Kasolwa futhi akanaphutha
EMLANDWENI wesintu nepolitiki kwejwayelekile ukuthi umlando uziqokele iqhawe lawo. Kupolitiki yakuleli umlando nakhona wabe uziqokela amaqhawe awo.
Ngesikhathi somzabalazo eRussia umlando waqoka njengeqhawe nomlingisi omqoka uMnu Vladimir Lenin wabeka eceleni abafana noMnu uLev Davidivich Bronstein owaduma ngelikaLeon Trosky. Emlandweni womzabalazo wase-India wabeka phambili uMnu uMohandas Karamchand Gandhi owaduma ngelikaMahatma Gandhi wabeka eceleni uMnu uJawaharlal Nehru. Lapha eNingizimu Afrika kubunjwa inhlangano yokuqala yenkululeko ngonyaka we-1912, umlando waqoka uMfundisi uJohn Langalibalele Dube wabeka eceleni umkakhe uMama uNokuthela.
Kanti ngeminyaka yawo1960 umlando waqoka umufi uMnu uRolihlahla Nelson Mandela njengomlingisi omqoka neqhawe lawo. Babekhona abantu ababengathi lapha kwakungabalwa uNkk uWinnie Mandela, uMnu uWalter Sisulu, uMnu Oliver Reginald Tambo, uMnu Govern Mbeki, uMnu Robert Mangaliso Sobukwe, uMntwana uMangosuthu Buthelezi nabanye.
Kukhona okuqaphelekayo ngalaba abasuke beqokwe ngumlando njengamaqhawe nabalingisi abamqoka. Emehlweni abanye abantu kaboni futhi kabanamaphutha. Okungamaphutha abo kwabelwa abanye noma kusolwe izimo ezithile. Abanye balaba abaqokwe ngumlando baphenduka onkulunkulwana.
Eminyakeni eyishumi kubukeka iNingizimu Afrika ibe nabantu ababili abasondela kulolu hlobo lwabaholi. Owokuqala ngu-Advocate Thulisile Nomkhosi “Thuli” Madonsela owayenguMvikeli woMphakathi kusuka ngowe-2009 kuya kowe-2016.
Umlando kubukeka uqoke yena ngoba othathe lesi sikhundla emuva kwakhe u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane uhlale eshishibezwa ngelimabhaxa esolwa ngakho konke okubi. Sekukhona nabamsola ngokuthi wehlulwa ngamacala ezinkantolo okuyinto engaqali ngaye ngoba no-Advocate Madonsela kukhona lapho alahlwa khona yizinkantolo.
Osematheni kulezi zinsuku naye osephenduke ongathintwa nongenachashaza kwabanye nguMnu uPravin Jamnada Gordhan. Lo mholi oyilungu leAfrican National Congress ( ANC) nowaqokwa njengongqongqoshe ngezikhathi zokubusa kukaMnu uJacob Zuma, uke waba yisikhulu esiphezulu kwa-South African Revenue Service ( SARS). EsekwaSARS wasolwa ngokwakha iqembu labaphenyi okwakuthiwa kalikho emthethweni.
Ngokobufakazi obethulwa nguMnu uMichael Peega leli thimba labaphenyi lasungulwa ngowezi-2007 naveza ukuthi labe liphenya kuphela abaholi be-ANC ngaleso sikhathi okwakubalwa uMnu uZuma, uMnu uMalema, uMnu uBheki Cele nabanye. Abaseka uGordhan abakukholwanga lokhu kepha bathi uboshelwa amanqina enyathi.
Nokho umlilo ovuthe ubuhanguhangu uqale eminyakeni cishe emithathu eyedlule. Lokhu kungesikhathi uGordhan ekhonjwa ayevele ngayo nguZuma. Ngaleso sikhathi wabe enguNgqongqoshe weZimali. Yize uMengameli ngokoMthethosisekelo wayenamandla okwenza lokho, okuwukuqoka nokuxosha ongqongqoshe, okukaGordhan kwaba sengathi kwehlukile. Kaligwinyanga uMengameli zabe sezimdumela. Kwaqala ukhululelangoqo wemashi ngaphansi kohlaka olwabe lwaziwa ngokuthi yiSave South Africa eyabe iholwa nguMnu uSipho Pityana. Imashi lena eyabe iseChurch Square ePitoli yabe yandulela leyo eyabe inkulukazi eyaba sezweni lonke. Phakathi kwezimfuno kwaba wukubuyiswa kukaGordhan esikhundleni. EChurch Square umndeni kaGordhan wawukhona. Ngalesi sikhathi abantu kanye nezinhlaka zomphakathi zagqugquzelwa ukuba zeseke uGordhan ‘owayehlaselwa’ngenxa yokulwisana nenkohlakalo.
Akugcinanga lapho ngoba ngoMfumfu wezi-2016 uGordhan owayebhekene neNational Prosecuting Authority wesekwa ngabaholi bamabhizinisi amakhulu kuleli . Laba somabhizinisi abayi-81 ngomlomo weSekela Sihlalo weBusiness Leadership South Africa, uMnu uBonang Mohale ‘bab ngaseki isiqu somuntu kepha babevikela isithunzi sezinhlaka zomnotho.” UMogale waqhubeka wathi: Sesekela ihhovisi likaNgqongqoshe Wezezimali ngendlela efanayo nokufanele sihloniphe ngayo iHhovisi likaMengameli (uMengameli uZuma) yize noma singemthande sonke okulelo hhovisi ngalesi sikhathi.”
NgoLwezi wezi-2018, uMengameli uRamaphosa wanxusa ukuba abantu baseNingizimu Afrika bavikele uGordhan ayethi ungumuntu oqotho.
“Iningi labantu libe nesibindi esikhulu ngokuthi sikhuluma nje baphambi kweKhomishini kaMehluleli uZondo. Okunguyena owenzenjalo kamuva nguNgqongqoshe uPravin Ghordan okhulume iqiniso phambi kweKhomishini ngalokho okubuhlungu abhekane nakho.”
URamaphosa wathi uGordhan wayethole ukuhlaselwa nxazonke. Lapho ukuhlaselwa kwakhe kuqhamuka khona yilapho kungumsuka wezinkinga leli lizwe elibhekene nazo. Wathi kungumsebenzi wethu sonke ukwesekela sivikele abantu abazithola besesimweni sikaPravin Gordhan nabanye abaningi. Kumele sime emva kwabo ngoba abakwenzayo ukulwisana nenkohlakalo esingene yagxila emizweni
Iningi labantu libe nesibindi esikhulu ngokuthi sikhuluma nje baphambi kweKhomishini kaMehluleli uZondo. Okunguyena owenzenjalo kamuva nguNgqongqoshe uPravin Ghordan okhulume iqiniso phambi kweKhomishini ngalokho okubuhlungu abhekane nakho
yepolitiki yakuleli.
UGordhan akasolwa ngokungenzi kahle kuka-Eskom yize umphakathi ucishelwa ugesi zonke izinsuku. Zonke izinkampani zikaHulumeni azenzi kahle kodwa uyena uNgqongqoshe ophethe. Konke lokhu kukhomba ukuthi yena akasolwa ngalutho yize abanye oNgqongqoshe besolwa uma imiNyango yabo ingenzi kahle.
Okwakwamuva
Ukukhuluma kwakamuva okuthinta lo mholi wudaba lwesinqumo soMvikeli WoMphakathi onqume ukuthi uGordhan wenza iphutha mhla njengoMphathi wakwaSARS ethatha isinqumo sokunika umsebenzi (abanye abathi ngumhlobo wakhe) imvume yokuthatha impesheni singakafiki isikhathi.
Kulokhu uMvikeli WoMphakathi uncome ukuba uMengameli wezwe uRamaphosa athathele uGordhan izinyathelo. Lesi sinqumo sinyakazise izwe njengoba kukhona kusuka kuye lo mholi isinqumo lesi ‘ngesepolitiki’ nebesihlose ukuthi uMengameli wezwe angamqoki uGorhan njengongqongqoshe nokuyizinsolo ezinzima. Ummeli kaGordhan uMnu uTebogo Malatji usole uMvikeli woMphakathi ngokuhlinzela ikhasimende lakhe ezibini. “UMthetho WoMvikeli WomphakthiThe uvimbela umvikeli WoMphakthi ukuba abheke izikhalo esizidlulelwe yiminyaka emibili kwenzeka isigameko ngaphandle uma kukhona ‘okusemqoka’ okubayinto yokuthi azinqumeleyena,” kukhala uMalatji.
Uqhube wathi: “Umhlaphansi osendeziwe kaMnu uPillay wavunywa mhla zili-18 kuMfumfu ngowezi-2010 futhi kwakungekho zimo ‘ezisemqoka’ ezazingagunyaza uMvikeli WoMphakathi ukuba anake isikhalo esba khona cishe iminyaka elishumi edlule.” UGordhan) wathola iseluleko okungenani kubantu abayisi-6 abonolwazi, ongoti futhi abanamava emthethweni wezimpesheni nasekulawulweni komphakathi. Labo abathintwa beluleka ngokuthi kwakusemthethweni futhi kufanelekile ukuthi singagunyazwa isicelo.
“Kulokho okutholwe uMvikeli WoMphakathi wukuthi kunokwehlukile, okunephutha ukuhunyushwa komthetho. Lokho akukwazi futhi akusikho ukuziphatha ngokungeyikho noma ukuphambana noMthethosisekelo noma umthetho nganomaiyiphi indlela,” kusho uMalatji.
Isinqumo sika-Advocate Mkhwebane sithuthumelise abahlobo bakaGordhan nabathe uMvikeli WoMphakathi akehle esikhundleni. Esegqoke isigqoko sokuba ngumholi wosomabhizini kulokho loyo owayevikela uGorhan eminyakeni emithathu eyedlule, uMnu uSipho Pityane egameni le Business Unity South Africa uthe inhlangano yakhe ikholwa wukuthi u-Advocate Mkhwebana uyenzelela futhi akawugcini uMthethosisekelo wezwe. Njengenhlangano bahambise iziphakamiso zabo kuSomlomo wePhalamende nokuyinto engejwayelekile .
Abaye abagadle ku-Advocate Mkhwebane ngabeKathrada Foundation. UNeeshan Balton wale nhlangano uthe bakhathazekile ngekhono nolwazi lukaMvikeli WoMphakathi ekwenzeni umsebenzi wakhe.
“Ngicabanga ukuthi uMvikeli woMphakathi ubonakala njengothatha uhlangothi kupolitiki yobuqembu futhi uhambisa izintshisekelo zeqembu ngokuthi kube nguye yedwa ofuna uMnu uGordhan aphendule,” kusho uBalton.
ICongress of SA Trade Unions (Cosatu) nayo ingene ngenxeba yanxusa ukuba uMengameli wezwe angazithathi zinqumo ngeziphakamiso zikaAdvocate Mkhwebana.
Kwabaningi isinqumo sikaRamaphosa sokuhlehlisa ukumenyezelwa kweKhabhinethi bekunika isikhathi uGorhan ukuthi afake amaphephepha okudlulisa icala. Nembala unede wakwenza lokho kuleli sonto lamenyezelwa iKhabhinethi negama lika Gordhan likhona. Isinqumo sikaRamaphosa sokuqoka uGordhan sihlukanise abakuleli phakathi , ku-ANC nangaphandle. Omunye wabaholi be-ANC uMnu uMzwandile Masina akakufihlanga ukungenami kwakhe ngesenzo sikaMengameli. Lo mholi uthe ezinkundleni zokuxhumana:
“Ukuqokwa kuka Pravin kubukela phansi inqumo yomthetho futhi kunbukela phansi isithunzi sedemokhrasi. Lokhu akulungile. Ngethemba iNEC izolubheka loludaba ngokushesha”
Elinye ilungu le-ANC uNks uPhapano Phasha egatsheni iBrian Bunting eGoli ubhalele inhlangano uyakhe incwadi lapho abeyinxusa ukuba udaba lukaGorhan noMvikeli woMphakathi libhekwe yiKhomishini Yobuqotho eholwa uMnu uMashamba. UPhasha also ukhale ngokuthi ulokhu ebelesele eqhubeka nokuhlasela iHhovisi loMvikeli WoMphakathi ngokusebenzisa udaba lukaGordhan. Umhlaziyi uMnu u-Aubrey Mashiqe uthe konke ukwenza kukaRamaphosa odabeni lukaMabuza kanye Gordhan kuveza “isithombe somholi ongenamandla”.
Yize kungaziwa ukuthi iyozala nkomoni kepha zikhona izimo osekusobala ukuthi sezimile futhi sekuyoba lukhuni ukuba ziphele. Okokuqala uMengameli wezwe ngesinqumo sakhe sokuqoka uGordhan uthathe uhlangothi kwabanye ngoba bathi bekumele enze lokho okwanqunywa yinkantolo yomthethosisekelo odabeni lukaZuma noMvikeli woMphakathi lapho yanquma khona ukuthi iziphakamiso zoMvukeli woMphakathi ziyama ngisho umuntu efake amaphepha okubuyekeza.
Lapha uMengameli uzibeke esimeni lapho usengasolwa uma engaxosha noma aqondise ubugwegwe komunye kwiKhabhinethi uma loyo esadlulise isinqumo. Ngakolunye uhlangothi udlalele kwizitha zakhe nezikaGordhan neziukholwa ukuthi uRamaphosa neANC iyamesaba uGordhan nokuthi usatshwa nje yingoba uyimpaka yabamabhizinisi nabatshalizimali. Izinsolo zokuthi uyatotswa uGorhan nokuthi kanaphutha futhi akoni zibukeka zisazoba yinkulumo mpiukiswano ngaphakathi nangaphandle kuKhongolose.