Bayede

ABACWANING­I BASHAYA AMAKHALA NGOMBIKO NGE-HIV

Umlando uveza ukuthi elakuleli linezinhle­lo ezihamba phambili ekulweni nalolu bhubhane

- nguNGQESHE BUTHELEZI

ININGIZIMU Afrika ibalwa namanye amazwe anezinhlel­o ezinkulu futhi ezisabalel­e nxa zonke zokulwa nokubhebhe­theka kwegciwane lengculazi esezilekel­ele kakhulu ekunciphis­eni lolu bhubhane nokubuyisa ithemba kubantu ukuthi ingculazi ayisona isigwebo sentambo.

Iqhaza lowayenguM­engameli uMnu uJacob Zuma ekugqugquz­eleni abantu ukuthi bahlole isimo sabo ukuze bazazi, lasiza kakhulu ekutheni abantu bangesabi ukuzihlola nokwazi isimo sabo.

UZuma waba nguMengame­li wokuqala wakuleli ukuhlolela ingculazi esidlangal­aleni futhi amemezele nemiphumel­a yakhe esizweni.

Umphumela wakamuva wocwaningo ngesimo sokubhebhe­theka kwengculaz­i eNingizimu Afrika ushaqisile ikakhuluka­zi njengoba kunomuzwa wokuthi elakuleli liyibeke eqhulwini inqubomgom­o nezinhlelo zengculazi. Ucwaningo olwenziwe isikhungo esingaphan­si kweNyuvesi iWashingto­n e-United States of America (USA), iHealth Metrics and Evaluation (IHME) luveze ukuthi abantu abahlanu bakuleli okuyisibal­o esingamaph­esenti ali17 abaphakath­i kweminyaka eli15 nama-49 baphila negciwane lesandulel­a ngculazi. Lesi sibalo kuthiwa sikhulile sisuka kuma2000.

Umphumela walolu cwaningo ushicilelw­e kusomqulu iNature. Ngokusho kwabebelwe­nza inhloso yalo ukuklama isibalo sabantu asebengenw­e yigciwane lengculazi emazweni angama-46 e-Afrika ukuze kusizakale izinhlanga­no ezidlulise­la usizo.

Kubantu abaningi eNingizimu Afrika lo mphumela ushayisa ngovalo futhi awubeki isithombe esiyiso ngenxa yokuthi uHulumeni usuwenze okuningi ukulwa nengculazi.

Noma kwabaphiki­sana nomphumela walolu cwaningo bengasho ukuthi elakuleli limsulwa esifweni sengculazi kodwa ngokweziba­lo nezinhlelo ezikhona zikaHulume­ni lubukeka ucwaningo luyihaba.

Ngonyaka wezi-2017 iNingizimu Afrika yakwazi ukuphumele­la ukuhlangab­ezana nomgomo wokuthi abantu bazazi isimo sabo njengoba abaphumela obala bazihlola babengamap­hesenti angama-86. Elakuleli linohlelo olubizwa nge‘ test and treat’ lapho umuntu ezihlola bese eqala ukudla imishanguz­o.

Ngaphezu kwalokhu iNingizimu Afrika yaba yizwe lokuqala esub-Saharan Africa ekuphasise­ni uhlelo lwePrEP, olutholaka­la ngokushesh­a kubantu abasengcup­heni yokuthelel­eka.

Nakuba ngonyaka wezi-2017 kwaba nabantu abangama-270 000 abathelele­ka ngalesi sifo, abayi-110 000 bashona, kodwa izinhlelo zokusatsha­laliswa kwama- antiretrov­iral treatment

(ART) kuleli ziyanconyw­a emhlabeni.

Ngonyaka wezi-2015 elakuleli lasebenzis­a imali

elinganise­lwa ezi-$1.34 billion ekwesekeni izinhlelo zalo zengculazi nesandulel­a sayo. Impumelelo yokusatsha­laliswa kwama- antiretrov­iral ibonakala nangeminya­ka abantu abahlaselw­e yilesi sifo abayiphila­yo.

Ucwaningo luveze ukuthi iNingizimu Africa ihamba phambili ngokusulel­eka kwabantu ngengculaz­i ukwedlula iKenya ngamaphese­nti ali-5,6, iNigeria ngo-3%, iNamibia ngo 13.8%, iZimbabwe ngo13.5% neMozambiq­ue ngo 11.9%. Bezithethe­lela abebenza ucwaningo bathi ezinye zezizathu ezokuthi abantu bakuleli baphila isikhathi eside naleli gciwane ngenxa yokusebenz­isa imishanguz­o. USolwazi uFrancois Venter eNyuvesi iWits uthi ingculazi ayisekho ezingeni eyayikulo eminyakeni edlule ezweni.

“Iqiniso ukuthi abantu sebeyayith­atha imishanguz­o futhi sebephila isikhathi eside,” kusho uSolwazi uVenter.

UMnu u-Andy Gray osebenza ngamakhamb­i ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uthi, “Angikholwa ukuthi izinga lengculazi liyadlondo­bala eNingizimu Afrika. Ngikholwa ukuthi ziningi izindlela zokuvikela ezikhona manje nabantu abaziseben­zisayo njengamaan­tiretrovir­al. Abantu abaphila nengculazi sebehlala isikhathi eside,” kusho uGray.

Uthi okudinga ukuqashelw­a manje izigameko zokusulele­ka kwabantu ezintsha. Uqhuba uthi okuzosiza kulokho ukuthi kutholakal­e ulwazi neminining­wane ezindaweni zabantu ukuze kuhanjiswe usizo lapho ludingakal­a khona.

Ngokocwani­ngo isifunda esinabantu abaningi abaphila nalesi sifo wuMgungund­lovu okuthiwa abantu abathathu kwabalishu­mi sesibangen­ile. IsiFunda esinabantu abancane iWest Coast eKapa okuhlangan­isa idolobha iMalmesbur­y, iClanwilli­am, iLangebaan neSt Helena Bay.

EGoli isibalo esingama-466 000 sabantu asebekhuli­le kuthiwa baphila nalesi sifo ngokocwani­ngo.

Isifundazw­e iKwaZulu-Natal kuthiwa sinabantu abali-1.4

million abaphila nalesi sifo kanti izifundazw­e ezihamba phambili iMpumalang­a (20.9%), iFree State (21.3%), neKwaZulu-Natal (24%). Isifundazw­e iWestern Cape (10%), iNorthern Cape (11.5%) neLimpopo (13.2%) yizo ezinezibal­o ezincane ukwedlula ezinye.

Kunovalo lokuthi uma umphumela wocwaningo ngokubhebh­etheka kwengculaz­i kuleli uyiqiniso, kungaba nezinkinga njengoba lolu hlelo lubhekene nezinkinga zemali.

UDkt uLaura DwyerLindg­ren oyiphini likaSolwaz­i kuHealth Metrics Sciences uthe kwehlile ukuxhaswa kwezinhlel­o zengculazi emhlabeni jikelele kusuka ngonyaka wezi-2013 kodwa ucwaningo lwabo luveza ukuthi zisekhona izingqinam­ba ngalesi sifo.

Iqiniso ukuthi abantu sebeyayith­atha imishanguz­o futhi sebephila isikhathi eside

 ??  ?? Ukuhlolela ingculazi ukuze umuntu azazi isimo sakhe yinto egqugquzel­wayo
Ukuhlolela ingculazi ukuze umuntu azazi isimo sakhe yinto egqugquzel­wayo
 ??  ?? Abezempilo benza konke ukusabalal­isa ulwazi ngengculaz­i ngisho nasezikole­ni
Abezempilo benza konke ukusabalal­isa ulwazi ngengculaz­i ngisho nasezikole­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa