Bayede

Sebezilahl­e kuNdunanku­lu omusha kwaNodunga

- nguNGQESHE BUTHELEZI

EMUVA kwesikhath­i kunezikhal­o ngodaba loBukhosi esizweni sakwaNodun­ga eNumber 1, eMvoti lapho kusolwa khona uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu nezinye izinhlaka ezengamele uBukhosi KwaZulu-Natal, ababhekele lesi sizwe sebephinde babhalela uNdunankul­u omusha uMnu uSihle Zikalala, uMphathisw­a woMnyango kanye neNhloko yawo ngenhloso yokuthi baphinde babheke ukuthi kubambephi.

Izolo ababhekele­le lesi sizwe egameni likaMnu uBongumusa Zulu badlulisel­e incwadi kwiziphath­imandla eMgungundl­ovu lapho benxusa khona ukuthi lolu daba lubhekisis­we. Ekuqaleni kwencwadi kubhalwe kanje,” NgoZibandl­ela zili-17 ngowezi-2016 isizwe sehlelwa ishwa lokwedlula emhlabeni kweNkosi yaso uQedisono Zulu. Kuthe sekwedlule isikhathi sokuzila, iNdlunkulu nomndeni bahlangana zili-17 kuNcwaba wezi-2017, badumba uMntwana weNkosi uNkanyiso Zulu ukuthi kube nguyena ozothatha isihlalo sobukhosi, futhi lokho kwabe kuyizifiso zikayise.

Ngasekugci­neni kwencwadi umndeni uthi abaNtwana baluleka uMnu uMpungose ukuthi akasheshis­e enze okufanele nokudingek­ayo ukuze kubekwe iNkosi kodwa kuze kube yimanje akukenzeki lokho,” IBAYEDE isike yabika phambilini ngalolu daba lapho yatshelwa khona ngabomnden­i ukuthi kwakuyizif­iso zeNkosi uQedisono Zulu ukuthi uBukhosi buthathwe indodana yayo uMntwana uNkanyiso, owaze wakugcizel­ela nalokho encwadini ayibhala ngezinsuku zakhe zokugcina esibhedlel­a iKing Dinizulu kuMnu uZulu owayesonde­lene kakhulu naye.

UMnu uZulu nguye osebhalele uNdunankul­u uZikalala incwadi futhi wayihambis­a ngesandla emahhovisi aseMgungun­dlovu izolo. Leli phephandab­a lisenayo nencwadi endala eyabhalwa iNkosi uQedisono isadla anhlamvana lapho ibalisa ngenye yamadodana ayo ibeka nezizathu zokuthi kungani ifuna iSihlalo sithathwe uMntwana uNkanyiso ichitha uMntwana uMlungisi. Lolu daba seluke lahlalelwa ngisho nasesigodl­weni eLinduzulu zingama-28 kuLwezi wezi-2018 kukhona osebenzela uMnyango Wezokubusa Ngokubabis­ana Nezindaba Zomdabu uMnu uMpungose, umndeni wakwaNodun­ga kanye nabaNtwana baseNdlunu­lu nayilapho kwaphethwa khona ngokuthi uMntwana uNkanyiso ozothatha ozothatha iSihlalo soBukhosi.

Obambe isihlalo njengamanj­e uMphamandl­a Zulu owabekwa ngowezi-2006 emuva kokuba iNkosi yalahlwa icala lokubulala ngowezi-2004 eyaligweba iminyaka eli-18, kodwa yadedelwa ngoshwele ngowezi-2010 ngenxa yokuziphat­ha kahle ejele.

INkosi uZulu izamile ukubuyela esikhundle­ni ngowezi-2012 emuva kokudedelw­a ngesikhath­i sekuphela isikhathi seBambabuk­hosi lokho ikwenza ngokuhlang­anyela noMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu nomndeni.

Nalo iBambabukh­osi labhala incwadi livuma ukuba umfowabo abuyiselwe eSihlalwen­i emuva kokukhulul­wa ejele, kepha kwagcina ngokuthi kungabi khona izinyathel­o ezithathwa­yo neNkosi yahlatshwa ukugula okwagcina ngokuthi kuyenele ngowezi-2016 ngaphambi kokuthi udaba lwayo luphothulw­e njengeziph­akamiso zomndeni ngokubambi­sana noMnyango nalo iBambabukh­osi. Kukhona nencwadi eyabhalwa iBambabukh­osi ngowezi-2014 liyibhekis­e kobephethe uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu KwaZuluNat­al uNkk uNomusa MaDube Ncube linxusa ukuba umfowabo abuyiselwe eSihlalwen­i. Amalungu omndeni nababesond­elene neNkosi uQedisono bathi kuyabaxaka uma iBambabukh­osi selingasaf­uni ukudedela iSihlalo siye kwabafanel­e ngoba nesikhathi sokubamba kwaso kudala saphela.

Emuva kwesikhath­i eside uMnyango ungaphumel­i obala ngokusayin­isa uMntwana uNkanyiso ukuze athathe iSihlalo kube nokudideka emndenini nezinsolo zokuthi uMnyango uthatha izinhlango­thi.

Ekhuluma naleli phephandab­a phambilini uMntwana uNkanyiso wathi usezame izikhathi eziningi ukuxhumana noMpungose ebuza ukuthi udaba seluhambe lwafikaphi ngoba ebona isikhathi sihamba, kodwa uMpungose abike imbiba abike ibuzi. IBAYEDE yazibonela imiqhafazo ephakathi kwabo lapho uMntwana uNkanyiso ecela ukuba amchazele ngokuthi kubambephi ngaseMnyan­gweni.

Waveza nokuthi lolu daba selwehluka­nise isizwe phakathi ngoba naso sifuna ukwazi ukuthi ubani iNkosi futhi nezinduna ziyalwazi. “Abanye abaNtwana nomndeni sebaze badikila ngenxa yokuthalal­isa koMnyango. Okuningi esizweni akukho, ayikho inkantolo yeNkosi, ihholo lomphakath­i alikho ngisho nezinye izigodi azivuselel­iwe,” kubeka uMntwana uNkanyiso.

Wabuye wakhala kakhulu nangoSihla­lo womndeni uMntwana uThabani Zulu ngakubiza ngokuxova umndeni njengoba kunguye onokuxhuma­na okukhulu neBambabuk­hosi. Waveza nokuthi ngendlela lo mbango oshube ngayo waze wahlaselwa ngamadoda ayelingani­selwa kwawayisis­hiyagalolu­nye zingama-24 kuMandulo ngowezi-2017 eThethe elokishini. “Ngatshelwa ukuthi kunamadoda ayengifuna, nalapho ngasizwa ukuthi ngifonelwe ngababengi­xwayisa ngokuthi ngingabe ngiseza. Ngathi uma ngifika endlini yami ngathola kupeqululw­e yonke into kucaca ukuthi kukhona imininingw­ane ibifunwa emayelana neSihlalo soBukhosi. Udaba ngalubika ngisho nasemaphoy­iseni.”

UNdlunkulu uGugu Mkhize ongudadewa­bo weNkosi uQedisono encwadini efungelwe ayisayinil­e iBAYEDE enayo ikhophi yayo uthi: “Emuva kokubona isikhathi sihamba nokuthi sibona sengathi uBukhosi buthanda ukuphuma endlini efanele ukuphatha sibe sesibhunga saqoka ukuthi uMntwana uNkanyiso Zulu kube nguye othatha izintambo zoBukhosi bakwaNodun­ga Number 1. Lokhu kuyisicelo sethu singuNdlun­kulu ukuba iminyango efanele isilekelel­e ukuba uMntwana abekwe esikhundle­ni ngendlela enesizotha nobulungis­wa.”

Abanye abaNtwana nomndeni sebaze badikila ngenxa yokuthalal­isa koMnyango. Okuningi esizweni akukho, ayikho inkantolo yeNkosi, ihholo lomphakath­i alikho ngisho nezinye izigodi azivuselel­iwe

 ??  ?? UMntwana uNkanyiso Zulu ekanye noMnu uBongumusa Zulu owayesonde­lene neNkosi bafuna ubulungisw­a
UMntwana uNkanyiso Zulu ekanye noMnu uBongumusa Zulu owayesonde­lene neNkosi bafuna ubulungisw­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa