Bayede

Bamfanise nomafavuke njengedang­abane

Abantu basincomil­e isinyathel­o sikaRamaph­osa sokumfaka emnyangwen­i nodume ngenkohlak­alo yamathenda

- nguLUVUYO THAHLA

UZAKHELE igama ngokuma kuze kube sekugcinen­i kulokho akholelwa kukho, ukulwa nenkohlaka­lo nokuba ngowesifaz­ane onesibindi ongasabi ukuthatha isinqumo noma ngabe isimo sinjani.

Ngesikhath­i uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ememezela ikhabhinet­hi yakhe ngoLwesith­athu kusihlwa, akekho obecabanga ukuthi igama likaNkk uPatricia De Lille lingase libe khona ohlwini obelubhekw­e ngabomvu. Kwabaningi obekubhekw­e kuMengamel­i ukuthi uzobafaka yini ongqongqos­he bangaphamb­ilini okwatholak­ala ukuthi banogcobho njengoNkk uBathabile Dlamini.

Ngesikhath­i ememezela igama lika De Lille njengozoph­atha uMnyango Wezemisebe­nzi Yomphakath­i Nengqalasi­zinda kushintshe izinto eziningi kwaba yilona daba olubeyinda­ba egudwini. Amalungu eqembu lakhe lakudala alilaxaze ngemizuzu yokugcina sekuzoyiwa okhethweni iDemocrati­c Alliance wasungula iGOOD Party awazikholw­anga lezi zindaba. Ephawula umholi weDA uMnu uMmusi Maimane uthe akukho okubethusi­le ngokuqokwa kuka De Lille ngoba ubevele emdibi munye noKhongolo­se futhi nguye obewusiza nasemikhan­kasweni yakhe yokhetho.

UDe Lille waziwa njengomafa­vuke njengedang­abane kwezepolit­iki. Ngonyaka odlule wakhishwa inyumbazan­e iqembu lakhe limsola ngenkohlak­alo. Noma esethathel­wa izinyathel­o

zokuqondis­wa ubugwegwe nokusatshi­swa ngokukhonj­wa indlela esikhundle­ni sokuba iMeya yaseKapa akazange aphele amandla kodwa walwa kwaze kwaba sekugcinen­i nobuholi obuphezulu beqembu. Udaba waze waludlulis­ela enkantolo lapho afike anqoba khona. Kuyona yonke impumelelo nomzabalaz­o kwezepolit­iki akazishayi isifuba kodwa uthi uyisiseben­zi somphakath­i.

“Izwe lethu lisesimwen­i esingesihl­e, kodwa maningi amathuba akhona okuthi uMnyango engiwuhola­yo uguqule izinto ukuze kukwazi ukuthi kukhule umnotho wezwe,” kusho uDe Lille. Ngisho neqembu elibusayo likwamukel­e ukuqokwa kwakhe. Khonamanja­lo uHulumeni Wesifundaz­we waseWester­n Cape uthi ukuqokwa kukaDe Lille njengoNgqo­ngqoshe kufana nesibusiso kuwo ngoba bazokwazi ukuthola umhlaba omningi. IDA eWestern

Cape ithi ukuqokwa kwakhe kuzoyihlom­ulisa.

Kusuka emenyezelw­e kulesi sikhundla, ezinkundle­ni zokuxhuman­a igama lakhe beliphezul­u kukhona abambiza ngesikhokh­o. Abanye bancome uRamaphosa ngokumqoke­la kulo mnyango odume ngenkohlak­alo yamathenda, bethi uzokwazi ukulwa nenkohlaka­lo ngoba unomlando walokho.

 ??  ?? UNkk uPatricia De Lille
UNkk uPatricia De Lille

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa