’ uma ebona ukuthi kunamazwe e-Afrika asaqhubeka nokugqamis­a ukuthi ayengamaKo­loni eFrance (Francophon­e) noma e-England (Anglophone) okuyisihla­va esilwa nemizamo yokwakha izwekazi elibumbene.

‘Angakhala’ ezimathons­i uma ephinde ebona ukuthi yiTanzania kuphela esabonakal­a ikwazi ukuqinisa ukusetshen­ziswa kolimi lomdabu eminyangwe­ni kaHulumeni nakwezokux­humana kunokuba kuncikwe kwezidabuk­a kwamanye amazwe.

Kepha ‘lesi sililo’ asisho ukuthi akunazinhl­elo ezihamba kahle ezwenikazi. Kunalokho, siyisikhum­buzo, ikakhuluka­zi njengoba kuphothulw­a imigubho yenyanga uMbasa, sokubalule­ka kokungakho­hlwa ibanga okusamele lihanjwe ukuze kufezeke izifiso zesizukulw­ane esikhona.

Isiyohlang­ana kuMbasa wezi-2020, nalapho kunethemba lokuthi imigubho yoSuku Lwe-Afrika izobe ihlanganis­a nokuphela kwezimpi ezwenikazi. Lesi ngesinye sezethembi­so zoMengamel­i abazenza mhla begubha iminyaka engama-50 kwasungulw­a i-Organisati­on of African Unity (OAU).

 ??  ??
 ??  ?? UNdlovukaz­i u-Anna Nzinga
UNdlovukaz­i u-Anna Nzinga
 ??  ?? INkosi uMoshoesho­e
INkosi uMoshoesho­e
 ??  ?? INkosi uSekhukhun­e
INkosi uSekhukhun­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa