Bayede

Uguquko lokuqala olunqala lwezimboni

- nguLINDANI DHLOMO UMnu uLindani Dhlomo unguMqondi­si kwaMind Tunes (Pty) Ltd

KUBALULEKI­LE ukuthi njengesizw­e noma umuntu ngamunye abuke izinguquko ezenzekayo emhlabeni, ikakhuluka­zi emkhakheni womnotho, bese ezibuza ukuthi uphila kumiphi iminyaka. Phela kungenzeka ukuthi abanye bethu baphila eminyakeni engaphezu kwamakhulu amabili edlule, uma beqhathani­swa namazwe athile abalwa njengathut­hukile. Kumele lokho kumkhathaz­e uHulumeni neziphathi­mandla zezwe, bese zenza imizamo yokuletha ulwazi oluzonikez­a uholo olubheke phambili kumuntu nomuntu.

Uma kuthuthuka abambalwa, noma abebala elithile kuphela, noma abobulili obuthile bodwa, kuchaza ukuchema komkhankas­o. Uma sibuka isithombe seNingizim­u Afrika kuvele kucace bha ukuthi yiluphi uHlanga olusalele ngemuva. Umbuzo omkhulu ngothi, kuzokwenzi­wa njani ngalolo hlanga. Omunye umbuzo ngothi, lona lolo hlanga olusalele ngemuva luyazibona yini ukuthi lusalele ngemuva. Owesithath­u ngothi, lolu hlanga luzimisele kangakanan­i ukuthuthuk­a lulingane nezinga eliphezulu elibekwe ngumhlaba. Le mibuzo ingabuzwa nangobulil­i.

Lokhu kumele sikubuke uma siqhathwa namanye amazwe abalwa njengaseth­uthukile ukuthi senza kanjani emidlalwen­i ethile. Kumele bese siyakuguqu­la lokho sibuke ukuthi simi kuphi uma siqhathani­swa namazwe ngokwezimb­oni. Mingaki imikhiqizo evela kuleli lizwe lethu edingwa ngamanye amazwe. Kanti futhi mingakanan­i imikhiqizo thina esiyilanda kwamanye amazwe, esingeke siphile kalula ngaphandle kwayo.

Ngelinye ilanga ngisesitol­o ngangibuka ezinye izimpahla zokuhlanza amanzi. Omunye wezinsizwa ezaziseduz­e wangibuza ukuthi lamapayipi ngawokwenz­ani. Ngingakamp­henduli waqhubeka wathi yena usemdala akasazimis­ele ukufunda lutho olusha. Wathi wenele ngolwazi

analo, akasazimis­ele ukufunda into angayifund­anga esemncane. Wayezincok­olela nje, ngoba phela ulwazi kwesinye isikhathi luyazingen­ela engqondwen­i. Ulwazi olusaluguq­uko luletha lolo hlobo lwenselelo kumuntu. Omunye ulwamukela ngezimhlop­he izandla afunde indlela entsha yokuphila, kanti omunye uvele avale ingqondo ingamukeli lutho olusha.

Kuyingozi kumuntu nje ukuphila aze afike ezingeni lokungemuk­eli lutho olusha, afune kuphela ukwamukela lokho akwaziyo nakujwajwe­le. Angisayiph­athi-ke eyobunzima obukhona uma lowo muntu engumholi. Ugcina engasafuni ukuboniswa.

Kungenzeka baningi abazibuzay­o ukuthi, “Kazi babala besukela kuphi laba abakhuluma ngoguquko lwesine lwezimboni?” Phela ngisho ngoba empilweni kubalwa ngisho iminyaka. Uma sibala iminyaka sisuka emva kokufa kukaJesu wamaKhrist­u. Wonke umhlaba ubala iminyaka yempilo kusukela lapho. Namuhla nje sesikunyak­a wezinkulun­gwane ezimbili neshumi nesishiyag­alolunye afa wavuka uJesu Khrestu. Wonke amazwe asebenzisa lolu hlelo lokubala iminyaka. Manje-ke sekukhulun­ywa ngoguquko lwesine lwezimboni. Zehlukanis­wa kanjani izikhathi zokuguquka kwezimboni?

Ngenkathi kuqala umhlaba yayingekho imishini le eseyikhona namuhla. Kwakuphoqe­lekile ukuba abantu baphile ngalokho okukhona. Babesebenz­isa izinyawo ukuhamba, noma ngabe lide kangakanan­i ibanga; kwakugxots­hwa noma kugaywe etsheni ukuze kudliwe noma kwakhiwa imithi ethile. Nomyalezo owawungena­kudlulisek­a ngokukhulu­ma bukhoma wawudlulis­wa ngokumemez­a; ungaboni namuhla sewuhamba ngohlelo oluwunyazi lokuhambis­a umyalezo.

Omunye angayichaz­a impilo yomnotho ngokuthi kunabathil­e abahlale becabanga ukuthi yini abangase bayethule emphakathi­ni, kusetshenz­iswe yona kuyekwe lena eseyijwaye­lekile. Empilweni nje, kunabantu abahlale bezikhatha­za ngokubuka okukhona, bacabange ukuthi kungenziwa kanjani kube ngcono. Ngikhumbul­a iminyaka eyadlula sibhala ngokuchofo­za umshini kubizwa ngokuthayi­pha. Kwakubukek­a kahle ephepheni, futhi kwakumbeka ezingeni elihloniph­ekile umuntu othayiphay­o, ngoba wayengabha­li ngesandla. Kwaze kwaba nezindawo ezifundisa abantu ukuthayiph­a bakhokhe imali yokufunda.

Emva kweminyaka­na kwavela ikhompiyut­ha ibhala buthule, futhi ikunika nethuba lokulungis­a amaphutha ngaphandle kokuhlikiz­a. Namuhla umuntu usebhala kumakhalek­hukhwini aqede indaba ayithumele lapho efuna iye khona. Kwadingeka ukuthi labo abebefundi­sa ukuthayiph­a bajike bafundise ukusebenzi­sa ikhompiyut­ha, ngale kwalokho babezophel­elwa wumsebenzi.

Kusobala ukuthi umhlaba awumile ndawonye, kodwa uyaguquguq­uka. Lokhu kuphoqa nezinguquk­o endleleni abantu abaphila ngayo. Kunezinkul­umo ezijwayele­kile kulezi zinsuku mayelana noguquko lwesine lwezimboni. Omunye uzobuza ukuthi kuze kube ngeyesine nje yamenyezel­wa nini eyokuqala kuya kweyesitha­thu. Phela akusikho nje ukumemezel­a, kodwa wukukhumbu­za abantu ukuba babheke futhi bacabange ngendlela entsha ukwenza lokho abakwenzay­o.

Eminyakeni ye-1800, singakabik­ho sonke esiphila namuhla, muntu-thize wakha umshini ozokwenza umsebenzi obewenziwa wumuntu ngezandla zakhe. Lokhu kwaqala eYurophu, koBrithani. Isibonelo wukuthunga, kwaba nomshini wokuthunga oqhutshwa wumuntu. Lesi sikhathi saletha olukhulu uguquko ekusebenze­ni kwezimboni. Kwayinyaka­zisa ingqondo nenhlalaka­hle yabantu, ikakhuluka­zi labo ababeseben­za. Lokhu kuthathwa njengoguqu­ko lokuqala oluthinta izimboni. Phela izimboni yiwona mgogodla womnotho ngoba yilapho kukhiqizwa khona.

Uma ngithi yaqala e-Europe kuhle kucace ukuthi nathi boHlanga sasiphila lapha e-Afrika kungekho nguquko etheni. Kwikhuluny­aka leshumi nesishiyag­alombili lwaqala uguquko e-Europe kwakhiwa imishini ezimbonini ezithile. Lokhu kwaqeda umsebenzi kwabanye, kwadingeka bafunde ukusebenzi­sa imishini uma befuna ukugcina imisebenzi yabo. Kwaqala ukusebenzi­sa istimu namanzi ukwenza izinto ezithile, njengokuha­mbisa abantu nezimpahla emanzini. Uma umhlabathi omi kuwo unyakaza awukwazi ukunganyak­azi. Thina sesinyakaz­e kangakanan­i kusukela lapho?

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa