Bayede

URadebe ubonge uRamaphosa eshiywa kuKhabhine­thi

- nguSABELO MBATHA

UNGQONGQOS­HE osebenze nabo bonke oMengameli bakuleli kusukela izwe lathola inkululeko ngowe-1994 uMnu uJeff Radebe uthi nakuba uMengameli uRamaphosa engambuyis­elanga kwikhabhin­ethi yakhe kodwa uzoqhubeka ngokuseben­za ngokuzikha­ndla kuleli zwekazi.

URadebe usebenze noMengamel­i uNelson Mandela, uMengameli uThabo Mbeki, uMengameli uJacob Zuma, uMengameli uKgalema Motlanthe noMengamel­i uRamaphosa kwaze kwaba isikhatho sokhetho ngasekuqal­eni kwenyanga.

Izolo ukhiphe isitatimen­de ebonga ukwesekwa akutholile yonke le minyaka.

Uphathe iminyango eyisikhomb­isa ehlukene kusukela koWemisebe­nzi Yomphakath­i, Owamabhizi­nisi kaHulumeni, Owezokuthu­tha, Owezobulun­giswa Nokuthuthu­kiswa Komthethos­isekelo, iHhovisi likaMengam­eli oWezamandl­a agcine kuwo ngaphansi kukaRamaph­osa. “Ngiyaziqhe­nya ngolwazi engiluthol­ile njengesise­benzi somphakath­i nomnikelo engiwenzil­e kule minyaka ngisebenza kuhulumeni. Nginqamule zonke izinkalo zakuleli lizwe ngisezigab­eni ezehlukene kuhulumeni ngabamba nezikhundl­a ezihlukene kwezepolit­iki,” kusho uRadebe.

Uthe ipolitiki nokuphathw­a kukahulume­ni kusemithan­jeni yegazi kuye njengoba ehlale iminyaka engama-25 ekuhulumen­i engakwazi ukuhlala nezingane zakhe, nabathandi­weyo bakhe, ngenxa yokuxinwa umsebenzi nokuziboph­ezela ezweni.

Eqhuba uthe ufisa ukubonga eMengameli uRamaphosa ngokumethe­mba ngokuthi amnike umsebenzi wokuba uNgqongqos­he Wezamandla.

Ubuye wabonga nabantu baseNingiz­imu Afrika abahlala bekhumbuza uHulumeni nsukuzonke ngokubalul­eka kwenkulule­ko abayithola. Abanye ongqongqos­he abadala abangabuya­nga uDkt uSiyabonga Cwele, uMnu uGugile Nkwinti, uMnu uDerrick Hanekom, uMnu uRob Davies.

 ??  ?? UMnu uRob Davies
UMnu uRob Davies
 ??  ?? UMnu uDavid Mahlobo
UMnu uDavid Mahlobo
 ??  ?? UMnu uJeff Radebe
UMnu uJeff Radebe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa